Bucwila buvumbuke ubudlelwano beTurkey ne-EU
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NgoMsombuluko ntambama, uMengameli waseTurkey uRecep Tayyip Erdogan ubenomhlangano wocingo nomholi waseGermany uNkk u-Angela Merkel. Kulo mhlangano u-Erdogan uthe ukulangazelele ukuvuselela amaxhama phakathi kwezwe lakhe nenhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union (EU).
Uze wathi ufisa babe nenkomfa ngenyanga uNtulikazi. Lo mhlangano ulandela ukungahoshelani kwesikhashana phakathi kwalezi zinhlaka. Izizathu zalokhu kungahoshelani zithinta kakhulu iGreece. Leli lizwe kalihoshelani neTurkey ngenxa yezizathu ezimbili; abokufika nempumalanga yeMediterranean.
Abokufika Zili-18 kuNdasa kowezi-2016 i-EU neTurkey bamemezela isivumelwano sokubambisana enkingeni yabokufika abavaleleke emazweni anezimpi ikhakhulukazi eYemen, eLibya, e-Afghanistan, eSyria, ePalestine, e-Iraq nase-Eritrea. Kulesi sivumelwano, iTurkey iwumzila wokungena e-Europe. Abokufika bazoqala eTurkey bese leli lizwe libadlulisela eGreece lapho kuzohlonzwa khona izizathu zabo zokubaleka emazweni abo uma zinesisindo bese bephakelwa amanye amalungu e-EU, ngaphandle kweHungaray, iPoland neCzechia bona abacela ukungahlanganiswa nalesi sinqumo.
Okwagcina sekwenzeka ukuthi bababaningi kakhulu abantu abasebethutheleka eTurkey ngenhloso yokudluliselwa eGreece kanti nohlelo lokuhlonza abakufanele ukudlulela kwamanye amazwe lwaluhamba kancane ngenxa yobuningi babantu kanye nokuziqhelelanisa kwamanye amazwe nalesi sinqumo kulandela imibhikisho nezehlakalo zokuhlaselana phakathi kwabokufika nabangumsinsi wokuzimilela. IGreece yazama ukunxenxa iTurkey ukuthi inciphise umthamo wabantu kodwa iTurkey yala ukukwenza lokhu isizathu esigqamayo kungesokuthi ukwanda kwabantu ukukhula komhlomulo kuyo.
IGreece igcine isiziphendulela ngokubabuyisela kuTurkey bonke abantu ebaletha ngaphandle kokuvumelana. Nayo iTurkey yenza okufanayo ethe isijika yathumela umbutho wezempi ukuthi uqaphe umngcele wayo neGreece. I-EU yabe isiyalela iTurkey ukuthi ilumise uhlelo lokuletha abantu eGreece kodwa leli lizwe lafuna isinxephezelo semali ngalokhu ekubiza njengokwephula isivumelwano. Babe sebonakala kanjalo ubudlelwano phakathi kwe-EU neTurkey iGreece eyazithola isiyisisulu sabo.
Impumalanga yeMediterranean
NgoMandulo wanyakenye icishe yaqhuma intabamlilo phakathi kweTurkey neGreece kubangwa impumalanga yeMediterranean. Le ngxenye yolwandle icebile ngowoyela nezinye ezimbiwa kanti iTurkey, iGreece neCyprus bonke bathi banelungelo lokuyimba. Lawa mazwe aseze amemelana kulo mbango. IGreece yamema iFrance ukuthi iyinkankise ngenkulumo iTurkey neCyprus ukuze bayeke ukuthi le ndawo ingeyabo.
ITurkey yasheshe yakhombisa ukuthi lo mbango awuxazululwe ngemibutho yezempi njengoba yashesha yathumela imikhumbi yempi ukuthi iqaphe le ndawo. ICyprus yona isala ingecuthele ukubona ophuma phambili kulo mbango kwazise iyisiqhingana esincane ngokuba yizwe eliselisha kulandela ukukhululwa iBritain ngowe-1980 ekuyigwinyeni. Kulo mbango iTurkey yasola i-EU ngokuvuna iGreece nokuyinto le nhlangano eyiphikayo.