Now Reading
Angaqhamuka kwabengamele izinkantolo uMehluleli Omkhulu?
Dark Light

Angaqhamuka kwabengamele izinkantolo uMehluleli Omkhulu?

Kulezi zinyanga ezedlule le ngosi ishicilele imibhalo ebihlaziya ukuqokwa kukaMehluleli Omkhulu nokuthi njengoba kulo nyaka wezi-2021 liphela ihlandla likalowo ophethe lesi sikhundla manje, uMehluleli uMogoeng Mogoeng, ngubani kubehluleli abangaqokelwa ukuthatha lesi sikhundla.

Sibhekile futhi ukuthi ngabe kungenzeka yini ukuthi kuqopheke umlando kwezobulungiswa kuleli kuqokwe umehluleli wesifazane ukuba aqhoqhobale lesi sikhundla okokuqala ngqa.

Oshicilelweni lwanamuhla sibheka ukuthi ngabe kulokhu ozoqokelwa kulesi sikhundla angaphuma yini kubehluleli abangomengameli babehluleli kwezinye izinkantolo zakuleli.

Lokhu kubukeka kungeke kwaba lula njengoba laba behluleli bengekho eNkantolo YoMthethosisekelo kanti ngakolunye uhlangoti, uma kubukwa ukwanda komsebenzi wokuphatha kulesi sikhundla, kungawenza umqondo ukubheka abantu abanesipiliyoni ekuphathweni kweziNkantolo Ezinkulu. 

Phakathi kwabehluleli esibheka kubona sibala uDunstan Mlambo, uJohn Hlophe, u-Aubrey Ledwaba noCagney Musi.

UMengameli Wabehluleli uMlambo       

NjengoMengameli Wabehluleli eGauteng High Court, uDunstan Mlambo usehole inkantolo enkulu nematasa kakhulu ezweni kusukela ngowezi-2012. Ngaphambi kwalokho wayenguMengameli Wabehluleli weNkantolo Yezisebenzi phakathi kowezi-2010 kuya kowezi-2012.

Lona nguMehluleli onamava amakhulu oqale waqokelwa eNkantolo Yezisebenzi ngowe-1997 kwathi eNkantolo Enkulu kwaba ngowezi-2000.   

UMlambo uyahlonishwa ngamagalelo akhe kwezokuphatha njengoba iNkantolo Enkulu yaseGauteng isinconywe kakhulu ngokusebenza ngaphandle kokuphazamiseka okutheni nokuhlalela amacala ngezobuchwepheshe ngaphansi  kwemvalelwakhaya ngesikhathi sokhuvethe.    

Kodwa njengoba kushiwo ukuthi alikho isoka elingenasici, kube nemibiko yabezindaba eveze ukuwohloka kwengqalasizinda eNkantolo Enkulu ePretoria engenye eyakha iNkantolo Enkulu yaseGauteng. 

Nakuba lokhu kuqubula imibuzo ngoMlambo, kufanele kwazeke ukuthi umbiko ukhomba ukungenzi kahle eHhovisi likaMehluleli Omkhulu hhayi ukungaphathwa kahle kwale Nkantolo. 

Uma kungabhekwa amava ekuphatheni, uMehluleli uMlambo ukulungele ukungena kulesi sikhundla.     

Akagcini ngokuba ngumlawuli kepha yisazi somthetho esinohlonze futhi esesibe uMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala phakathi kowezi-2005 kuya kowezi-2010.

Usekhiphe izinqumo ezibalulekile njengasecaleni: President of the Republic of South Africa v Office of the Public Protector lapho athola ukuthi uMengameli uZuma kumele akhokhele izindleko zecala alihoxisa lapha ayefuna ukuvimbela umbiko woMvikeli WoMphakathi omayelana nokugwamandwa kombuso.      

Lesi sinqumo sisanda kugcizelelwa yiNkantolo Yokwedluliswa Kamacala.

Nguye owakhipha isinqumo ecaleni: Multichoice (Proprietary) Limited and Others v National Prosecuting Authority and Another, lapho anquma ukuthi icala lokubulala lomgijimi u-Oscar Pistorius lisakazwe kuthelevishini. Uphinde wakhipha isinqumo ecaleni eNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala Ezisebenzi: South African Police Services v Solidarity imele uBarnard, okuyicala cishe elibaluleke kakhulu eNingizimu Afrika mayelana nokuthi izinyathelo zokubhekelela abamnyama kuqala ngabe ziwukucwasa yini. Kuleli cala uMehluleli uMlambo wanquma ukuthi isinqumo sokungenyuseli esikhundleni esiphezulu umlungu uNkk uBarnard sasinobulungiswa. 

Lesi sinqumo sachithwa iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala kodwa iNkantolo YoMthethosisekelo yasivuna.

Umehluko phakathi kwakhe namaSekela kaMengameli Wabehluleli eGauteng aBehluleli uMojapelo noLedwaba ukuthi akaze abe uMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo.

Ukuhlalela amacala ezepolitiki abucayi eminyakeni embalwa eyedlule kumenze wagqama emphakathini nakuba abanye bengambuka njengodala ukwahlukana ngokwezepolitiki ngenxa yalokhu. 

UMengameli Wabehluleli uHlophe

Kolunye uhlangothi uMengameli Wabehluleli eNkantolo Enkulu eWestern Cape, uJohn Hlophe, ubengathathwa njengofanelwe yilesi sikhundla. Uneziqu zePhD azithola eCambridge University, waqokwa njengoMehluleli esemncane ngokweminyaka yobudala kanti nguye osebe nguMengameli Wabehluleli osedonse isikhathi eside kulaba abakhona.

Naye kunezinqumo ezinzima azithatha okubalwa esangowe-1998 ecaleni: De Lille v Speaker of the National Assembly, lapho anquma ukuthi okushiwo iPowers and Privileges of Parliament Act owawuzama ukugwema kuthi amalungu ePhalamende aphoswe ezinkantolo wawungahambisani noMthethosisekelo. Lesi sinqumo sagcizelelwa iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala.

Ecaleni: Malachi v Cape Dance Academy, wanquma ukuthi okuhlinzekwa umthetho okuvumela okweletayo ukuba aboshwe uma kwakunenkolelo yokuthi ufuna ukubalekela kwelinye izwe ukugwema ukukhokha isikweletu, akuhambisani noMthethosisekelo. Naso lesi sinqumo sagcizelelwa iNkantolo YoMthethosisekelo. Nokho umyalelo wakhe wokuba kususwe izakhamuzi ezilinganiselwa ezi-20 000 emijondolo iJoe Slovo ukuze kwakhiwe izindlu, wachithwa iNkantolo YoMthethosisekelo esinqumweni esaba undabamlonyeni ecaleni: Joe Slovo Community, Western Cape v Thubelisha Homes. Nakuba aziwa amagalelo akhe kwezobulungiswa, kodwa kunephunga elibi osekunesikhathi eside limlandela uMehluleli uHlophe.  

Kuke kwaba nesikhalo ngokwamukela intshontsho wabe esenika imvume inkampani ekhiphe leli ntshontsho ukuba imangalele omunye wabehluleli kodwa watholwa engenacala. 

Kamuva nje, abehluleli baseNkantolo YoMthethosisekelo bafaka isikhalo bemsola ngokuzama ukuthonya aBehluleli uJafta noNkabinde ecaleni elibhekene nowayenguMengameli uZuma. Isikhalo sokuqala savela eminyakeni engama-12 eyedlule. 

Ecaleni: Mulaudzi v Old Mutual Life Insurance Company (South Africa) Limited, iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yathola ukuthi uMehluleli uHlophe akazange asabalalise mqondo wakhe esinqumweni ecaleni lapho ummeli wakhe wayemele omunye kwabathinteka kuleli cala. 

Kukhulunywa nje uHlophe ubhekene nesikhalo esifakwe yiSekela lakhe eNkantolo Enkulu eWestern Cape, uMehluleli uPatricia Goliath, esisezithebeni zeJudicial Service Commission (JSC). Uphinde uyamaniswa nezinsolo zozungu lokusoconga uMehluleli uGoliath nakuba kumele kugcizelelwe ukuthi ubuqiniso balezi zinsolo abukaqinisekiswa. 

Ngaphansi kwalezi zimo kubukeka kulikhuni satshe ukuthi igama likaMehluleli uHlophe liphakanyiswe kulabo abangangenela umjaho wokuthatha esikaMehluleli Omkhulu.    

See Also

ISekela LikaMengameli Wabehluleli uLedwaba

Nakuba kubukeka sengathi leli thuba kungabe lisheshe lafika kuSekela LikaMengameli Wabehluleli ePretoria, u-Aubrey Ledwaba, kodwa kubonakala sengathi uphekelwa izinto ezinkulu.

Useke wabamba njengoMehluleli waseNkantolo YoMthethosisekelo kusukela kuMasingana kuya kuNhlangulana wezi-2019 futhi njengoMehluleli weNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala ngowezi-2020 okulindeleke ukuthi aqhubeke nangowezi-2021. 

Uphinde abe yinhloko yeMagistrates Commission. 

INkantolo Enkulu yasePretoria ingematasa kakhulu ezweni ngakho-ke isipiliyoni sakhe ehola le Nkantolo kuchaza amava akhe ekuphatheni kwezobulungiswa.

Njengoba kubaluliwe kukhulunywa ngoMehluleli uMlambo ngenhla, iNkantolo yakhe isibe sezindabeni muva nje ngezinkinga zengqalasizinda, nakuba kugcizelelwa ukuthi ingcabha ayikho ebuholini bayo futhi uMehluleli uLedwaba ubebambe eNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala ngalesi sikhathi. 

Phakathi kwezinqumo aseke wazikhipha kubalwa esecala: Democratic Alliance v Acting National Director of Public Prosecutions, sokuchitha isinqumo seNaational Prosecuting Athority (NPA) sokungaqhubeki nokushushisa uZuma. Umyalelo wakhe wagcizelelwa iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala. 

Ngesikhathi ebambe njengoMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo, wakhipha isinqumo ecaleni: Moyo v Minister of Police, esathi izigaba ze-Intimidation Act azihambisani noMthethosisekelo. Ecaleni: Patel v National Director of Public Prosecutions, wayalela ukuba kukhokhelwe amadameshe owayenguMengameli Wabehluleli eNkantolo ENkulu KwaZulu-Natal uChiman Patel. 

UMengameli Wabehluleli uMusi

Omunye osavele ngobuso kwezobulungiswa kepha osemathubeni okuqokelwa esikhundleni sikaMehluleli Omkhulu nguMengameli Wabehluleli eNkantolo Enkulu eFree State, uCagney Musi.   

Usephathe lesi sikhundla kusukela ngowezi-2018. UMehluleli uMusi unaso isipiliyoni sokubamba njengoMehluleli weNkantolo YoMthethosisekelo ngowezi-2016 futhi useke waba uMehluleli eNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala Ezisebenzi. Useke waba uSihlalo weCommission for the Remuneration of Public Office Bearers.   

Ezinqumweni aseke wazikhipha kubalwa esecala: S v Liesching, elalibheka izimo lapho isicelo sokuphonsela isinqumo senkantolo inselelo singabuye sibhekwe ma kuvela ubufakazi obusha. Elinye elika: S v Rabako, elalibheka izimo lapho icala lokudlwengula lifaka ukulimaza emzimbeni. 

Ngowezi-2018 uMehluleli uMusi waba sematheni ngesikhathi eshenxa esigcawini esibheka ukuziphatha kwabehluleli esasizophenya isikhalo sabehluleli beNkantolo YoMthethosisekelo ngoMehluleli uHlophe. 

Nakuba kubukeka inkonyane isathuka isisinga kuMehluleli uMusi ekuphatheni isikhundla sikaMehluleli Omkhulu, kodwa  igama lakhe lingabhekwa ngomuso. 

  • Olunye ulwazi olweJudge Matters
Scroll To Top