Useyinsika yeqembu laseSpain uKgatlana
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Unejubane nekhono okuyisimanga ongaze ufunge ukuthi ungowesilisa.
Lowo nguChrestinah Thembi Kgatlana ongumdlali kanobhutshuzwayo igama lakhe elisematheni muva nje njengoba elokhu eqhubekile nokweza kahle eqenjini lakhe iSD Eibar laseSpain.
Emveni kwemidlalo eli-16 esiyidlalile le ntokazi yaseMohlakeng isikwaze ukuthi ishaye amagoli ayisi-8 yakhanda amahlanu. Ungomunye wabanamagoli amaningi kuligi yaseSpain iPrimera División.
Usele ngamagoli ayisi-6 ku-Esther Gonzalez onamagoli amaningi ali-14, odlalela iLevante Women.
Umqeqeshi weSD Eibar, u-Iker Dorronsoro, ubeka uKgatlana njengethemba leqembu. “Ngaphandle kokuthi ushaya amagoli, uKgatlana ungumdlali ongethembela kuyena. Akanawo umona webhola, uhlezi elisebenzisa ngokufanele ibhola futhi usebenza ngokukhulu ukuzikhandla,”kusho u-Iker.
ISD Eibar kulogi ihlezi endaweni ye-10, emva kwemidlalo eli-18 inqobe kayisi-6 yadlala ngokulingana kane, yahlulwa emdlalweni emine nokuyishiya namaphuzu angama-22. Iqembu okuyilo elizihola phambili iBarcelona Women enamaphuzu angama-48.
UKgatlana uqale ukudlala phesheya kwezilwandle ngonyaka wezi-2018 edlalela iHouston Dash yase-United States, wabonwa uVera Pauw owayengumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli iBanyana Banyana. Wayedlala nozakwabo uJanine van Wyk noLinda Motlhalo, wadlala imidlalo eli-16 washaya amagoli amabili.
Wabe esesuka lapho ngonyaka wezi-2019 wajoyina iqembu laseChina iBeijing BG Phoenix kanye nozakwabo uMotlhalo.
Emidlalweni eli-10 wakwazi ukushaya amagoli ayisi-6 nokwadonsa amehlo eqembu lasePortugal iSL Benfica.
Njengoba eyijoyine nyakenye akabanga nayo imidlalo eminingi ngenxa yokhuvethe, wadlala imidlalo emithathu washaya amagoli amabili.
Aseke wakuzuza uKgatlana
Emqhudelwaneni wangonyaka wezi-2017 weCosafa Women’s Championship waqokwa njengomdlali ovelele.
Ngonyaka wezi-2018 emqhudelwaneni weCAF Africa Women Cup of Nations waqokwa njengomdlali ovelele.
Kuwo futhi umqhudelwano weCAF Africa Women Cup of Nations ngonyaka wezi-2018 wavalela phakathi amagoli amaningi. Waqokwa njengeFootballer of the Year ngaphansi kweCAF African Women’s, ngawo unyaka wezi-2018. Waba ngumdlali oshaye igoli elihle.
Ngawo lowo nyaka wezi-2018 waqokwa njengomdlali ovelele emqhudelwaneni iCyprus Cup.

