Uphenyo ngemijovo yokhuvethe kushona ababili eBotswana



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Sekuvele ukuthi iBotswana iphenya ukushona kwabantu ababili abaphakathi kwezinkulungwane zabantu ezathola umgomo wokugomela ukhuvethe i-AstraZeneca, ukuzama ukuthola ukuthi ngabe ukufa kwabo akuxhumene yini nalo mgomo.
Lokhu kushiwo uMnyango Wezempilo kuleli lizwe. IBotswana okuyizwe eliseningizimu yase-Afrika kuze kube imanje selikhiphe imithamo engaphezu kwezi-31 000 zomuthi wokugomela ukhuvethe okuyiwona kuphela leli zwe elisawukhiphile.
Izwe i-India lanikela ngemithamo eyizi-30 000 zomuthi wokugoma owawenziwe yiSerum Institute of India (SII), laphinda leli zwe lathenga imithamo eyizi-33 000 ezweni iSouth Korea owawenziwe yiCovax.
Laba ababili abashonile kuvela kuthi bajovwe ngomgomo othengwe e-India. Inkampani i-AstraZeneca kanye neSII abasheshanga baphendula ngalolu daba. UMnyango Wezempilo awuchazanga kabanzi ukuthi laba ababili bashone kanjani.
Izigidi zemithamo ye-AstraZeneca isilawuleke ngokuphepha emhlabeni wonke. I-European Medicines Agency (EMA) ithole imibiko eyi-159 ngokwakheka kwamahlule egazi okungavamile ebuchosheni ekuqaleni kukaMbasa ngemuva kokukhishwa kwemithamo eyizigidi ezingama-34, ngokusho kukaSabine Straus onguSihlalo wekomiti le-EMA
UMnyango uthe imibiko eminingi iveza ukuthi ngabesifazane abaneminyaka engaphansi kwengama-60 abathintekile kulokhu waphinde wathi laba abashonile ngabantu asebekhulile. Imigomo eyenziwe e-Inida ngeyayo i-AstraZeneca kepha ibizwa ngokuthi yiCovishield. “UMnyango usudlulisele lolu daba kuMlawuli okuyiBomra ukuthi iphenye kabanzi. Kulindeleke ukuthi uphenyo lweBomra luthole kabanzi ngokuthi yini ebulele laba ababili, nokuthi kungenzeka yini ukuthi ukushona kwabo kuhlangene nomgomo wokhuvethe,” kusho isitatimende.
Kwelulekwe umphakathi ukuthi uhlale uzothile, kwathiwa abantu abasanda kululama ekuguleni okunzima kufanele bame kancane ukuyothola lo mgomo.
Lolu phenyo kuleli lizwe luqhamuke ngemuva kokuthi uMlawuli wase-Europe eveze ukuthi kukhona ukuxhumana okukhona phakathi kwalo mgomo kanye nokwakheka kwamahlule egazi ebuchosheni. Ochwepheshe bathi noma ngabe kutholakala ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi komgomo wokhuvethe nokwakheka kwamahlule, ubungozi balokhu akuyamaniswa nokutheleleka ngokhuvethe okungadala amahlule afanayo anye nezinye izimpawu ezinzima.
IBotswana isibike izibalo ezingaphezu kwezi-40 000 zabantu abanokhuvethe kwathi abangama-630 bashona njengoba kuhlasele lolu bhubhane, okuyisibalo esincane uma kuqhathaniswa namanye amazwe, kepha umnotho waleli lizwe okhushulwa yidayimane wathola ukukhubazeka kakhulu ngonyaka odlule ngenxa yalolu bhubhane.
Umgomo we-AstraZeneca awubizi kakhulu futhi utholakala kalula. Awudingi ukuhlaliswa kumazinga okubanda aphezulu njengeminye imigomo.