Now Reading
Odlala kuGladAfrica ufisa ukwembatha elesizwe
Dark Light

Odlala kuGladAfrica ufisa ukwembatha elesizwe

Umqhudelwano weNedbank Cup uthokozelwa ngabantu abaningi kwazise uveza amakhono abadlali abancane abasuke bengaziwa iningi labantu kuleli.

INedbank Cup eqale ngeledlule ikwazile ukuqhubeka nalokho ehlezi ikwenza. Lokho kubonakalile iRichards Bay FC  edlala esigabeni sesibili, idlala ngabadlali abangenawo amava atheni iguqisa iKazier Chiefs emdlalweni obungeSonto.

NgoMgqibelo i-Orlando Pirates inqobe ngegoli elilodwa eqandeni kodwa imiswe kabi u-Uthongathi FC nalo olugijima esigabeni sesibili.

Kulo mdlalo kugqame kakhulu ukuqokwa komdlali wo-Uthongathi uXolani Slawula njengomdlali ovelele.

USlawula oneminyaka yobudala engama-26, ubengafuni lutho emumva evimba abagadli bePirates.

Ekhuluma nelaboHlanga udalule okuyikho okumenza ehlezi ekhuthazeka uma engena enkundleni ekutheni enze kahle.

“Uma unomuntu okholelwa kuwena, uhlezi wenza isiqiniseko sokuthi awufuni ukumuphoxa. Nami ngisesimweni esifanayo-ke, umdlali ongumakade ebona u-Issa Sar uyena muntu ohlezi engikhuthaza kakhulu ukholelwa kumina okudlula mina uqobo. Ngaphambi komdlalo ungithumelela amazwi akhuthazayo, asho nanokuthi ubona kungifanele ukudlala kuDStv Premiership. Akukhona ukuthi ngizimisele ngoba siyodlala nePirates kuphela kodwa yonke imidlalo yethu ngenza kahle ngenxa yakhe,” kusho uSlawula.

Kule mpelasonto u-Uthongathi FC luzobhekana nomkhaya balo iRoyal AM. Lo mdlalo uzokuba kusasa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngele-15:30 ntambama.

Ephawula ngawo lo mdlalo uSlawula uthe: “Yize sihluliwe ngeledlule kodwa indlela esidlale ngayo isithokozise kakhulu siyiqembu. Sizimisele ukuthi siqhubeke nayo kulo mdlalo wethu neRoyal AM. Wonke umuntu uzilolonga enokuzethemba okukhulu, siyazi siya emdlalweni onzima kodwa nakanjani sifuna ukuwunqoba.”

U-UThongathi FC oluteketiswa ngokuthi iCane Cutters luhlezi endaweni yesi-6 kulogi. Emva kwemidlalo eli-11 lunqobe emine, lahlulwa kwemihlanu lwase ludlala ngokulingana kwemibili kanti lunamaphuzu ali-17. IRoyal AM yona ihlezi endaweni yesi-7, emva kwemidlalo eli-12 inamaphuzu ali-17.

ElaboHlanga libuza uSlawula ukuthi kule sizini bayazibona yini benqoba iligi uthe: “Ngeke sizifakele ingcindezi enkulu, okwenza ngisho lokho ukuthi sihanjelwe abadlali abaningi ekuqaleni kwesizini manje sisahlanganisa iqembu elisha. Kodwa uma singaqhubeka nokwenza kahle sigcina siba sendaweni enhle kungaba yinto enhle kakhulu.”

See Also

Esonga uthe: “Ngiyafisa ukudlalela iqembu elikhulu kuleli. Kunabadlali abaze bawabeke ethala amakhokho bengakaze baqukule neyodwa inkomishi, mina ngifuna ukubalwa nabadlali asebeke banqoba umqhudelwano okungaba iligi. Okuyisifiso sami esikhulu ukuba ngigqoke umfaniswano weBafana Bafana.”

Isiyonke imidlalo yeGladAfrica kule mpelasonto ihlelwe kanje

Namuhla

  • ICape United nePretoria Callies, eParow Park Stadium ngele-15:30

Kusasa

  • IPretoria University FC neCape Town All Stars, e-Absa Tuks Stadium, ngele-13:00
  • U-UThongathi FC neRoyal AM, ePrincess Magogo Stadium ngele-15:30
  • IJDR Stars neSteenberg United, eGiant Stadium ngele-15:30
  • ICape Town Spurs neSekhukhune United, eCape Town Stadium ngele-15:30
  • IFree State Stars neRichards Bay FC, eGoble Park Stadium ngele-15:30

NgeSonto

  • IBizana Pondo Chiefs neJomo Cosmos, eKing Zwelithini Stadium ngele-13:30
  • IPolokwane City neTS Sporting, e-Old Peter Mokaba Stadium ngele-15:30
Scroll To Top