Izinhlelo zokuhambisa uMntwana uZwelithini ukuya eSwazini



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
ONdlunkulu naye uMntwana uqobo babengazilutho ngalokhu okwakuhlelwa yiNgonyama uNyangayezizwe
Kuningi esasikuxoxelwa ngeSilo uNyangayezizwe ngemisebenzi nangothando lwakhe. UMnu uJerry Mthenjana naye wathamunda ezakhe esengumfana ehlala neSilo unyangayezizwe. Ululanda kanje udaba lwakhe uMthenjana:
Kwathi ngisengumfana oneminyaka eyishumi nanhlanu ngaphathwa yisilonda lapha emlenzeni. Umama ngale nkathi wayehlala kwaKhethomthandayo. INgonyama uNyangayezizwe yase iyangithatha, isithi angizohlala nayo ukuze ingelaphe leso silonda. Owayeyinceku laphaya eSigodlweni sakwaKhethomthandayo ogama lakhe kwakunguSibukalaphi. Sase siba ngabafana abane ababehlala neNkosi eSigodlweni. Sahlala nabo isikhathi eside, okwathi ekugcineni beqa, babuyela emakubo, ngasala mina.
Kwathi uma iNgonyama uNyangayezizwe isuka kwaDlamahlahla, isiphuma umuzi wayo wakwaKhethomthandayo, yafika nabafana ababili abelamanayo bakwaNtuli eQhudeni. Laba bafana babelethwe yisizwe sakwaNtuli ukuba bazokhulela lapha eSigodlweni sakwaDlamahlahla ngoba kwakusabanjwe isiko elidala lokuthi uma umfana ezokuba iNkosi, kufanele azokhulela eBukhosini ukuze afunde ukuthi abantu beNgonyama baphathwa kanjani. Njengoba wazi nje Ndabezitha, ukuthi uMntwana waKwaPhindangene wakhulela lapha eNdlunkulu ekanye neNkosi uMntwana uMphuhlane (Phumanyova) waseBhanganono neNkosi uMntwana u-Owen Sithole waseMhlumayo. AMakhosi amaningi akhulela lapha eNdlunkulu.
Amagama alaba bafana bakwaNtuli kwakunguMangala noNtokozo, nabo ababezokuba ngaMakhosi esizweni sakubo kwaNtuli. Lona owayeqondene noBukhosi kwaNtuli wayengazalanga, kwase kuthathwa uMangala noNtokozo bazofihlwa lapha eSigodlweni ukuze balungiselelwe ukuthatha uBukhosi. Kanti kuzothi makhathaleni, kuvuke ukuthi yayikhona ingane yale Nkosi yakwaNtuli okwakuthiwa kayizalanga, eyayithola entombini. Kwathi ukuvela kwaleyo ngane yentombi, kwase kuba iyona iNkosi yakwaNtuli, kababe besabuthatha-ke uMangala noNtokozo uBukhosi.
INgonyama yayihamba nami onke amalanga, ingangishiyi. Kwesinye isikhathi yayingilanda ukuphuma kwesikole, ihambe nami. Kwesinye isikhathi kuthi uma ngibuya esikoleni ngiyifice isingilindile, bese ihamba nami, mhlawumbe ivakashele udadewabo eyayimkhonze kakhulu uMntwana uHelen. Mhlawumbe sishone lena kwaNtuli, noma kokanini bayo, noma iyohlala lena eNhlwathi kwamalume wayo uSibiya. Kwesinye isikhathi ihambe nami, ivakashele ekhakonina eNhlazatshe, noma kwakungasekho muntu, kepha babeyitshela abazabayo ababehlala eGoli uma bezobuya, bese iyabavakashela. Ngingathi eNgonyameni ngangisondelene kakhulu kunalaba abanye abafana. Kwathi emuva kwesikhathi, kwafika uThimothi wakwaNtombela. Ngingeze ngababala laba ababebadala kunathi abafika neNgonyama, isuka kwaDlamahlahla njengoShayina Ngema kanye noMaqinefika Nxumalo.
INgonyama uBhusha yayingikhonze kakhulu Ndabezitha, kangangokuthi utshwala bayo babuphungulwa yimi kuphela ngaphambi kokuba yona ibuphuze. Ngangihlala lapha eduzane kwayo ngaso sonke isikhathi uma sengibuyile esikoleni. Kwathi ngelinye ilanga sengifunda ibanga lesithupha, ngahamba neSilo ngemoto saya edolobheni kwaNongoma. Kwathi sisendleleni, mina ngase ngithi eNgonyameni, kangazi noma iSilo sizongishaya yini kule nto engizoyikhuluma. Ngangifuna ukukhuluma nje lolu daba ngoba iSilo uBhusha sase sikade sesikhulumile kimi ngaphambili. Ngase nginaleso sibindi.
Kwakuthe ngelinye ilanga ekuseni iSilo uBhusha sathi kimi, ngiyanisusa lapha ekhaya, ngifuna ukunihambisa niyofunda eSwazini ngoba ngiyabona inhlalo kayiyinhle lapha ekhaya.
ISilo sihlela ukuhambisa uMntwana uZwelithini eSwazini
INgonyama uBhusha kwathi ngokubuka isimo sokugqilazeka kwayo, kanye nokuphatheka kabi kwesizwe sayo, yangitshela ukuthi izosithatha noMntwana uZwelithini siyofunda eSwazini. Yangitshela ukuthi isikhulumile noJulayi Nkosi owayehlala endaweni yakwaDabhazi. UJulayi lona wayenabafowabo ababehlala ngalena eSwazini. INgonyama yayisilungise ukuthi sizohlala khona. Ngale nkathi kulungiswa konke lokhu, uMntwana uZwelithini wayesahlala eSigodlweni kwaDlamahlahla. Okwakungimangalisa kakhulu iSilo uBhusha, sasingangifihleli lutho esasilwenza. Kwakwala noma ngabe leyo nto siyenze ngingekho, kepha uma sengifikile, singixoxele yona. INgonyama uBhusha yase ingitshela-ke ukuthi uJulayi uzohamba nathi ngelanga elithile sesiyofunda eSwazini.
Kuhlelwa konke nje uMntwana uZwelithini akakalandwa kwaDlamahlahla. Wayezolandwa sesihamba, afike adlule lapha kwaKhethomthandayo, angalali. Konke kwase kulungisiwe, esethengelwe ngisho izimpahla zokugqoka. Izimpahla zakhe zazihlala kimi, zingaziwa ngoNdlunkulu beSilo ngoba yayimeqisa lapha konina, bengazi lutho ngalolu hambo lwethu lokuyofunda eSwazini. Futhi babengezukwazi ukuthi uhambile wayofunda eSwazini.
UJulayi wathi, “Silo, akwenzeki njengalapha, lena kithi. Kuzofuneka ngiyotshela kuqala uMnakwethu, yena bese eyobika eNgwenyameni kwaLobamba. Ngeke ivume iNgwenyama uSobhuza ukuba ingane yeSilo sakwaZulu ihlale lapha kuye.” Nebala wahamba uJulayi wayobika. Kwathi uma efika ngale, iNgwenyama uSobhuza yathi “Awu! Ingane yeSilo sakwaZulu ihambe iyohlala kumuntu nje! Ngeke kwenzeke lokho”. UJulayi wathi ingane yeSilo izobe ihamba nomunye umfana ezohlala naye. INgwenyama uSobhuza yalandula yathi “Ngeke kwenzeke lokho. Ngizobafunela indawo abazohlala kuyo lapha ngaphakathi eSigodlweni”.
Ngokwenqubo yamaBhunu ngaleso sikhathi iNgonyama yayingasoze yathatha ingane yayo iyoyihlalisa eSwazini ngaphandle kokuba ithole imvume kuwo. Yasuka-ke iNgonyama uNyangayezizwwe yayobika eMantshini ukuthi icabanga ukuthi ingane yayo iyisuse lapha, iyofunda eSwazini.