Umkhonyovu womgomo usuholele ekusuleni kukaNgqongqoshe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezempilo wase-Argentina usulile esikhundleni ngeledlule ngemuva kwemibiko ethi kukhona abantu abakwazi ukusebenzisa ubudlelwano babo nabathize ukuthola imithi yokugomela ukhuvethe okungeyona eyabo.
UNgqongqoshe uGinés González García encwadini ayifake enkundleni yokuxhumana uTwitter uthe kukhona abathize abakwazi ukweqa inqubo ekhona yokuthola umgomo wokhuvethe ngenxa “yokudideka obekungahlosiwe” eHhovisi lakhe ngesikhathi yena engekho.
Imithombo emibili eHhovisi likaMengameli ngaphambilini iveze ukuthi uMengameli waleli lizwe, u-Alberto Fernandez, ucele García ukuba esule esikhundleni sakhe ngemuva kwezinsolo ezavela ezinkundleni zokuxhumana kanye nakwabezindaba ngabathile abacishe babe yishumi abathole umuthi wokugomela ukhuvethe ngaphandle kokulandela inqubo ebekiwe yokuwuthola.
Kulaba abayishumi kubalwa phakathi nomakadebona wentatheli oveze ukuthi uthole umuthi wokugoma ngemuva kokukhuluma ngqo naye uNgqongqoshe.
Lolu daba lwandisa ukwesaba okukhona kulesi sifunda mayelana nokukhwabaniswa kanye nokutholwa komgomo wokhuvethe okuvela ukuthi awukho muningi.
Ekuqaleni kwale nyanga uNgqongqoshe Wezempilo noWezangaphandle besula ezikhundleni kwathi loyo owayenguMengameli wezwe wabekwa ngaphansi kophenyo lobugebengu ngemuva kwemibiko yokuthi izikhulu eziningi zakuleli lizwe zathola umuthi wokugomela ukhuvethe ngaphandle kokuhlolwa emitholampilo nangaphambi kokuqalwa kohlelo lukazwelonke lokugoma.
E-Argentina, intatheli uHoracio Verbitsky ithe ithole umgomo ngemuva kokukhuluma ngqo noNgqongqoshe Wezempilo.
“Ngishayele umngani wami wakudala uGinés González García wangitshela ukuthi angiye esibhedlela iPosadas Hospital,” kusho uVerbitsky, oneminyaka yobudala engaphezu kwama-70 ngesikhathi ekhuluma esiteshini somsakazo i-El Destape.
Kusukela ngoZibandlela nyakenye leli lizwe belisebenzisa umuthi wokugoma waseRussia iSputnik V ukuxova izisebenzi zezempilo kepha ukufika kwalo muthi kuhamba kancane kunalokhu elalikucabanga.
Kuleli sonto leli zwe liqale ukunika umuthi wokugoma kubantu abaneminyaka engama-70 kepha ukuhlelwa kokugoma kuyinto efana nengekho njengoba kuyindlala kufanele futhi abantu balandele inqubo ebandakanya ukubhalisa kuqala.
Abezindaba kuleli lizwe babika ukuthi iSekela likaNgqongqoshe Wezempilo uCarla Vizzotti nguye osezongena esikhundleni sobuNgqongqoshe kepha lokhu akuqinisekiswangwa.