Uchitha eyokusungula iqembu elisha nelesithathu uTrump



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
OwayenguMengameli wase-USA uDonald Trump uveze ukuthi kungenzeka angenele ukhetho lobumengameli ngonyaka wezi-2024, wahlasela uMengameli uJoe Biden waphinda nezinsolo zakhe zokuthi wayelunqobile ukhetho lwangowezi-2020.
Lokhu ukusho ebonakala okokuqala okungokukhulu selokhu aphuma esikhundleni esikhathini esingangamasonto ayisithupha adlule.
“Inhlangano yethu yabantu abasebenza kanzima bakuleli lizwe kusaqala futhi ekugcineni sizophumelela. Sizophumelela,” kusho uTrump ekhuluma kuConservative Political Action Conference (CPAC) e-Orlando, eFlorida.
Esaqhubeka nokuchitha eyokwehlulwa okhethweni lwangoLwezi nyakenye nguBiden, uTrump ugxeke amasonto okuqala kaBiden esikhundleni sobuMengameli waphinde waphakamisa ukuthi angase alungenele ukhetho oluzayo.
“Bayilahlile iWhite House,” kusho lowo owayehola iqembu lamaRepublican ngemuva kokugxeka indlela uBiden aelawula ngayo udaba lokuphepha komngcele. Kodwa kwazi bani, ngingase ngikhethe ukubahlula okwesithathu.”
Amasonto okugcina kaTrump esehhovisi abamesekayo bagasela enhlokodolobha yaleli lizwe bezama ukuvimba ukugunyazwa kokunqoba kukaBiden athi kwakukhungethwe ukukhwabanisa.
Impi yabegceke isiqalile eqenjini lamaRepublican njengoba amalungu abalulekile njengomholi weNdlu YeziGele, uMitch McConnell, enentshisekelo yokuthi kukhohlwe ngoTrump kanye nabanye kepha loyo oseka uTrump uSigele uLindsey Graham, nabanye basanenkolelelo yokuthi ikusasa laleli qembu lilele kubantu abasekela uTrump.
UTrump umemezele ukuthi iqembu lamaRepublican libumbene futhi akanazo izinhlelo zokuqala iqembu elisha lesithathu, okuyiqhinga ayexoxisane ngalo nabeluleki bakhe ezinyangeni ezidlule.
“Asiqali iqembu elisha. Thina sineqembu lethu iRepublican Party. Lizobumbana liphinde libe namandla amakhulu kunakuqala. Angiqali iqembu elisha mina,” kusho uTrump.
Imiphumela yenhlolovo ebanjwe kuyo ingqungquthela yeCPAC ikhombise ukweseka uTrump njengoba amaphesenti angama-55 abantu bathi bangamvotela okhethweni lokuhola iqembu lamaRepublican. Umlawuli waseFlorida uRon DeSantis yena uphume isibili ngamaphesenti angama-21.
Ngaphambi kokuthi kufakwe uTrump uDeSantis ubezihola ngamaphesenti angama-43 kanti abebemlandela bebenezibalo ezincane kakhulu.
Kepha akuyena wonke umuntu osekele uTrump. Omunye umbuzo obekwe kule nhlolovo ngothi ngabe uTrump kufanele yini angenele ukhetho lwangowezi-2024? Imiphumela iphume yehlukene ngesizathu sokuthi amaphesenti angama-68 athe kufanele alungenele kwathi angama-32 athi awanakuphawula enye ingxenye yathi akangalungeneli ukhetho.