Usinde esocwangwa uNgqongqoshe waseLibya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphakathi eLibya uFathi Bashagha uthi uphunyuke emzamweni wokumbulala obuhlelwe kahle ngeSonto lapho oshayasibhamu bedubule imoto yakhe enhlokodolobha iTripoli yize ibutho elithe amalungu alo ayathinteka liphikisene nalokhu okushiwo nguNgqongqoshe.
Ekhuluma nabezindaba uBashagha uthe imoto yabahlaseli isondele kweyakhe emva kwalokho abebephakathi badubula okuholele ekutheni kube khona ukudubulana kwashona oyedwa wonogada bakhe nakubahlaseli. “Akusona isigameko esivele ngenhlanhla lesi kepha besihlelwe kahle,” kusho uBashagha.
Onogada bakhe bajahe imoto yabahlaseli egcine iginqikile, kwaboshwa abantu ababili omunye wabo obevele ethungathwa ngamaphoyisa.
IStabilisation Support Apparatus, okungamabutho ahlomile asungulwa uNdunankulu uFayez al-Sarraj kulo nyaka, esitatimendeni esikhiphile ithe onogada bakaNgqongqoshe bavulele ngenhlamvu kwenye yezimoto zabo ngesikhathi bephambana.
Isithunywa senhlangano i-United Nations (UN) uJan Kubis sisigxekile lesi sigameko saphakamisa ukuthi kube nophenyo ngesikhathi sikhuluma enkundleni yokuxhumana uTwitter lapho sithe: “Izenzo ezinjena zobudedengu zisongela uzinzo kanye nokuphepha futhi zihlose ukuphazamisa inqubo yezombusazwe.”
Lesi sigameko senzeka nje uHulumeni owamukelwe emhlabeni jikelele owaziwa ngeGovernment of National Accord (GNA), uNgqongqoshe ahola ngaphansi kwawo, ulungiselela ukuvula indlela kaHulumeni wesikhashana owaqokwa ngohlelo olwaluholwa yi-UN ebihlose ngalo ukuhlanganisa amaqembu alwayo kuleli lizwe.
UBashagha wehlulwa emizamweni yakhe yokuba nguNdunankulu waleli lizwe kuHulumeni wobambisano kepha usekhiphe izitatimende esekela uHulumeni omusha ozayo. NjengoNgqongqoshe Wezangaphakathi uBashagha wayethembise ukuqeda amaqembu noma ukungenelela odabeni lwamaqembu ahlomile aphethe ezindaweni zasentshonalanga yaleli lizwe kusukela ekuvukelweni kombuso wezi-2011. Emasontweni edlule bekunokuthula kepha ukuqhuma kwezibhamu kuzwakele enkabeni yeTripoli phakathi koMgqibelo neSonto.
Inxusa lase-United States of America (USA) kuleli lizwe uRichard Norland, likhiphe isitatimende esigxeka lesi sigameko lathi: “Ukugxila ekuqedeni ithonya lamasosha angekho emthethweni sikusekela ngokugcwele.”

