Now Reading
Umdlalo wegalofu ubonakala udlondlobala ezingeni lomhlaba
Dark Light

Umdlalo wegalofu ubonakala udlondlobala ezingeni lomhlaba

Lokhu kubonakala ngomqhudelwano omkhulu nosezingeni labakhokhelwayo ozodlalelwa eSaudi Arabia okokuqala ngqa  


Isimo segalofu ezingeni lomhlaba siyathuthuka kubonakala ngemincintiswano emikhulu ezodlalwa ngenyanga uNhlolanja. 

Lo mdlalo ungenisa imali eningi kubadlali, iziteshi zethelevishini, imisakazo, amaphephandaba, nezimboni ezahlukene njengempahla egqokwayo, ezokuthutha njalo njalo. 

Ngenxa yobhubhane oluwukhuvethe, ike yadodobala njengoba amazwe nezinhlangano ezilawula ezempilo nalezo ezilawula ezimidlalo zike zakumisa ukudlalwa kwalo mdlalo ngonyaka odlule ngenxa yokwesabela impilo yabadlali, ababukeli kanye nabasebenza enkundleni uma kunomncintiswano.

I-European Tour

Inyanga uNhlolanja izovula ngeSaudi International ezodlalelwa eSaudi Arabia. Kuzobe kuqala ngqa ukuthi leli lizwe libe nomncintiswano omkhulu futhi osezingeni labakhokhelwayo. Umdlalo wegalofu kuleli lizwe lama-Arabhu usafufusa. INingizimu Afrika izobe imelwe yizingqwayingqwayi ezinomlando omuhle kulo mdlalo okubalwa uJustin Harding, uGeorge Coetzee, uDean Burmeester, uJustin Walters, uBrandon Stone, uRichard Sterne, uHayden Porteous, uZander Lombard, uWilco Nienaber, uChristiaan Bezuidenhout, uGarrick Higgo, uJayden Schaper, u-Ernie Els (osesithombeni) onomlando onqala kunabo bonke laba badlalli baseNingizimu Afrika. Izinkomishi asaziphumelela kubalwa kuzo iThe Open neThe US Open okuyimincintswano ahlonishwa kakhulu ozinqobile. Kanti abathandi begalofu abakakhohlwa okwenzeka kuPresidents Cup eyayidlalelwa eFancourt eGeorge, lapho yena noTiger Woods bashayana baze babukana, kwalamula ukuhlwa. 

U-Els wayemele ama-International kanti uTiger Woods wayemele i-United States. Kwaphetha ngokuthi okaputeni bamaqembu womabili bavumelane ngokuthi umncintiswano wangalelo hlandla uthathwe njengodlalwe ngokulingana. 

UZander Lombard yena wazakhele ugazi mhla ephumelela iNelson Mandela Challenge eyayidlalelwa eMount Edgecombe Country Club eThekwini. 

Omunye obhekwe kakhulu kulo mncintswano uPaul Casey wase-England osanda kudla ubhedu emncintiswaneni iDubai Classic ngenyanga kaMasingana nonyaka. Kulo mncintiswano uBrandon Stone waseNingizimu Afrika ulale isibili.

Ngasekupheleni kwenyanga uNhlolanja kuzodlalwa iWorld Golf Championships – Mexico. Lo mncintiswano uzodlalelwa enkundleni iThe Concession Golf Club khona eMexico. Umpetha ovikela lesi sicoco uPatrick Reed.

I-US PGA Tour

Le Tour yase-USA izovula ngePhoenix Open ezodlalelwa enkundleni iTPC Scottsdale-Stadium Course ese-USA. Ngonyaka odlule lo mncintiswano wanqotshwa nguWebb Simpson ngo-17.  Ngaphambi kwalokhu kudla ubhedu, uSimpson ubesephumelele imincintiswano ye-US PGA Tour eyisikhombisa. Lapha sibala iWyndham Championship ayiphumelela ngowezi-2011, i-United States Open ayidla ngowezi-2012, lapho ahlula khona uGraeme McDowell noMichael Thompson ngeshodi elilodwa. 

Ngowezi-2018 wadla ubhedu kuThe Players Championship.

See Also

Kuzolandela i-AT&T Pebble Beach Pro-AM ezodlalelwa ePebble Beach. Ngonyaka owedlule lo mncintiswano waphunyelelwa nguNick Taylor oyisakhamuzi saseCanada, nokwakuqala ngqa ukuthi lo mncintiswano unqotshwe ngumdlali wakuleliya zwe.

ISunshine Tour

Lolu chungechunge lwemidlalo yegalofu lungeyaseNingizimu Afrika, iNingizimu eseZansi ne-Afrika kanye namanye amazwe ase-Afrika. Luzovula ngeKit Kat Group Pro-Am ezodlalelwa eHougton Golf Club kusukela ziyisi-5 kuya ziyisi-7 kuNhlolanja. IPro-Am uhlobo lomncintiswano oludlalwa yizimfundamakhwela kanye nezingcweti ezikhokhelwayo.

Kuzobe sekulandela imincintiswano engaphansi kweChallenge Tour emithathu, iholwa phambili yiDimension Data Pro-Am, iCape Town Open kanye neLimpopo Championship.

IDimension Data Pro-Am eyaphunyelelwa nguChristiaan Bezuidenhout ngowezi-2020, izodlalelwa ezinkundleni ezintathu eFancourt Golf Estate, eGeorge lezi okuyiThe Links, iMontagu ne-Outeniqua.

ICape Town Open izodlalelwa eKing David Mowbray Golf Club naseRoyal Cape Golf Club, iLimpopo Championship yona izodlalelwa e-Euphoria Golf Club.

Scroll To Top