Ibukeka iweza ngelibanzi uNdunankulu iNkosi yaseMalaysia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkosi yakuleli lizwe imemezele ukuthi ilifaka ngaphansi kwesimo esibucayi izwe kuleli sonto emizamweni yokunciphisa ukubhebhetheka kwegciwane lesifo ukhuvethe. Lesi senzo kuyabonakala ukuthi sizoqinisa amandla kaNdunankulu waleli lizwe uMuhyiddin Yassin (osesithombeni) ekuliholeni futhi siphinde sivimbe noma imuphi umzamo wabaphikisana naye ukuba baphoqe ukhetho oluphuthumayo.
Enkulumweni ebivezwa kuthelevishini uMuhyiddin uthe iPhalamende lizovalwa isikhathi esinqunyiwe waphinde wathi ukhetho ngeke lubanjwe kuleli lizwe eliseningizimu yempumalanga nezwekazi i-Asia ngesikhathi lingaphansi kwesimo esibucayi esingahle sibe khona kuze kushaye uNcwaba.
“Ake nginiqinisekise, uHulumeni wabantu uzoqhubeka nokusebenza. Isimo esiphuthumayo esimenyezelwe iNkosi akukona ukuvukelwa kombuso futhi nesikhathi sokungena endlini angeke sibekwe,” kusho uMuhyiddin emizamweni yakhe yokwehlisa amaphaphu ezakhamuzini ngemuva kwesimemezelo.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi ukhetho lwezwe luzoba khona ngemuva kokuthi ikomiti elibhekene nokhuvethe selinqume ukuthi ukubhebhetheka kwaleli gciwane sekunciphile futhi sekuphephile ukuthi kube nokhetho,” kugcizelela uNdunankulu.
Lesi sinyathelo okwamanje sizonciphisa ukungazinzi kwezepolitiki kuleli lizwe kusukela umfelandawonye wakhe wangena emandleni ngemuva kokuqumbeka phansi kowawuholwa umakadebona wakuleli lizwe uMahathir Mohamad. Abanye abashayi bemithetho kuleli lizwe abakumfelandawonye obusayo bebephakamisa ukuthi kubanjwe ukhetho oluphuthumayo, kwathi umholi weqembu eliphikisayo u-Anwar Ibrahim wathi yena unezibalo eziningi zabalandeli angakwazi ukwakha ngazo omunye uHulumeni.
Lesi sinqumo sokufaka izwe ngaphansi kwesimo esibucayi sichaza ukuthi uHulumeni walo usuzokwazi ukufaka imithetho ngaphandle kokuthi iqale idluliswe ePhalamende.
Kwenzeka konke-nje lokhu uNdunankulu ubesanda kubeka ukuthi akusavumelekile ukuhamba kuleli lizwe izinsuku ezili-14 ezifundeni eziyisithupha.
Ezempilo zaleli lizwe elinezakhamuzi eziyizigidi ezingama-32 kuvela ukuthi bese zithelwe kanzima. Njengoba izibalo zabantu abanokhuvethe ngosuku ziqophe umlando ngesonto eledlule ziba ngaphezu kwezi-3 000. Ngokwezibalo, bayizi-138 000 abantu abanokhuvethe kuleli lizwe kanti bangama-555 asebeshonile.
Ngaphansi kwesimo esibucayi, umbutho wezokuvikela unganikwa amandla okuthi ulekelele kwezempilo futhi namaphoyisa nawo angase athole ukwandiselwa amandla. Kodwa isinqumo sithe ezomnotho zona ngeke ziphazamiseke.
Umnotho waleli lizwe wakhubeka kakhulu ngenxa yezinyathelo ezathathwa ngonyaka odlule ukubhekana nokhuvethe
Izazi zomnotho zixwayise ngokuthi izinyathelo ezintsha ezifakwayo zemvalelwakhaya kanye nesimo esibucayi kuzokwenza kube nzima ukuthi kufezeke uhlelo lukaHulumeni lwalo nyaka lokuvuselela umnotho wezwe ngamaphesenti ayisi-6.5 kuya kwayisikhombisa.
INdlunkulu iveze ukuthi iNkosi u-Al-Sultan Abdullah ivume isicelo sikaNdunakulu sokuthi imemezele isimo esibucayi ngenxa yalolu bhubhane oselufike esigabeni esibucayi. Kodwa kuyavela ukuthi iNkosi yake yasinqaba lesi sicelo esasiqhamuka kuNdunankulu ngoMfumfu ngonyaka odlule ngenxa yokuthi abaholi abaphikisayo bathi lokhu kwakuyindlela kaNdunankulu yokuhlala emandleni.