Umlando wemfundo: Lugogodile uNgoye kwezomthetho


NguMgqibelo, emini yantambama, likhipha umkhovu etsheni ilanga. KusePinetown, entshonalanga yeTheku lapha esikhona. Sisendaweni ejwayelwe ngabathandi bobumnandi “EZAMBULELENI”. Sihleli nezinsizwa lapha ezingabameli, kunamabhodlela aluhlaza nabandayo phambi kwethu.
Ziyaxoxa lezi zinsizwa ayikho efuna ukubonakala sengathi ayazi. Kuxoxwa ngepolitiki, kuxoxwa ngamantombazane (amathekeni), kuxoxwa ngebhola, kukhalwe nangokuhamba kwamandla kagesi. Kukhona noSandile umfo kaDlamini kulezi zinsizwa, naye ungummeli. Athi uyaqala uyakhuluma nje uSandile imenqake enye insizwa.
“Awuthule wena Msenti (uSandile), ayikho into esingayilalela kuwe ngoba wafunda oNgoye. Asifundanga kumaBush Universities thina ubosibheka kahle,” kusho le nsizwa esingajwayele ukuhlala nayo. Into engiyiqaphelayo kulo owedelela uSandile, ukuthi akaminyeli khona okwala, ungathi kade ayigcina le nto ayiphuzayo. Uthi nje ngibonwa ngubani!
Lapho uSandile useyavevezela intukuthelo, ungathi ubanjwe “ngamangongwane”. Mina ngivele ngisuke izithonto, ngivikele uSandile.
“Majita! Asingakhohlisani. Luhamba lodwa uNgoye (University of Zululand) kwezoMthetho. Kusukela emandulo, izingqwayingqwayi zabameli naBehluleli bakhiqizwe uNgoye. UMengameli waBehluleli ezweni lonke, uMehluleli uMogoeng Mogoeng ukhiqizwe uNgoye. Isekela lakhe elisingethe iKhomishini Yokugwamndwa KoMbuso, uMahluleli uMlungisi Raymond Zondo ukhiqizwe uNgoye, uMahluleli uMjabuliseni Madondo oyiSekela loMphathi waBehluleli KwaZulu-Natal uthwase oNgoye, uMahluleli uJerome Ngwenya, osingethe iNgonyama Trust Board uthwase oNgoye, uMmeli wodumo uBheka Shezi ababeyibambe ishisa noMxenge uthwase oNgoye, uSihlalo weKhomishini Yamalungelo Abantu uSolwazi uBongani Majola uneziqu zoMthetho azithola oNgoye, uMehluleli osewathatha umhlalaphansi u-Andreas EB Dhlodhlo naye unguNgoye. UMehluleli uKing Edward “KE” Ndlovu (ongasekho) wayethwase oNgoye.
“Ngingababala kushone ilanga. Abantu abahlonishwayo kwezoMthetho bakhiqizwe uNgoye,” kugalela mina.
“Hhayi abameli abadala labo,” kuzithethelela le nsizwa.
Nango-ke futhi uSandile: “Awubatshele Ndukuzamabhunu! Laba abazi lutho bafunde kula maNyuvesi okwakungawabeLungu phambilini, bese bezitshela ukuthi bayazi. Uma ubabheka basebenza ezinkampanini zabeLungu, bayizichuse khona. Abakwazi ukuzimela, bangopopayi babeLungu.”
Ukuzama amaqiniso amaningi ngezomthetho oNgoye sithinte uMehluleli osemnkantshubovu uJerome Ngwenya nozishaya isifuba ngokugogoda oNgoye emkhakheni wezoMthetho. Uthi kodwa kwakungelula ngoba kwakunguMkhakha omncane futhi oSolwazi ababegogodile kwezoMthetho bembalwa. “Kwakukhona uMmeli u-Ernest Sipho Mchunu owayesifundisa kodwa efunde eHavard University, eMelika, yena. Kube khona uSolwazi uCharles Mandlenkosi Dlamini owaba ngokuwokuqala kwaboHlanga ukuthola iziqu zobudokotela kwezoMthetho. Sasizimisela ngendlela eyisimanga, singafuni ukwehlisa isithunzi semindeni yethu eyayisithumele eNyuvesi.
“Sasinabo oMogoeng, oMnquhe (uMadondo), oZondo noMbatha osenguMehluleli eBloemfontein, njengamanje. UMehluleli uSandile Ngcobo, okewaphatha aBehluleli kuZwelonke naye ukhiqizwe uNgoye. Kwakuboshelwe ngempela ngesikhathi sethu,” kuchaza uMntimande
UMmeli uBhekukwenza Sibiya wakwa-U eMlazi, naye ugogode oNgoye, uncoma indlela abafundiswa ngayo
“Thina safundiswa ngoSolwazi abagogodile kwezoMthetho. Babesenza siwuthande umthetho. Sasike siye eNkantolo eNkulu eMthunzini uma kunamacala anzima athethwayo nalapho sekukhishwa izigwebo siyolalela, yize sasingabafundi,” kuchaza uMnu uSibiya.
Abanye abagogode oNgoye kwezoMthetho sebengabaMmeli basemaJajini (Advocates) kanti abanye basezinkampanini ezizimele bangabeluleki. Abanye bakoMasipala abehlukene bayiziMenenja khona.
UMahluleli uMjabuliseni Madondo, usanda kwethula incwadi ePlay House, eThekwini, ebambisene neNkundla YaBantu yephephandaba loboHlanga. Kule ncwadi ubheka kabanzi ukusebenza kweziNkantolo zoMdabu. UMnquhe uwuNgoye ngokuqeqeshwa.
UNgoye lwakhiwa ngeminyaka yezi-1960. Kwathathwa indawo yeNkosi uMntongenakudla kaMbuyiseni kaPhalane kaMdinwa Mkhwanazi, kwakhiwa kuyo leya nyuvesi. Ingaphansi kwezintaba zoNgoye, esifundeni saseMthunzini.
Enye iNyuvesi eyakhiwa yafana noNgoye, iTurfloop, (University of the North) eseMankweng, ePolokwane, esifundazwen iLimpopo. Yona yayakhelwe abafundi abangabeSotho, abaVenda namaTsonga (SOVENGA). AmaKhaladi akhelwa eyawo inyuvesi, i-University of Western Cape, eBellville, nomphakathi wamaNdiya wakhelwa i-University of Salisbury Island (eyaba yi-University of Durban Westville, ekuhambeni kwesikhathi.)
IFort Hare, e-Eastern Cape, yayisivele ikhona ngoba yasungulwa ngowezi-1916. Inhloso kaHulumeni wobandlululo kwakunika aboHlanga imfundo esezingeni eliphansi. La maNyuvesi ayefakwe ngaphansi kwe-University of South Africa (UNISA). Ayedelelwa la manyuvesi ebizwa ngama“Bush Universities”, nezinsiza kufundisa zingalingani nawalawo “ayengawabaMhlophe” njengo-University of Natal, i-University of Witwatersrand, ne-University of Cape Town. NamaBhunu ayenawawo amanyuvesi lapho kwakuphehlwa khona ubandlululo iRand Afrikaans University (RAU) eseyaba i-UJ, iStellenboch nePretoria.
Luyohlale luhlonishwa ‘uNgoye lwaKwaZulu’ ngokuphakela isizwe izinjulalwazi emkhakheni wezoMthetho.