Now Reading
IChina iseka ukuthi i-India ibambe umhlangano weBRICS
Dark Light

IChina iseka ukuthi i-India ibambe umhlangano weBRICS

IChina isizwakalise ukweseka i-India njengoba kuyiyo ezobe isingethe futhi ihola ingqungquthela yeBRICS kulo nyaka emva kokuthi sekuphele izinyanga amasosha ala mazwe ehlomelene emngceleni obangwayo.

Leli lizwe likhiphe lesi siqinisekiso kuleli sonto, nokuyisinyathelo esibonakale njengesokuzama ukwehlisa imimoya kulandela ukubhekana ngeziqu zamehlo okudonse izinyanga emngceleni obangwayo ePangong Tso.

Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eWang Wenbin uthe iBeijing izosebenzisana neNew Delhi ukuqinisa leli qoqo, ukukhombisa ukuthi udaba lomngcele ngeke luphazamise umhlangano.

“IChina ilubona lubalulekile kakhulu uhlelo lokubambisana lweBRICS. Leli zwe lihlezi lizibophezele ekuqiniseni ubudlelwano beBRICS,” kuchaza uWanga esithangamini sabezindaba.

“Siyayeseka i-India ukuthi isingathe umhlangano weBRICS wakulo nyaka kanti futhi sikulungele ukuthi sisebenzisane namanye amalungu ukuqinisa ukuxoxisana nokubambisana emkhakheni eyehlukene,” kuqhuba uWang.

IBRICS iqoqo lamazwe amahlanu asathuthuka okuyiBrazil, iRussia, i-India, iChina neSouth Africa,  abambisene ukuqinisa umthelela wawo emhlabeni.

INew Delhi ithatha isikhundla sokuba usihlalo weBRICS kulo nyaka emva kokuthi besiphethwe iRussia ngonyaka odlule.

UHulumeni wase-India wethule ngokusemthethweni isiqubulo salo mhlangano esithi “Intra-BRICS Cooperation for Continuity, Consolidation and Consensus.”

“Izinto ezimqoka kuBRICS kulo nyaka zihlanganisa ukuletha uguquko ohlelweni lokubambisana kwamazwe, ukubambisana ukulwa nobushokobezi, izixazululo zezobuchwepheshe ukuveza izinhloso zentuthuko kanye nokukhuphula izinga lokusebenzisana phakathi kwabantu bala mazwe,” kusho isitatimende soMnyango Wezangaphandle e-India.

Kulindeleke ukuthi i-India isingathe umhlangano wabaholi esigamini sesibili sonyaka, nokho usuku nenyanga bekungakahlonzwa.

Akukacaci nokho ukuthi abaholi bazokwazi yini ukuhambela e-India ukuyoba ingxenye yomhlangano ngenxa yobhubhene ukhuvethe.

Kodwa noma ngabe ubanjwa bukhoma noma uba-virtual umhlangano, into ezobe ibhekwe kabanzi ukuthi kunjani ukuxhumana phakathi kukaMengameli waseChina uXi Jinping nozakwabo wase-India uNarendra Modi njengoba sekuthe ukwehla ukushuba kwemimoya ngenxa yombango womngcele.

See Also

Iqale ukwehla imimoya kamumva nje njengoba amasosha azo zombili izinhlangothi eseyekile ukubhekana ngeziqu zamehlo, ahoxa.

Laba baholi bagcina ukubonana ubuso ngobuso khathi uXi evakashele e-India ngoMfumfu wezi-2019, lapho ahlangana khona noModi esifundazweni esiseningizimu yezwe iTamil Nadu.

Nokho ukusuka lapho ubudlelwano bube sebuzika njengoba amasosha abe esetholana phezulu ngoNhlangula wonyaka odlule khona emngceleni obangwayo ilaba omakhelwane. Ngonyaka odlule abazange babenalo ithuba lokuhlangana ubuso nobuso uXi noModi ngoba umhlangano weBRICS kwaphoqeleka ukuthi ube ngobuxhakaxhaka bobuchwepheshe ngenxa yokhuvethe.

Kamumva nje, isimo sesithande ukubangcono phakathi kwalaba omakhelwane emva kokuthi amasosha anhlangothi zombili ehlele ngezansi kulandela izingxoxo ngomgcele. Lokhu sekuholele ekutheni kube nenhlansi yethemba ngokubeka eceleni ukungaboni ngasolinye kwalezi zinhlangothi nangakwezomnotho.

Kubikwa ukuthi uHulumeni wase-India ucabanga ukuphasisa izinhlelo zokutshalwa kwezimali ezingama-45 kulezo ezili-150 eziphakanyiswe izinkampani zaseChina.

Lezi zinhlelo zamiswa ngoMbasa odlule emva kokuthi iNew Delhi ikhiphe umthetho omusha othi uHulumeni uyena okumele aphasise umsebenzi wezinkampani ezivela emazweni abahlukaniswe umngcele nawo. Lo mthetho wathathwa njengokuthi ubhekiswe kuyona ngqo iChina.

Scroll To Top