Amehlo asethe njo kuMncwango weDA



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Ngesikhathi injolozela ibisezinkingeni ezikhungethe iqembu elibusayo, amehlo abesukile kwamanye amaqembu kuleli. Nokho okwenzeke maphakathi nesonto kushiye imibuzo ngesimo samaqembu aphikisayo kuleli. Kuleli sonto iDemocratic Alliance (DA) ishiywe ngesinye sezikhuphekhuphe zayo ebese sineminyaka engama-20 siyilungu uMnu uJohn Moodey. Lo mholi ubeyilungu leSishayamthetho kanye nomholi wenhlangano eGauteng. Kanti uke wabalwa nakulabo abebefuna ukuhola leli qembu.
Ekushiyeni kwakhe ushiye angalazi kuDA nabaholi bayo abathile nabasole ngobandlululo nathi kababhekeleli aboHlanga Udaluile nokuthi owayengumholi weqembu uMnu uMaimane waboshelwa amanqina enyathi. Uthi selokhu kwasula uMaimane labo ababemeseka sebehleli lubhojozi. Uveze nokuthi abaholi abayisi-6 ezifundazweni babhekene namacala okungenzeka ukuthi uma betholwa benawo kube wukuxoshwa kwabo.
Le nkululumo yenze amehlo abheka kumholi weDA KwaZulu-Natal nowayengafihli ukuthi weseka uMaimane uMnu uZwakele Mncwango. Umthombo ongaphakathi kuDA nokhulume nelaboHlanga uthe uMoodey ugxume kuqala into obekungabe yenziwe nguMncwango ngoba cishe basesimweni esifanayo. “Angazi uZwakele ulindeni ngoba la belungu bayalwa manje. Kuqale ngoLindiwe, uDe Lille kwalandela uMaimane. Beza kuye manje uma engabhekile futhi bayeza. Yebo naye unawo amacala abhekiswe kuye. Bekungcono ukube bekuzophatha uMbali ngoba uJohn vele akamfuni uMncwango ngenxa yokuthi waseka uJames wabuye waseka uMaimane, manje weseka uMbali.”
ElaboHlanga lizame lancama ukuthola uMncwango nobevale izincingo zakhe. Nokho likwazile ukukhuluma noMholi weqembu kuSishayamthetho, uMnu uFrancois Rogers. Lo mholi uveze ukuthi naye uzizwile izinkulumo ebezithi uMncwango angahle ashiye.
“Ngimthintile emini ngambuza ngalezi zinsolo kodwa waphendula wathi kuyihlaya lokhu, kuyinto engekho,” kusho uRogers.
Ukushiya kukaMoodey kanye nezinsolo ngoMncwango zilunjaniswe nokusungulwa kweqembu laloyo owaye yilungu neMeya uMnu uMashaba, i-ActionSA. UMncwango waziwa ezinhlakeni zeqembu njengoweseka uMoodey kangangokuthi ngesikhathi uMoodey enqobe ukhetho lokuhola iGauteng uMncwango wahamba waya eGoli beyobungaza.
URogers uqhubeke wathi yize bengeke benze lutho ngala mahemuhemu kodwa ngeke bavimbe muntu ngesifiso sakhe uma efisa ukujoyina elinye iqembu.
“UMashaba simfisela konke okuhle ngeqembu lakhe elisha aselisungulile kodwa sizokubeka singananazi ukuthi kasinavalo siyinhlangano, kade sasikhona kulo mdlalo,” kuchaza uRodgers.
UNks uMbali Ntuli ogaqele ukuhola iDA kuzwelonke ezinkundleni zokuxhumana the: “Umzuzu obuhlungu lona wokubona umholi ofana noMoodey eshiya iqembu alisebenzele kangaka iminyaka engama-20. Akungabazeki ukuthi uyibekile induku ebandla ngokuzimisela ebumba iDA enekusasa eliqhakazile nesebenzela abantu baseNingizimu Afrika futhi enenhloso yokwakha iDA enezinhlanga ezibumbene. Ngimfisela okuhle kodwa umhlonishwa uMoodey. Ukwazile ukusebenza kanzima ekhulisa iDA eGauteng kunzima kodwa waphumelela.”
Omunye umholi waseThekwini noyikhansela khona, uNks uNicole Graham yena uthe akananxa nabantu abasebenzisa ilungelo labo bashiye amaqembu abebekuwo bese bejoyina amanye kodwa angakuthandi ukuthi umuntu bese ekhuluma kabi ngoba esehambile kuleyo nhlangano.
“Anginayo inkinga ngomuntu ozikhethela iqembu alithandayo kodwa kuyangikhathaza ukuthi uma inhlangano obukuyo usuyishiyile bese uyaqala uyikhuluma kabi ususho zonke izinto lezi ekubeni mina ngiqhubeka nokuyisebenzela kanzima. Lokho akukuhle futhi akwakhi,” kusho uNks Graham.
UMholi weDA kuzwelonke, uMnu uJohn Steenhuisen uziphikile zonke izinsolo zobuhlanga ezishiwo uMoodey.
“Ëmuva kweminyaka emingaka engama-20 ekuDA uMoodey kodwa usezokhala ngobuhlanga manje. Lokho akushoyo kuyiphutha kodwa okunye njengoba ebebhekene namacala abebekwe wona iqembu. Bakhona nabanye abanamacala abo okuwumgomo wenhlangano ukuthi labo bantu baqondiswe ubugwegwe kunoma bakuziphi izikhundla kungakhethwa phela emasini kodwa bakhona enhlanganweni abahambile,” kuchaza uSteenhuisen.
Umhlaziyi wezepolitki, uMnu uXolani Dube uthe akamboni uMncwango eshiya iDA ngaphandle uma kungukuthi unezinkinga zangaphakathi ezingahlanganisa amacala enkohlakalo.
“UMncwango ufunde lukhulu kuzakwabo uSizwe Mchunu oshiye iDA kodwa manje usephenduke inhlwa ku-African National Congress. Khumbula ukuthi uMchunu ubengumuntu omkhulu njengomholi noma umuntu weqembu eliphikisayo kodwa ukuya kwakhe ku-ANC kumqedile. Ngakho uMncwango akayi ndawo kuDA ngoba neminyaka isamvuna futhi isikhundla sakhe sokuba seSishayamthetho simholela kahle ngakho akukho okuzomphazamisa kuso kule minyaka emithathu ezayo. Okunye ukuthi uMncwango akukho okunye akwaziyo ngale kwepolitki ngakho iDA yiyo ayiqonda kangcono kunamanye amaqembu akulula ukuyishiya,” kuchaza uDube.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnu uPrince Mashele ucashunwe ethi iDA isiyaziveza ukuthi abantu boHlanga ayisabadingi kodwa sekukhonya labo abamhlophe. “IDA yayizama ukubasebenzisa aboHlanga kodwa sekufike lapho nabo bebona khona ukuthi bafakwe endaweni abangavumelani nayo yikho sebeshiya. Empeleni abelungu beDA abasanendaba nokubanevoti laboHlanga kanti nabo aboHlanga sebeyaziveza ukuthi bakhathele ukusetshenziswa yingakho kunje. Ukubuya kukaNkk uHelen Zille kube ubufakazi bokuthi abelungu sebefuna okungokwabo”