Now Reading
Ubunye bezwekazi i-Afrika busezandleni zethu
Dark Light

Ubunye bezwekazi i-Afrika busezandleni zethu

Umbono ngobunye be-Afrika mudala. Okuhle ukuthi lombono usabonakala nanamuhla njengoba unemizamo yokuthi kubekwe obala okufanele kuhlangatshezwane nakho ukuze ufezeke ngokuphelele

 

Omunye umuntu angazibuza ukuthi lubaluleke ngani lolu suku kimina muntu waseMzansi Afrika? Ake sithathe ukubheka izingqalabutho ezinjengoMnu uPixley ka Isaya Seme owathula inkulumo ngokuvuselelwa kwe-Afrika. Kule nkulumo yakhe eyayilalelwe izihlwele zabantu ngisho ngaphesheya kwezilwandle lapho ethi “NgingumAfrika ngiyaziqhenya futhi ngiyazigqaja ngokuba umAfrika kanye nangebala lami, noma abathile bengakhombisa ukucwasa nenzondo.” Esinye isibonelo, ake sithathe ukubheka emqulwini owakhishwa abaholi be-ANC ngowe-1945, okwakuthiwa i-African Claims Charter. I-African Claims Charter yagcizelela ukuthi, asikho isidingo sokuthi abaphathi bamazwe omhlaba, bakhulume ngoxolo, nentuthuko, kodwa indlu emnyama, ikakhulukazi eNingizimu Afrika ngaleziya zikhathi isahleli ngaphansi kwengcindezi nobandlululo. Ngamanye amazwi, ukumiswa komhla zingama-25 kuNhlaba ize kwaqondana nokugujwa kwe-OAU, angeke sikwehlukanise nemizabalazo kanye nezehlakalo ezenzeka ngaphambilini ukuthi sizibeke lapho sikhona namhlanje. Lezi zibonelo ziphinde ziveze ukuthi, nathi ma-Afrika, kumele sizimele kukho konke esikwenzayo, singaxhashazwa ngabanye bezizwe futhi sazi ukuthi noma ngabe yini enhle, nelungile okumele yenzeke kuleli lizwekazi, izokwenzeka uma thina sibambisane.

Izinkinga nezingqinamba ezibhekene nezwekazi ziningi futhi zibanzi. Ezinsukwini ezingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu onyakeni akesithathe lolu suku lwama-25 kuNhlaba ukuthi sibungaze konke esesikuzuzile sikhohlwe izinkinga. Kungenzeka ukuthi lokhu kugxila ezintweni eziyinkinga okungenza ukuthi sikhohlwe nokubona ukuthi, i-Afrika yanamhlanje, ayisafani ncamishi neyayizolo uma sithatha ukubuka kwezomnotho, ezokuhwebelana kwamazwe, kwezepolitiki kanye nezoxolo nokuthula ezwenikazi lethu. Kwezomnotho, amazwe ase-Afrika, aseyakwazi ukuhwebelana kangcono kunakuqala; kwezepolitiki, amazwe amaningi e-Afrika nabantu bakhona sebephila ngaphansi kwentando yeningi, kanti futhi nezimpi ezimbi ebekade zikhona e-Afrika ziya ngokuya ziyehla. Bheka nje, into abantu abangayinaki, eBurundi ngonyaka we-1993, lapho kwasuka khona impi yezikhali kulwa amaqembu esizwe esisodwa. Le mpi eyaze yaphela ngonyaka wezi-2005. Kodwa namhlanje, noma ngabe kukhona izihibe ezikhona ezadalwa ukungaboni ngaso linye kwezombusazwe, le nto esayibona ngowe-1993, ayikaveli. Lokhu, kutshengisa ukuthi esikhathini samanje abaholi base-Afrika bahlangane, sebeyakwazi ukuthi bathathe izinyathelo ezithize ukugwema ukuchitheka kwegazi. Ngaphezu kwalokho abantu sebeyakwazi ukubeka imibono mayelana nezombusazwe ukuze kube khona uguquko uma bebona ukuthi izintambo zokubusa izwe aziphethwe kahle. Uma sibuka nje, amazwe anjengoBurkina Faso, abantu bakwazi ukuqumba phansi uMnu uBlaise Compoare owayengundlovukayiphikiswa owayesebuse iminyaka engaphezu kwamashumi amabili. Ukuketulwa kwakhe kwafezeka ngenxa yombumbano lwabantu baseBurkino Faso.

Enye into okumele siyibheke, ikakhulukazi uma sibungaza lolu suku, ukuthi thina iliphi iqhaza esilibambayo ukuze i-Afrika ithuthuke. Mhlawumbe uma sibona igama ukuthuthuka sicabanga okukhulu, kanti cha, akunjalo. Lokhu kwathi nhlo abanye bezindaba banesifuthezi sokwethulela imiphakathi ngamaphutha nokungahambi kahle ngamazwe ase-Afrika, ikakhulukazi abasentshonalanga. Yini esingayenza ukuguqula le nhlalayenza? Lo mbuzo usibuyisela ezakhiweni esezibekwe lapho i-AU isisungule umhlahlandlela omusha obizwa, ngoHlu Lwezi-2063: i-Afrika Esiyifunayo (Agenda 2063: The Africa We Want). Lo mqulu ubeka kabanzi ngezwekazi i-Afrika esifisa ukulibona, nesizolisebenzela ukuze silibone ngonyaka wezi-2063. Lo mqulu ulobe izifiso eziyisikhombisa lapho sithi uma zifezekile i-Afrika iyobe izuze lukhulu. Into eyenza uHlu Lwezi-2063 luthakaselwe futhi amazwe amaningi abe nentshisekelo ngalo ukuthi akufikanga izazi zasentshonalanga zathi nazo! I-Afrika idinga lokhu, kodwa kwahlala phansi osolwazi nezingcithabuchopho base-Afrika, bahlaziya umlando wethu ma-Afrika okuhle nokubi bathi nakhu esizokwenza ukuze kuqambe kuyashaya owezi-2063 i-Afrika izobe seyizuze lokhu nalokhu.  Lo mqulu woHlu Lwezi-2063 ugcizelela ukuthi kumele sihlangane sibe yimbuba njengama-Afrika ukuze sakhe izwekazi lethu.

Kulezi zifiso eziyisikhombisa singageqa amagula ngazo zonke ngoba zibalulekile, kodwa uma nje sicaphuna ezimbalwa esicabanga ukuthi ziqondene ngqo nomgubho woSuku Lwe-Afrika. Eyokuqala ithi, “UmAfrika onobuyena obuqinile ngokwesiko, onefa elifanayo, onezimiso nokuziphatha ngendlela”. Lapho kubhekise ezwenikazi i-Afrika eliziqgaja ngamasiko, izimiso zokuhle kanye namagugu esintu. Uma uHlu Lwezi-2063 lukhuluma ngokuthi asibambelele kokwethu, ayiqondile ukuthi asibukele phansi okwabanye, senze le nto eyenziwa kithina singama-Afrika. Kodwa iqonde ukuthi, masingaze sigxile kakhulu kokwabanye size sikhohlwe ukuthi nathi sinawo umlando esingawuqhakambisa, nolwazi esingalusebenzisa ukuze  sikwazi ukuzithuthukisa.

Eyesibili ithi, “UmAfrika ontuthuko yakhe igqugquzelwa ngabantu, owethembele emandleni ama-Afrika, ikakhulukazi abesifazane, intsha, kanye nokunakekela izingane.” Lapho uHlu Lwezi-2063 intuthuko efanele izwekazi i-Afrika mayibe sezandleni zabantu, iqhakambise ikhono labantu abansundu isebenzisane ikakhulukazi nabantu besifazane kanye nentsha. Kunezinhlangano khona la kwelengabade ezinjengo-ACCORD ezizibophezele ekutheni leli lizwekazi i-Afrika lisebenzisane ngokuthula. I-ACCORD emsebenzini wayo iqhakambisa ukuxoxisana ngesisombulo kunokuthatha izikhali kuliwe. Le nhlangano iphinde iqhakambise ukucijwa kwamakhono ahlukahlukene okuletha ukuthula e-Afrika.

See Also

Umlilo uvutha uma ukhwezelwa. Esikushoyo ngalokhu ukuthi, ayikho into ezolunga nezoguquka uma thina ma-Afrika singazibambeli. Ukuphathwa ngamazwe asentshonalanga sekusenze sakholwa ukuthi asilutho, angeke sazimela njengezwekazi i-Afrika futhi siyizehluleki. Mhlawumbe baqinisile futhi mhlawumbe basho imbudane. Okusalayo angeke sazi ngaphandle kokuthi sizame. Asibe uguquko esifuna ukulubona, thina ma-Afrika ake siqhamuke nezixazululo zezinkinga esibhekene nazo. Kukhona labo abake bathande ukuyithandabuza lena ethi izixazululo zezinkinga zethu zoza nathi. Impendulo esike sithande ukubanika yona, ukubabuza sithi: abanjani okumele banikwe amathuba kanye namandla okuthi bazixazululele izinkinga zabo? Abanjani okumele batshelwe ukuthi bazixazulule kanjani izinkinga zabo? Namuhla nje sikhuluma izwekazi i-Europe libhekeni nezinkinga ezinkulu kwezomnnotho, kodwa akekho othi eziphathimandleni zakhona  abangazami ngendlela ababona ngayo bakhululekile ukuthi benze ngokwentando yabo ukuthola izixazululo kwababhekene nakho. Noma ngabe abanye bethu mhlawumbe bobebengasawadli anhlamvana ngonyaka wezi-2063, kodwa imisebenzi esiyenzayo namhlanje imivuzo yayo isiyovunwa yizizukulwane!

Akekho owayecabanga ukuthi ubukoloni buyoke bunqontshwe kodwa bheka kwenzenkani! Leli themba lidalwa ulwazi esinalo singama-Afrika ukuthi le mpi esiyilwayo yokuthi kube nokuthula, noxolo, nenkazimulo ezwenikazi lethu, ngoba obabamkhulu bayilimile indima yabo, isisekelo solwazi sizinzile. Isisekelo esabekwa abaholi abafana neNdlokukazi u-Anna Nzinga wase-Angola kanye neNkosi uNgungunyane waseMozambique ngobuqhawe bona bakhetha ukufa kunokuba bavumele abezizwe ukuthi bashayelele izikhonkwane emazweni ababewahola ngaleso sikhathi. Isisekelo esabekwa uThomas Sankara waseBurkina Faso, uPatrice Lumumba waseCongo, uToussaint Louverture waseHaiti noSteven Bantu Biko wakuleli abakwazi ukuthi bathathe ababekufundisiwe, bakuguqule ukuze kusebenzele inkululeko yomuntu onsundu. Isisekelo esabekwa amaqhawe amakhulu afana noMvundlane owavusa umsinga ebuthweni leNkosi uCetshwayo, empini yaseSandlwane, okwathi uma ibutho lihlakazeka ngenxa yombambayi bamaNgisi, wasukuma wathi: “Akashongo njalo okaNdaba”, yanqontshwa impi! Yizo zonke izenzo nezehlakalo okumele zisinike ugqozi nomdlandla wokuthi nathi siyibambe ishisa le mpi esibhekeni nayo ukuze silime indima yethu ekuthuthukiseni izwekazi lethu.

Scroll To Top