Iya ngokusondela esivumelwaneni senuzi i-USA ne-Iran
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Iran ngeSonto ithe i-United States of America (USA) kumele iqale isuse unswinyo elubeke kulona uma ifuna ukukhuluma ngokuhlengwa kwesivumelwano senuzi sangowezi-2015. Igcizilela lapho emi khona okuzongabi umnyakazo wokuqala wokuzama ukuhlenga ubudlelwano baleli lizwe namanye amazwe.
UMengameli wase-USA uJoe Biden kanye noHulumeni wakhe ngeledlule bathe sebekulungele ukuxoxa ne-Iran ngokuthi la mazwe abuyele kulesi sivumelwano esasinqanda i-Iran ukuthi izuze izikhali zenuzi futhi kususwe unswinyo nezijeziso ezibekwe phezu kwaleli zwe.
OwayenguMengameli wase-USA uDonald Trump waphuma kulesi sivumelwano ngowezi-2018, waphinde wabuyisa unswinyo phezu kwe-Iran, okwathi ngokuphindisela i-Iran yephula imithetho nemigomo yesivumelwano.
Kepha i-Iran ne-USA basanokuphikisana ngokuthi ngubani okufanele athathe isinyathelo sokuqala sokuvuselela isivumelwano. I-Iran iyakugcizelela ukuthi kufanele kube yi-USA okufanele ithathe isinyathelo sokuqala sokususa unswinyo phezu kwayo, kepha iMelika yona kufanele iqale ibuyele ekuhlonipheni yonke imigomo nemithetho yesivumelwano kuqala.
“I-USA angeke ibuyele esivumelwaneni ngaphambi kokuthi isuse unswinyo…bese wonke umuntu esekufezile okufanele ilapho kuzoqala khona izingxoxo,” kusho uNgqongqoshe Wezangaphandle e-Iran uMohammad Javad Zarif.
“UBiden uthi inqubomgomo yengcindezi enkulu kaTrump kwaba ukwehluleka okukhulu kepha abakayiguquli leyo nqubomgomo (ebhekene ne-Iran). I-US iwumlutha wengcindezi, unswinyo nokuxhashazwa, lokhu akusebenzi e-Iran.”
I-Iran isithikamezwe kakhulu unswinyo kanye nemiphumela yezomnotho edalwe ukhuvethe.
Okunye okwenza ukubuyela esivumelwaneni senuzi, kube ukuphasiswa komthetho e-Iran ngonyaka odlule ophoqa uHulumeni ukuthi uqede ukusetshenziswa kweMigomo Eyengeziwe (Additional Protocol) kusukela ngoNhlolanja zingama-23 uma unswinyo lungasuswa.
Ngaphansi kwesivumelwano senuzi, i-Iran isebenzisa i-Additional Protocol, enikeza i-International Atomic Energy Agency (IAEA) amandla okwenza ukuhlolwa kwezaziso ezimfushane ezindaweni ezingamenyezelwe kuyo.
“Lokhu akuwona umqamulajuqu womhlaba wonke. Futhi akusona isiphetho. Njengayo yonke intando yeningi, kufanele sisebenzise umthetho ophasiswe yiPhalamende. Isinyathelo sokumiswa kokuhlolwa noma yinini akukhona ukulaxaza isivumelwano senuzi,” kusho uZarif.
“Umzuzu bebuyela ngawo ekuthobeleni imithetho yesivumelwano nathi sizobuyela sisihloniphe.”
I-United States kanye namazwe ase-European akhona esivumelwaneni senuzi baxwayise i-Iran ngokuvimbela ukuhlolwa kwanoma yinini kwezindawo kwe-IAEA.
UMnu uRafael Grossi, onguMqondisi Omkhulu we-IAEA ose-Iran ukuxoxa “ngemisebenzi ebalulekile yokuqinisekisa” yale nhlangano ngeSonto uhlangene nomphathi wezamandla wase-Iran, ngokubika kwabezindaba bakuleliya lizwe.
Isithunywa sase-Iran ku-IAEA, uKazem Gharibabadi, sibhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ukuthi uMnu u-Ali Akbar Salehi, oyiSikhulu se-Atomic Energy Organisation kuleliya lizwe kanye noGrossi babe “nezingxoxo ezinezithelo ezinhle ezincike ekuhloniphaneni”.
UZarif uthe: “Sizokhuluma noMnu uGrossi ngokuhlonipha imithetho yezwe lethu. Kepha futhi ngasikhathi sinye singamdaleli ithuba lokuthi aqhubeke nokwenza izibopho zokukhombisa ukuthi uhlelo lwenuzi lwase-Iran lunokuthula.”