Umqeqeshi weTottenham Hotspur ufuna indebe kule sizini



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weTottenham Hotspur uJose Mourinho uthi uzokuqinisekisa ukuthi kule sizini banqoba inkomishi eyodwa.
Okwenza asho lokho ukuthi ufuna ukugcina umgadli oyisethenjwa kuleli qembu ophinde abe ngukaputeni uHarry Kane.
UKane oneminyaka yobudala engama-27, ekuqaleni kwesizini wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukubona uguquko kuleli qembu ngaphambi kokuthi asayine inkontileka ezomgcina eyidlalela isikhathi eside.
Amaqembu ake avela ukuthi afuna uthuli uKane, iParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance, i-Atletico Madrid yaseSpain, iManchester United neLiverpool FC okungamaqembu ase-England neReal Madrid yaseSpain okuyiyo ebizihola phambili kwabafuna ukumsayinisa.
Emva kwemidlalo engama-30 kusizini yangowezi-2020/21 uKane usevalele phakathi amagoli angama-20.
ITottenham yagcina ukunqoba indebe ngonyaka wezi-2008 inqoba iLegaue Cup. Kulo nyaka isemathubeni okunqoba lo mqhudelwano futhi njengoba isikowamanqamu nalapho izobhekana khona neManchester City.
“Ukuze sinqobe indebe kule sizini sidinga ukunqoba umdlalo owodwa nje vo. Ngiyazi ukuthi kungenzeka singanqobi kwazise sizobe sidlala neqembu elizonqoba iPremier League kulo nyaka, ngakho-ke ngicabanga ukuthi kuwumdlalo wamanqamu onzima kakhulu okuzodingeka siwudlale. UKane uhlezi ewusizo olukhulu eqenjini, uyisethenjwa seqembu. Kulo mdlalo kumele ngimlwele ukuthi siwunqobe,” kusho uMourinho.
Lo mdlalo ozokuba mhla zingama-25 kuMbasa uzobanjelwa eWembley Stadium, eLondon.
ITottenham Hotspur kule mpelasonto izotholana phezulu nayo iMan City emdlalweni we-English Premier League (EPL). Lo mdlalo uzokuba kusasa e-Etihad Stadium okuyinkundla yeThe Citizens (iMan City), uzoqala ligamenxe elesi-7 kusihlwa.
Ebuzwa ngalo mdlalo uMourinho uthe: “Umdlalo onzima kakhulu, iCity idlala kahle kakhulu ngiyibona izoba ngompetha bakulo nyaka. Ngeledlule idlale kahle ihlula iLiverpool FC okuyiyo evikela isicoco. Yize kunjalo kodwa lokhu akumele sikufake emqondweni, enkundleni kudlala abadlali abali-11 iqembu ngalinye akekho ozobe eshoda.”
EzikaMourinho zisendaweni yesi-8 kulogi, emva kwemidlalo engama-22 zinamaphuzu angama-36. IMan City yona esesicongweni inamaphuzu angama-50 emva kwemidlalo engama-22.
IThe Citizens eqeqeshwa uPep Guardiola emidlalweni yayo eyisi-7 edlule ingenelwe igoli elilodwa yanqoba kuyona yonke imidlalo yayo, ikwaze ukushaya amagoli ali-19. Kule midlalo ibhekane neBurnley eyihlule ngamagoli amabili eqandeni ngoLwesithathu, iSheffield United, iWest Brom, i-Aston Villa, iCrystal Palace, iBrighton Hove kwaba iLiverpool FC. Iphethe ukhonkolo emumva okunguJohn Stones, uDias Ruben, uJoao Cancelo no-Aymeric Laporte.
Omunye umdlalo ozobe ubhekwe ngabomvu oweLeicester City neLiverpool FC.
Okwenza lo mdlalo ushube ukuthi iLeicester City ihlezi endaweni yesithathu kulogi, ngamaphuzu angama-43 kanti iLivepool FC yona ihlezi endaweni yesine ngamaphuzu angama-40.
Lo mdlalo uwona ozovula kule mpelasonto njengoba uzoqala libumbene elesibili ntambama, uzodlalelwa eKing Power Stadium.
Isiyonke imidlalo ye-EPL kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Kusasa
- ILeicester City neLiverpool FC, eKing Power Stadium ngele-14:30
- ICrystal Palace neBurnley, eSelhurst Park ngele-17:00
- IMan City neTottenham Hotspur, e-Etihad Stadium ngele-19:30
- IBrighton & Hove Albion ne-Aston Villa, eThe American Express Community Stadium ngele-22:00
NgeSonto
- ISouthampton neWolverhampton Wanderers, eSt’s Mary’s Stadium ngele-14:00
- IWest Bromwich Albion neManchester United, eThe Hawthorns ngele-16:00
- I-Arsenal neLeeds United, e-Emirates Stadium ngele-18:30
- I-Everton neFulham, eGoodison Park ngele-21:00