Now Reading
IChina inikela ngomgomo emazweni asathuthuka: Umusa noma ukusa?
Dark Light

IChina inikela ngomgomo emazweni asathuthuka: Umusa noma ukusa?

Siyanda isibalo samazwe asathuthuka amukela umnikelo womgomo wokhuvethe owenziwe eChina ngesikhathi iWorld Health Organization (WHO) ikhala ngokuthi amazwe athuthukile alulaza uhlelo lwayo lokuwasiza njengoba ewola yonke imigomo kubenzi bawo.

Alinganiselwa emashumini amane amazwe emhlabeni asenze izivumelwano zokwamukela imigomo eyenziwe eChina.

Kula mazwe, cishe isigamu sawo sesibhalise imigomo iSinopharm kanye neSinovac ukuze isetshenziswe ngaphansi kwesimo esiphuthumayo ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe. Ngesikhathi amanye amazwe esayinde izivumelwano zokuthenga imigomo, iChina iwathumela njengomnikelo eminye yale migomo.   

Amazwe amaningi ase-Afrika ethembele ohlelweni lweCovax oluholwa iWHO ukuthi athole umgomo wokuvikela abantu kulesi sifo. 

Lolu hlelo lweCovax luhlose ukuqinisekisa ukuthi wonke amazwe ayawuthola umgomo wokuvikela abantu kukhuveth, ikakhulukazi labo abasemazweni ahlwempu.

Kuleli sonto, iGhana ibe ngeyokuqala ukuthola imgomo yokhuvethe ngaphansi kohlelo lweCovax. Leli lizwe lithole imijovo eyizi-600,000 ye-AstraZeneca-Oxford eyakhiwe iSerum Institute e-India.

IGhana isibike abantu abangaphezulu kwezi-80,700 asebetheleleke ngokhuvethe kwathi abangaphezulu kwama-580 bashona kusukela kwaqubuka lolu bhubhane.

Nokho njengoba iCovax isanda kuqala umsebenzi wokukhipha umgomo, amanye amazwe asevele asenezivumelwano namazwe afana neChina, iRussia, i-India kanye nezinye izinkampani zaseNtshonalanga. 

Imigomo emithathu yaseChina nokuyiSinopharm, iSinovac kanye neCanSino ithathwa njengaleyo efanele ukuthunyelwa emazweni asathuthuka ngenxa yokuthi akunzima ukuwasabalalisa ezindaweni ezehlukene njengoba egcinwa efrijini elejwayelekile.

IChina ithembise ukuthi izohlinzeka amazwe ayishumi nesishiyagalolunye ase-Afrika ngemigomo. Okhulumela uMnyango Wezangaphandle uWang Webin uthe: “IChina isinikele ngemigomo eZimbabwe kanye nase-Equatorial Guinea, futhi izoqhubeka inikezele ngosizo olusemandleni ayo ukulekelela i-Afrika ikwazi ukulwisana nobhubhane ukhuvethe.”

Ngesonto eledlule, uHulumeni waseZimbabwe wamukele imijovo eyizi-200,000 yemigomo yaseChina, nenikelwe uHulumeni wakhona. Amanye amazwe ase-Afrika anezivumelwano zokuthola imigomo enziwe eChina yiEgypt, iMorocco, iSierra Leone, iSenegal neSeychelles.

Nokho uHulumeni waseChina ususolwe ngokuthi usebenzisa imigomo yayo ukusabalalisa umthelela waleli lizwe emazweni ehlukene. Nokho iChina ithi inhloso yayo ukulekelela ukuqinisekisa ukuthi amazwe asathuthuka nawo ayakwazi ukuthola umgomo ukuzivikela okhuvetheni. Amazwe i-India kanye neRussia nawo asethole ukugxekwa okufanayo njengoba kuthiwa asebenzisa imgomo enziwa kula mazwe ukuqinisa amaxhamu okuxhumana ezingxenyeni ezehlukene zomhlaba.

Ngokombiko wabezindaba, alinganiselwa emashumini ayisithupha amazwe asehlomulile ngemigomo evela kula mazwe amathathu, iChina, i-India neRussia.

Kusenjalo, iBeijing isithembise ukunikela ngemijovo eyizigidi eziyishumi ohlelweni lweCovax.

Okwamanje iChina isalinde ukuzwa ukuthi iWHO iyayiphasisa yini imigomo yayo emithathu, iSinopharm, iSinovac neCanSino, ukuze ibe ingxenye yaleyo okuhlinzekwa ngayo amazwe ayingxenye yohlelo lweCovax.

IWHO kulindeleke ukuthi ikuphothule ngasekuqaleni kukaNdasa ukuhlolwa kocwaningo lweSinopharm neSinovac.

Okwamanje mibili imigomo esaphasiswe iWHO ukuze ithengwe bese esenikezwa amazwe asathuthuka, nokuyi-AstraZeneca kanye nePfizer.

Ngakolunye uhlangothi, iRussia isithembise i-African Union nemele amazwe angama-55 akuleli zwekazi imijovo eyizigidi ezingama-300 yemigomo yayo iSputnik-V.

See Also

Ekhuluma esithangamini sabaholi bamazwe omhlaba, uMengameli uCyril Ramaphosa unxuse amazwe adla izambane likapondo ukuthi anikele ngengxenye engamaphesenti amahlanu emigomweni yawo ukusiza amazwe ahlwempu, ikakhulukazi e-Afrika.

Ubekhuluma kuleli sonto esithangamini ebesihlelwe iWHO kanye ne-European Union ngokubambisana neGlobal Citizen ukuze kudingidwe indlela yokulwa nokhuvethe kanye nezinye izinselelo zomhlaba.

UMengameli we-European Commission u-Ursula von der Leyen uthe sebenikele ngemali elinganiselwa ezigidigidini eziyisi-R8.8 ohlelweni lweCovax.

Ngesonto eledlule, uHulumeni wase-USA noholwa uMengameli uJoe Biden uthembise ukunikela ngemali elinganiselwa ezigidigidini ezingama-58 kulolu hlelo.

IWHO ihlose ukugoma cishe ama-20% abantu abadala abasemazweni abasathuthuka kulo nyaka wezi-2021.

Nokho okwamanje kusabonakala kusazoba umqansa ukufeza lesi sifiso njengoba le nhlangano yezempilo ithi iCovax isashodelwa imali eyizigidigidi ezingama-$23 ukuqinisekisa ukuthi kunemali eyanele yaemigomo.

UNobhala Jikelele weWHO uTedros Adhanom Ghebreyesus uphinde wanxusa amazwe adla izambane likapondo ukuthi apheze ukuthenga yonke imigomo ukuze ayigcine ezinqolobaneni zayo ngoba lokhu kushiya iCovax ingenalutho ezoyithengela amazwe asathuthuka.

Amazwe eG7 asethembise ngokuthi azonikela ngemali eyizigidigidi ezingama-$7.5 kulona uhlelo lweCovax, nokuyinto eshayelwe ihlombe umholi weWHO. Nokho uthe kusazomele amazwe athuthukile enze okukhulu kunalokhu ukuze umhlaba wonke ukwazi ukuqeda ubhubhane ukhuvethe.

Scroll To Top