Now Reading
Ludlangile udlame eSudan, selungobuhlanga
Dark Light

Ludlangile udlame eSudan, selungobuhlanga

Udlame lusaqhubeka ezindaweni ezinkulu zaseSouth Sudan ngemuva konyaka kwasayindwa isivumelwano sokuqeda impi yezakhamuzi eyaqala ngowezi-2013, lokhu kushiwo umbiko we-United Nations (UN).

Ukuhlaselwa kwamaqembu ahlomile okubhekiswe kuzakhamuzi kwaqina ngowezi-2020 manje izisulu sezihlaselwa ngokobuhlanga bazo, imvamisa ngokuxhaswa uHulumeni kanye namabutho aphiksayo, kusho umbiko weCommission on Human Rights engaphansi kwe-UN kuleli lizwe.  

Ubungako bodlame budlula lolo lwangowezi-2013 kuze kube ngowezi-2019, kusho uSihlalo wale Khomishini uYasmin Sooka.

Umbiko uthe amakhulu abantu sebebulewe, abangamakhulu ayizinkulungwane baduka ngesikhathi kunempi enkabeni ye-Equatoria, iWarrap, iJonglei neGreater Pibor. 

Uqhuba uthi abesifazane kanye nezingane bathunjwa, badlwengulwa abanye baphenduka izigqila zocansi kwathi abanye bashadiswa ngenkani.

Ilungu lale Khomishini u-Andrew Clapham lithe ubungako balolu dlame kanye nokuthi amaqembu akulezi zindawo asebenzisa izikhali ezintsha, kuphakamise ukuthi kungenzeka kube nesandla sesithathu kule mpi okungaba uHulumeni noma abanye abangaphandle.

Umkhulumeli osabambile Wezombutho, uSanto Domic Chol, uthe akukhona okokuqala ukuthi le Khomishini ikhiphe umbiko onjena.

“Asiphikisani nombiko wenu kepha kufanele nabelane nathi ngawo ukuze kuthi uma kunezikhungo ezingaphansi kwethu ezenze amaphutha sizokwazi ukuwalungisa noma siwaguqule,” kusho uChol.

Kepha uHulumeni nezombutho angeke bavumele imikhankaso emibi eqondiswe ezikhungweni zawo kusetshenziswa abezindaba.

ISouth Sudan yathola inkululeko kuSudan ngonyaka wezi-2011 ngemuva kweminyaka kunempi yomphakathi.  

See Also

Udlame lwaqubuka ngowezi-2013 ngemuva kokuthi uMengameli uSalva Kiir, wohlanga lwamaDinka axosha iSekela Mengameli uRiek Machar wohlanga lwamaNuer.

La madoda amabili asesayinde izivumelwano eziningi zokuzama ukuqeda le mpi ekhona kuleli zwe okubalelwa ukuthi isibulale abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamakhulu amane.

Laba baholi ababili baqhubeke nokuhlehlisa iminqamulajuqu yokusungulwa kukaHulumeni wobambiswano kazwelonke kepha ngonyaka odlule bagcine bekwenzile lokho.

NgoNhlolonja nyakenye, uKiir wafungisa lowo owayengumholi wabahlubuki uMachar njengeSekela Mengameli wezwe. UHulumeni ngemuva kwalokho wanxusa uxhaso lwemali ukuzama ukwenza umsebenzi kaHulumeni wobumbano ngoba uthi wona awunayo imali yokwenza lo msebenzi wodwa.

Scroll To Top