Izigungu eziphezulu sekwaba yigama nje kwamanye amaqembu
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umbhali uthi kumaqembu amaningi abaholi sebaphenduka omantolombana balabo ababaxhasa kusayiwa okhethweni, azithathwa izinqumo kuyadudulwana
Igama elithi kunesigungu esiphezulu lisho into esobala. Lisho ukuphatha, ubuholi nomhlahlandlela. Abaqokwa kulesi sigungu njengamalungu ngabantu okwamukelekile ukuthi banamava noma amakhono okuphatha. Laba bantu igama elithi ngabaholi libafanele.
Nalo leli gama linomthwalo walo ngoba lo okuthiwa ngumholi kulindeleke ukuthi kahole ngaso sonke isikhathi. Ukuhola lokhu phela kulunjaniswa nesibindi, ukuphokophela nokuma mpo entweni noma emgomeni lowo. Amaqembu epolitiki ayaba nokhetho ngaphambi kwesikhathi esithile lapho ekhetha khona isigungu sokuphatha, okungabesilisa nabesifazane abathathwa njengabaholi.
Kulishwa ukuthi lokhu okwabe kucatshangwa ngalezi zigungu sekushabalele nokuyinto eqala kude le hhayi ngoba sebeqokiwe. Indlela amaqembu amaningi asekhetha ngayo abaholi kayisanasithunzi. Empeleni isingabekwa njengobugebengu ngoba abanye bayaliveza iqiniso lokuthi kakusakhethwa ngoba kulandelwa amava athize kepha abantu sebeyathengwa.
Ongasekho uMnu uMeshack Hadebe uhambe eseshilo ukuthi unobufakazi obuqandula ikhanda ukuthi ngesikhathi kunokhetho lwesigungu esiphezulu sikaKhongolose ngonyaka wezi-2017 abantu babethengwa ukuze njengezimvu bavotele abathile.
Akayedwa uBhungane kulokhu ngoba nomunye umholi kuleli qembu uMnu uToyko Sexwale wafakaza okufanayo. Uma lokhu kuliqiniso kusho inhlekelele uma sekufika entweni abanye abayibiza ngentando yabantu. Kanjani na?
Isithunywa engqungqutheleni sisuke singumlomo wabantu abaningi esisuka kubo. Uma nje singabuka kuwo uKhongolose, laba bantu abasuke bebalelwa ezi-5 000 abasuke beyizithunywa basuke bemele izinkulungwane zamalungu asuke esele emakhaya. Uhamba nje umuntu uphathisiwe. Sekuwukungathembeki-ke ukuthi ungathi uphathiswe okuthile bese uvuma ukuba imali ikwenzise okunye.
Le mikhuba ayikho kuKhongolose kuphela kepha isikhonjwa emaqenjini amaningi. Esikhundleni sokuthi abantu okuyizithunywa bakhulume inqubomgomo yeqembu kuqala bese beqondanisa nabaholi abangaphumelelisa lelo phupho elikunqubomgomo, bona baqala ngokuthi ngubani umholi. Umbuzo uthi usuke usubone kanjani ukuthi lo mholi osuthi nguye kungakahlalwa uyahambisana yini nalokhu ophathiswe khona?
Imiphumela yabaholi abaqokwe kanjena esigungwini esiphezulu wukuthi nabo uma sebephethe ukuze baphile kumele bahlale befunza noma befunzwa yilabo abazibona benamandla ngoba ‘yibo ababaqokayo’.
Lapha usuke usunomholi ongemholi kepha osengumantolombane nje wabathile lapha enhlanganweni. Uma bethi akathathe isinxele wenza njalo yize azi kamhlophe ukuthi ngalokho kungahle kusho ubungozi.
Omunye umphumela lapha kuba ukungathathwa kwenzinqumo kakhulu uma kuloku kudizwa ngemali kugcine kukhethwe zombili izinhlangothi esigungwini leso.
Uma sebehleli abaholi laba basuke besaqhubeka kumbango wangamhla bekhethwa, akuze kungaphunywa nesinqumo esiqondile ngoba amalungu esigungu lapha amatasa avikela abaseki babo.
Impela ize iphele iminyaka abantu abebeqokelwe ukuthi bahole bengakakwenzi lokho. Lesi senzo sibeka iqembu kanjalo namalungu alo enkingeni ngoba kusuke kumile ukuholwa kanjalo nenqubomgomo ingacacile.
Yilapho-ke mhlawumbe igama ‘ukugwamandwa’ okungaba okweqembu noma kuHulumeni kungaqhamuka khona.Empeleni ungakubza ngani lokhu kokuthi bthi abantu bephathiswe zinkulungwane zamalungu abo bse bona beqoma izingqoko zakweminye imizi?
Sengkushilo lokhu kuhle samukele ukuthi lomkhuba osupheduka usiko uqala lapha kumalungu nasemphakathini. Yebo angithi omantolombana laba baqala bengamalunu njengawo wonke umuntu, bese bewezwa yiwo amalugu lawa. Yiwo namalungu asuke echathwe ngamagama athize nawo avuma. Lokhu nje kukodwa kukhomba ukuthi ukubola lokhu kujulle.
Pho kwenziwe njani manxa kunje ?
Sekungaba yiphutha ukuthi manxa sibheka lolu daba bese sigxila kulokho okuyinkinga bese siyeka ukuchitha isikhathi esiningi sakha ikhambi. Lokhu engikubuka njengekhambi kuhle kungamukelwa njengozifo zonke ngoba kupolitiki ayikho into enjalo.
Ngokwami elinye ikhambi kungaba wukwebuza kwamaqembu, abuza nje asuka ekubeni ngamaqembu anezinkulungwane zamalungu angazi lutho ngomlando wepolitiki yeqembu lelo nezwe.
Bayingozi abantu abaningi ngokuvota kepha ulwazi do. Bayingozi laba bantu ngoba banezibhono kabesuthi. Ubathenge nje bayanda namuhla kusasa kuyoba ngabanye abanemali basuke kuwe oyobe usungasenayo.
Mhla besuka ngenxa yedlala nomgolo awuzwa ngabo, uzwa ngabanye ubone nangemiphumela yokhetho lapho usukhala ngaphansi. badlula endleleni bakuphise sengathi anikaze nazane.
Usala wedwa uthi manxa likulahlile uboshwe wedwa. Ngamafuphi ngithi isisu sikahlohlesakhe womholi nelungu lenhlangano kasisi suthi, uma unedlela ungaqali nje usondele ngoba uma wenze njalo ulola amazinyo ento eyothi ingabona ukuthi awusayiphakeli idle wena.