IChina ithi isibuqede nya ububha kubantu bayo



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
UMengameli waseChina uXi Jinping uthe izwe lakhe seliyinqobile impi yokulwa nobubha.
UJinping uthe uHulumeni usekwazile ukutakula izigidi eziyikhulu zabantu ezidladleni zobubha esikhathini esiyiminyaka eyisishiyagalombili.
“Sesiyinqobe ngokuphelele impi ebilwa nobubha,” kusho uXi emcimbini obubanjwe eBeijing nalapho ethe khona le nzuzo iyisimanga esiyingqophamlando.
“Kule minyaka eyisishiyagalombili, abantu abayizigidi ezingama-98.99 abahlala emphakathini yasemakhaya ehlwempu bakhishiwe empilweni yobuphofu,” kusho uXi.
UHulumeni usebenzise imali elinganiselwa kusigidintathu owo-1.6 wamaYuan, osigidintathu aba-R3.2, ezinhlelweni zokulwisana nobhubha.
Uhlelo lokulwisana nobubha lwethulwe ngaphansi kobuholi bukaMengameli, kanti izingqapheli ezinye zilubone njengomsebenzi onzima ukuthi ubungafezeka kulesi sikhathi ebesibekiwe.
IChina ithe ukuqedwa kobubha kuleli lizwe elinabantu abayisigidigidi esiso-1.4 kusho ukuthi selisheshe lazifeza nezinhloso zeNhlangano Yezizwe zokuqeda ububha emhlabeni ngonyaka wezi-2030.
UXi uthe alikho elinye izwe eselikwazile ukukwenza lokhu iChina esikwenzile nokuwukutakula abantu abayizigidi eziyikhulu empilweni yobubha.
Nokho umsebenzi awupheleli la, ngokusho kukaXi njengoba ethe imizamo emisha iyadingeka ukuthatha konke lokho okuzuzwe khathi kuqedwa ububha ukuqhuba umkhankaso wokuvuselela izindawo zasemakhaya.
Uqhube wathi kuzomele kube nemizamo yokuqinisekisa ukuthi ububha abuphinde bubuye. UXi ugcizelele ukuthi kuzomele kuhlonzwe izisombululo ezizothinta ezolimo, izindawo zasemakhaya kanye nabalimi ukuze zibe ezinye zezinto ezimqoka eqenjini elibusayo.
UMengameli waseChina uhloniphe ngezindondo abantu abebejutshwe ukuhola izinhlelo zokulwisana nobubha emphakathini eyehlukene. Phakathi kwabantu abathole izindondo bahlanganisa abaholi bemiphakathi, amalungu eqembu elibusayo kanye nabacwaningi kule minyaka eyisishiyagalombili.
Isigungu sabahlaziyi esihlanganiswe iphephandaba elingaphansi kombuso sikhiphe umbiko obheka uhlelo lokulwa nobubha. Umbiko weNew China Research uthe iChina isebenzise izingqalasizinda kanye nezinsiza zemvelo ukuqinisekisa intuthuko ezindaweni ezihlwempu.
Umbiko uthole ukuthi iningi lezindawo ezihlwempu zisungule amabhizinisi ahlukene nokugcine kusiza ukukhulisa umnotho ezindaweni eziningi kwaphinde kwavuleka namathuba omsebenzi.