Now Reading
INestle iphika eyobuthi
Dark Light

INestle iphika eyobuthi

Abazali abapha abantwana babo ukudla okuthengwa sekulungele ukudliwa eChina bathe ukukhathazeka emva kombiko wase-USA othole ubuthi obusezingeni eliphezulu kweminye yemikhiqizo. Inkampani yaseSwitzerland iNestle isiqinisekise ukuthi imikhiqizo yayo yokudla kwabantwana kwakwaGerber eyenziwa eChina kuphephile. Lokhu kuza emva kokuthi inhlangano iMaternal and Child Industry Committee of China Commercial Economy Society ibhale ezinkundleni zokuxhumana yexwayisa amalungu ayo ukuthi ayeke ukudayisa le mikhiqizo.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana zaseChina babelane ngesithombe esinesexwayiso esifakwe yile nhlangano ziyisi-6 kuNhlolanja ku-inthanethi.

Le nhlangano ikhombe umbiko osanda kukhishwe iSishayamthetho saseMelika lapho abaphenyi bethole khona ukuthi iLead, iCadmium neMercury, phakathi kwezinye izinto, kusezingeni eliphezulu kweminye yemikhiqizo yokudla kwezingane edumile, okubalwa nokwakwaGerber. “Yonke imikhiqizo eyenziwa eChina iyahambisana namazinga aseChina asemthethweni okuqinisekisa ukuphepha kokudla kwabantwana,” kusho iNestle esitatimendeni kuleli sonto. Ikomidi leSishayamthetho saseMelika elibhekene nezomnotho nomgomo wezabathengi likhiphe umbiko ngeledlule nokhombe ngenjumbane izinkampani ezine ezinkulukazi zase-USA ezikhiqiza ukudla kwabantwana. Lezi zinkampani iNurture, iBeech-Nut, iHain neGerber zivumile ukuthi ikomidi lenze uphenyo, ngesikhathi ezinye ezifana neWalmart, iCampell neSprout Organic Foods zingavumanga. Phakathi kwemikhiqizo etholwe inamazinga aphezulu ama-metal anobungozi kubalwa ukudla okwenziwe ngeRice Cereal, amazambane acutshiwe, ijusi nabanye oncamnce bezingane. Okusansimbi okutholakele ekudleni kunobungozi kangangokuthi kungaholela ekuphazamisekeni kokukhula komqondo ezinganeni.

Esitatimendeni, uSihlalo wekomidi uRaja Krishnamoorthi uthe izinkampani zokudla zikudayise zazi ukuthi kunenkinga futhi azizange zifake zexwayiso zokuqwashisa abathengi. Bephendula emva abakwaGerber bathe lezi zinto ezitholakele zenzeka ngokwemvelo emhlabathini kanye nasemanzini lapho kutshalwa khona izimbewu abazisebenzisayo.  

Le nkampani yengeze ngokuthi ithatha izinyathelo ezehlukene ukuqinisekisa ukuthi izinga lobungozi liphansi kakhulu.

See Also

AbakwaNestle bathe izexwayiso ngokuphepha kwemikhiqizo yayo kumele zishicilelwe kuphela emva kokuphasiswa isigungu sombuso eChina. Bathe isexwayiso esifakwe ezinkundleni zokuxhumana sidale ukudideka emphakathini saphinde sangcolisa negama labo.

Ngokombiko, inhlangano ebifake isexwayiso ithe kube iphutha ukuthi siphumele emphakathini. Ibe isifaka isaziso ngoLwesibili ezinkundleni zokuxhumana ichaza ukuthi izikhulu eChina azikaze ziyalele ukuthi kususwe emashalofini asezitolo ukudla kwakwaGerber.

Scroll To Top