Bangcweka ngakhona omkhaya bakwaZulu
Muhle umdlalo kaZuma noZondo uma siwuqaphela singafunda lukhulu
Kuningi okuhlale kukhulunywa ngeKhomishini kaZondo. Kukhona abayitusayo nabayithatha njengomalamulela odabeni lwenkohlakalo kuleli. Bese kuba khona abayisola ngokuthi iyisisefo nomgoga wabathile nohlose ukubamba abathile. Lezi zinkulumo ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi azizimbi, empeleni kuhle zigeleze ukuze kube nenkulumompikiswano ephilayo ezweni.
Okuba kubi nokho yisimo lapho labo abaphikisanayo sebesebenzisa amagama aqojeme nokuyinto engakhi nesingayivuni. Ezinyangeni ezedlule sigquguzele abafundi bethu ukuba basebenzise le Khomishini ukuzicija ngolwazi oluthinta umthetho nokusebenza kwawo. Lokhu besikusho sibona ubuchule babameli ikakhulukazi labo abamele uMnu uZuma kanye nabeKhomishini. Lezi zinhlangothi zombili ngokuphikisana zikwazile ukusivula amehlo kokuningi.
Okwakamuva nje yisinqumo sayizolo lapho iNkantolo yoMthethosisekelo ibikhipha isinqumo esiwujuqu odabeni oluthinta phakathi kokunye amasamanisi athunyelwa uZuma. AbeKhomishini bebethi iNkantolo ayivune bona kulolu daba, uZuma waqoka ukungalibhadi nokuyilungelo lakhe nalapho.
Shiya nje ukuthi isinqumo silahle bani savuna bani okuhle kulezi zinsizwa zakwaZulu yindlela ezingcweka ngayo, enye iyayinika enye ithuba ukuba ikhiphe amangwevu.
Ithi ingaqeda bese kuthathela lena enye bese zombili zilinde isinqumo senkantolo. Kumqoka lokhu ngoba kuyisifundo esithi sonke sinamalungelo okuyokhuleka ukuba inkantolo iselekelele kwesingaboni ngaso linye kukho. Lena esiyibonayo ayinamkhonto nasibhamu, yimpi nje yomqondo, ophumelele nakhona akabe esekloloda. Nohluliwe ubheka ezinye izindlela zokubuya.
Siyafisa lo moya ube nakubantu emaqenjini nasemphakathini lapho kukhona ukuncintisana ngokwemibono. Lokhu sikufisa ngoba sewukhona lapha phansi umoyana othi uma siphikisana siyizitha. Nothi amandla okulwa yiwo aqeda ukuncintisana. Kulokhu siyababaza sithi akunjalo.
UZuma noZondo basifundisa ukuba ngamanono ekuphikisaneni, induku yabo bayishaya kahle ngoba abantu bathukana nje lapha phandle bona awukaze ubezwe bethukana. Yikho sithi muhle umdlalo wabo udinga ukuba kusikwe kuwo iphethini, siye phambili njengesizwe.