Amaphoyisa namasotsha badudula ababhikishi eMyanmar
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaphoyisa aseMyanmar adubule ababhikishi kulo lonke leli lizwe ngeSonto okube usuku lapho kuchitheke igazi kakhulu kunazo zonke izinsuku kusukela kwaqala imibhikisho ephikisana nokuvukelwa kombuso ngumbutho.
Ngokusho kwehhovisi lamalungelo abantu le-United Nations (UN), kushone cishe abantu abali-18. Amaphoyisa abephume ngobuningi bawo kusaqala usuku, adubule ezindaweni ezahlukene zezwe ikakhulukazi edolobheni iYangon ngemuva kokuthi isisi esikhalisa unyembezi neziqhumane kwehluleke ukuhlukanisa ababhikishi. Amasotsha aphinde angenelela elekelela amaphoyisa.
Iningi labalimele bebehudulwa bethathwa ngababhiksihi okuholele ekutheni igazi ligcwale imigwaqo okubonakale ezithombeni ezithathwe ngabezindaba.
Omunye wesilisa ushone ngemuva kokuthi eyiswe esibhedlela edutshulwe esifubeni, kusho udokotela ongathandanga ukuthi adalulwe ngenxa yokwesabela ukuphepha kwakhe.
“Amaphoyisa kanye nebezombutho sebehlasele umbhikisho obunokuthula, besebenzisa amandla ngokusho komthombo nemininingwane etholwe yihhovisi lamalungelo le-UN. Sekushone abantu abacishe babe yi-18 kwathi abangaphezu kwama-30 balimala,” kusho ihhovisi le-UN.
Leli zwe libe neziphithiphithi kusukela umbutho wathatha izintambo zokubusa wabopha umholi waleli lizwe owayeqokwe ngentando yeningi u-Aung San Suu Kyi kanye nabanye abaholi beqembu lakhe kuqala uNhlolanja nonyaka.
Abezombutho babemsola ngokukhwabanisa mayelana nemiphumela yokhetho olwamqoka njengomholi waleli zwe.
Ukuvukelwa kombuso okwamisa izinyathelo zenguquko yentando yeningi ngemuva kweminyaka engama-50 leli zwe libuswa ngezombutho, sekuphoqe ukuthi amakhulu abantu angene emigwaqeni abhikishe nokugxekwa kwakho ngamazwe asentshonalanga.
Kulaba abahlanu ababulawa edolobheni iYangon kubalwa unjiniyela wenethiwekhi uNyi Nyi Aung Htet Naing, okuthe ngaphambi kokuthi ashone waphawula ngokukhathazeka kwakhe ngesandla samaphoyisa nombutho ukubhekana nemibhikisho kanye nezempilo.
Uthisha uTin New Yee ushone ngemuva kokuthi amaphoyisa esebenzise iziqhumane ukuhlakaza umbhikisho wothisha. Lokhu kuvezwe indodakazi yakhe kanye nomunye owayengumlingani wakhe.
Amaphoyisa adedela iziqhumane ngaphandle kwesibhedlela saseYangon okwabalekisa odokotela kanye nabafundela ubudokotela. Inhlangano eyaziwa ngokuthi yiWhitecoat Alliance of Medics ithe amalungu ayo angama-50 aboshiwe.
Abathathu babulawa eDawei eningizimu yezwe, kusho usopolitiki uMin Htike ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekulo leli dolobha. Ababili bashona eMandalay.
Ngokusho kwabezindaba kuphinde kwavela ukuthi owesifazane udutshulwe ekhanda. Amaphoyisa kanye nomkhulumeli womkhandlu wezombutho ohola leli zwe njengamanje abaphawulanga bebuzwa ngalolu daba.

