Now Reading
Awungaziki ekhona amaqembu aphikisayo
Dark Light

Awungaziki ekhona amaqembu aphikisayo

Impela kuliqiniso ukuthi lapha eNingizimu Afrika izinto zenzeka ngenye indlela. Bheka nje isibonelo nxa ubuka okuphathelene nombangazwe uyathola ukuthi empeleni kuvamile ukuthi nxa siphawula ngezinto ezenzakalayo sibheke kakhulu enhlanganweni ebusayo okuyi-African National Congress (ANC). 

Mhlawumbe lokho sikwenza ngezizathu ezahlukene phakathi kwazo okubalwa iqiniso lokuthi i-ANC inesibalo esiphezulu sabavoti nezikhundla – hhayi kuphela ePhalamende naseZishayamthetho kepha nasemikhandlwini eminingi kuleli nokwenza izinto eziningi ezinhle nezimbi zenzeke ngaphansi kobuholi bayo.  

Okunye leli qembu lingelidala kakhulu emzabalazweni waboHlanga futhi yilo elokuqala elahola leli lizwe ngesikhathi liwelele ekubusweni ngedemokhrasi.  Elinye iqiniso futhi wukuthi siyabhala futhi siphawule nge-ANC ngoba imithetho eminingi ekhona ezweni esivumelanayo ngayo, njengaleyo yokuvikelwa kwamalungelo ezingane nabesifazane, kanye naleyo esingaboni ngaso linye kuyo efana nethinta nesigwebo sentambo iphekwa kulo ibhodwe le-ANC. 

Kepha sengikushilo lokho kuwumbono wami ukuthi ekugxileni kokwenziwa yi-ANC okuhle nokubi njengabahlaziyi, ongoti kanye namaphephandaba, siyalibala ukwenza okufanayo ezinhlanganweni eziphikisayo nokuyizimbangi zikaKhongolose.

 Lapha ngingakhuluma ngezinhlangano ezifana neDemocratic Alliance (DA), iCongress of the People (COPE), i-Inkatha Freddom Party (IFP), iPan Africanist Congress (PAC), iNational Freedom Party (NFP), i-Economic Freedom Fighters (EFF) ukubala nje ezimbalwa,

Mhlawumbe kumele siqale ngokwamukela ukuthi njengeqembu elibusayo amaqembu aphikisayo nawo amqoka ekusimamisweni kwedemokhrasi ezweni. Nawo, njengeqembu elibusayo, ayisithako esimqoka ekwenzeni uHulumeni kanye nemithetho ebusa izwe. Nawo, njengelibusayo, acosha imali yabakhokhi bentela ukwenza imisebenzi yawo, namalungu awo ahola kulo ibhodwe leli namalungu e-ANC acosha kulo, imali yethu bakhokhi bentela.

Ngamafuphi ngithi nawo aphikisayo njenge-ANC asiwabheke ngeso lokhozi. Ngizokwenza nje isibonelo nje sezinto engicabanga ukuthi kumele siziqaphele kuwo; okokuqala yinqubo yentando yabantu yangaphakathi. Kuke kumangaze uma amanye amaqembu aphikisayo ekhuluma ngento ayibiza ngokuthi ukuswelakala kwentando yabantu eNingizimu Afrika nakulo iqembu elibusayo kepha angazinuki wona amakhwapha. Kanjalo nathi njengabahlaziyayo, ongoti nababika izindaba asiqapheli ukuthi isifumbu sibona uqhaqhazela. 

Ngoba phela siyabuka futhi sizwe, amanye ala maqembu ake akhulume ngezinkinga ezikhungethe i-ANC kepha nawo qobo anezinkinga ezifanayo noma ezedlulele. Isibonelo nje, amanye ala maqembu (yize sihlonipha ukuthi kungenzeka ukuthi asuke ekhethwe ngo-elethu) ayakwazi ukuthi uMengameli wezwe akahlale amahlandla amabili esihlalweni kepha wona qobo anabaholi asebehlale amahlandla adlula amabili. 

Umbuzo uthi siwalalele yini uma ethi akwenzeke kwabanye kepha wona engakwazi ukukwenza ekhaya?

Amanye ala maqembu akhuluma ngobandlululo kanye nokungalingani kwabesifazane nabesilisa kepha wona qobo asiboni enabantu besifazane abaningi ebuholini, nalapha umbuzo uthi kumele siwalalele yini uma ekhala ngobandlululo nokungalingani? 

See Also

Olunye uhlangothi okumele silubheke emaqenjini aphikisayo izixazululo azilethayo ezinkingeni esinazo. Isibonelo nje, uma ephikisa umthetho othize yikuphi aqhamuka nakho okuwumthetho wona? Lokhu kumqoka phela ngoba nawo uma esebenza kanzima angase abe uHulumeni. Umbuzo uthi uma ehlulwa ukusinika okuyimithetho eyahlukile kunaleyo abayiphikisayo ayosinikani uma esephethe? Siselapho, asohlukanisa ukuphawula nokwakha umthetho owehlukile, isibonelo siyezwa amaqembu aphikisayo ephikisana nohlelo lwe-e.toll eGauteng kepha mangaki aseqhamuke nokwahlukile? 

Engizama ukukubeka lapha wukuthi kuhle ukuthi njengongoti nabezindaba sikwazi ukwelekelela abantu ekubukeni ngelibanzi zonke izinhlangothi. Kuyilungelo labantu ukuba bazi ngokwenzeka ngaphansi kweqembu elibusayo, kanjalo futhi kuyilungelo labo ukuba bazi ngokwenzeka ngasohlangothini lwamaqembu aphikisayo.

Iqiniso elimsulwa yikuthi okwamanje sisaphaka nje okohlangothi olulodwa nokuyinto engabasizi abavoti okumele bathathe isinqumo ngokumele babavotele noma bakuvotele. 

Engikuphakamisayo wukuthi asibafundise noma sibembulele abantu nangamaqembu aphikisayo, ukuthi enzani nokuthi acabangani. Ngokwenza njalo siyobe senza okuyikho ekugxiliseni intando yabantu ezweni lakithi.

Scroll To Top