Now Reading
IFrance ishaya unqimphothwe nge-AstraZeneca
Dark Light

IFrance ishaya unqimphothwe nge-AstraZeneca

Ngenyanga eyedlule uMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron uthe umgomo wokhuvethe i-Oxford-AstraZeneca ubuthuntu kubantu abaneminyaka yobudala eyevile kwengama-65. 

Okulandele le nkulumo ukuthi uNgqongqoshe wezase-Europe kuleli lizwe uClément Beaune asole iBritain ngokuzifaka engozini ngokwethembela kuphela emgomeni wayo okuyiyo i-Oxford-AstraZeneca. Kumanje uMacron uthi engakujabulela ukukhangezwa lo mgomo. 

UHulumeni wakhe uphinde wamemezela ukuthi lo mgomo uzotholwa nabaneminyaka engaphezu kwama-65, okuyinkulumo eshayisanayo neyenyanga eyedlule. 

Miningi imibuzo ngalokhu kushintsha kwenkulumo yaleli lizwe. Kuyavela ukuthi inhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union (UN) iyehluleka ukuhlinzeka amalungu ayo ngomgomo. 

Okungenzeka ukuthi ngokwesaba ukuthi angeke baba nemgomo eyanele okungakho sebeshintsha ukukhuluma ngowaseBritain nakuba kwalona leli lizwe lasola iFrance ngokugodla imgomo yabo iCovax engabe inikeza amanye amalungu e-EU. 

Lo mgomo waseBritain wexwaywa amazwe amaningi emuva kocwaningo lwaseNingizimu Afrika olwathola ukuthi ubuthuntu. Okungakho ngaphandle kokunaka ipolitiki yase-Europe kungethusanga okwakushiwo uMacron ngomgomo waseBritain. 

Ngokwepolitiki yase-Europe, amalungu e-EU awayikhonzile iBritain kulandela ukuhlubuka kwayo okwaziwa ngeBrexit. Nakho lokhu kungenzeka ukuthi esinye sezizathu esadala iFrance ukuba ikhulume kabana ngomgomo wakuleli lizwe. 

UNgqongqoshe Wezempilo eFrance u-Olivier Véran uthi ngokuboniswa ochwepheshe bezempilo izwelakhe lizowusebenzisa umgomo waseBritain nakubantu abakhulile. Uqhubeke wathi: “Ngingasho ngithi kusukela manje abantu abaneminyaka engama-50 kuyaphezulu abanezifo ezifana noshukela, ihayihayi okanye abanomhlando womdlavuza sebengagonywa nge-Oxford-AstraZeneca, lokhu kufaka abaneminyaka engama-65 kuya kwengama-74.” 

See Also

Okwamanje leli lizwe belisasebenzise amaphesenti angama-24 kumaconsi ayisigidi nanye elawathola. Odokotela abazimele sebeqalile ukugoma iziguli zabo ngalo mgomo. 

Lokhu kushintsha umqondo kweFrance kulindeleke ukuthi kube nomthelela nakumanye amazwe abewungabaza lo mgomo afana neGermany, i-Italy kanye neSpain. 

Nochwepheshe bezempilo baseGermany emuva kwengcindezi ebangelwa ukugxekwa ngokwehluleka ukuhlinzeka ngemgomo yokhuvethe sebethe bazohlolisisa kabusha imgomo abanayo abangayisebenzisi. Le nkulumo ilandela imibiko yocwaningo lwaseScotland oluveza ukuthi i-AstraZeneca yehlisa amathuba okufakwa esibhedlela ngamaphesenti angama-94 emuva komjovo owodwa kanti nakubantu asebekhulile unomthelela omuhle. Kumdonsiswano wamalungu e-EU neBritain kubonakala iBritain iwunqoba lo mzuliswano. 

Kulindeleke ukuthi ne-EU isheshe ukugunyaza ukusetshenziswa kwalo mgomo ikakhulukazi ngoba iFrance yakhetha ukuwugodla owayo kanti ayihoshelani neRussia yona enomgomo iSputnik V onconywa umhlaba wonke ngomthelela omangalisayo. Le nhlangano iyavuma ukuthi iyiphathisa ngekhanda eyokuthi amalungu ayo afana neCzech Republic, i-Austria, iHungary neGermany aseqome ukuyothenga umgomo waseRussia ngaphandle kokugunyazwa yiyo. 

Scroll To Top