Ibuye yahlabana iKingsmead ngokusingatha enohlonze yekhilikithi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Inkundla enkulu yekhilikithi eThekwini iKingsmead Stadium iphinde yahlomula ngokuthi ithole elinye ithuba lokuthi isingathe imidlalo emqoka kuleli.
Emasontweni adlule le nkundla okuyikhala leHollywoodbets Dolphins, ibisingethe imidlalo yeqembu lesizwe lakuleli labesifazane, iMomentum Proteas kanye nelasePakistan. La maqembu abedlala imidlalo yeT20 International neye-One Day International (ODI) osekuwumlando ukuthi inqontshwe elakuleli.
Imidlalo ezosingathwa ngeyeT20 ehlelwe inhlangano ephethe ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA).
Lo mqhudelwano ubandakanya amaqembu ayisi-6, kuwona okubalwa iMomentum Multiply Titans, iVKB Knights, iSix Gun Grill Cape Cobras, i-Imperial Lions, iWarriors nosokhaya iHolywoodbets Dolphins.
IT20 Challenge izoqala mhla zili-19 kuya mhla zingama-28 kwephezulu. Okugqamile ukuthi amaqembu azohlala endaweni eyodwa ukuvimba ukubhebhetheka kokhuvethe. Usuku nosuku kulindeleke ukuthi kudlalwe imidlalo emibili.
UMqondisi wekhilikithi kuleli uGraeme Smith uthe: “Kuthathe ukuzikhandla okukhulu ukuhlela ukuthi le midlalo ibe khona. Kuliqiniso ukuthi siphila ngaphansi kwezikhathi ezinzima kodwa ukuhamba kahle komqhudelwano osanda kusongwa weMomentum One Day kusinike ithemba lokuthi nalona uzohamba kahle. Yize kujabulisa ukuba khona kwalo mqhudelwano, kodwa esizokuqikelela ukuthi sigcina abadlali bephephile yingakho sifuna ukuba nebio-bubble eyimpumelelo. Singakwenza kube impumelelo njengoba sikwenzile emidlalweni yosuku olulodwa (Momentum One Day).”
Eqhuba uthe: “Lo mqhudelwano uzonika abadlali ithuba lokuthi baziveze kwazi bani mhlawumbe bangazithola sebebizwa eqenjini lesizwe. Uzophinde ukhulise abadlali abaningi abancane abasanentshisekelo yokuzibona bedlala imiqhudelwano emikhulu.”
Oyibamba leSikhulu Esiphezulu uPholetsi Moseki uthe: “Sizokuqinisekisa konke ukuthi lo mqhudelwano awuphazamiseki. INingizimu Afrika inomlando omuhle ekukhiqizeni abadlali abenza kahle emidlalweni yamaT20. Angingabazi ukuthi lo mqhudelwano uzoqhubeka wenze esifanayo usikhiqizele okhilimu babadlali abancane abazodlalela amaProteas ngomuso. Yize kungeke kube khona izibukeli ezinkundleni zemidlalo, kodwa sijabule ukukuqinisekisa ukuthi yonke imidlalo eli-17 izosakazwa bukhoma kuSuperSport, okusho ukuthi abalandeli bazoqhubeka bathole ithuba lokuzibonela ngawabo ikhilikithi esezingeni lomhlaba behlezi emakhaya.”
Imidlalo ezovula ngoweMomentum Multiply Titans neVKB Knights ozokuba ngehora le-10 ekuseni kuthi ngele-14:30 kube owosokhaya iHollywoodbets Dolphins neSix Gun Grill Cape Cobras.
Kuzo ezithinta ikhilikithi yakuleli, umqeqeshi weMomentum Proteas uHilton Moreeng emva kokuthi iqembu lakhe ihlule iPakistan Women uthe akajabuli kakhulu kodwa ziningi izimpawu ezinhle ezivezwe iNingizimu Afrika njengoba ibuyele enkundleni okokuqala cishe esikhathi esingangonyaka kade yagcina.
Imidlalo emithathu ye-ODI elakuleli liyinqobe yonke, eyeT20 emithathu lanqoba emibili lahlulwa kowodwa.
“Lolu chungechunge lufike ngesikhathi esihle lapho abadlali kade bekulangazelele ukudlala. Kunikeze ithuba lokukwazi ukuzilungiselela umqhudelwao weNdebe YoMhlaba ikakhulukazi imidlalo yosuku yeT20,” kusho uMoreeng.