Seziyangqubuzana ezeSix Nations kwelombhoxo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uyaqala kule mpelasonto umqhudelwano wombhoxo obizwa ngeSix Nations odlalwa amazwe ayisithupha okuyiWales, i-Italy, iFrance, iScotland, i-Ireland ne-England. Ompetha balo mqhudelwano i-England kuyiwa kulo mqhudelwano nje, maphakathi nesonto kuvele izindaba zokuthi uJohn Mitchell ongumqeqeshi wabadlali basemumva kuleli qembu uyayivuselela inkontileka yakhe.
UMitchell uvuselele inkontileka ngeminyaka emibili nohhafu okusho ukuthi uzohlala kuze kube kuphela umqhudelwano weNdebe YoMhlaba ozokuba ngonyaka wezi-2023 eFrance.
Lo mqeqeshi odabuka eNew Zealand wajoyina u-Eddie Jones okunguye oqeqesha i-England ngoMandulo wangonyaka wezi-2018, esuka eqenjini lalapha eNingizimu Afrika iBlue Bulls.
Lezi zindaba zokuvuselelwa kwenkontileka kaMitchell ziqinisekiswe i-England’s Rugby Football Union (RFU), okuyinhlangano ephethe umbhoxo kuleliya zwe.
“Ngizizwa ngithokoze kakhulu ukuthi ngivuselele inkontileka yami. Kulesi sikhathi engisihlale lapha, ngeneme kakhulu. Kuyinto emnandi ukuba kuleli qembu ngoba ngisebenza nebutho labadlali abanekhono eliyisimanga, nomqeqeshi onamava kanye nalolonke ithimba. Kuthathe isikhathi ukwakha lobu budlelwano, ingakho ngijabule ngoba ngifuna buqhubekele phambili. Kuningi engifuna ukukunqoba naleli qembu,” kusho uMitchell.
Eqhuba uthe: “Ngibona e-England kuyindawo engilungele ukuthi ngizikhulise njengomqeqeshi. Ngihlezi ngifunda izinto ezithize kubaqeqeshi. Abadlali ngicabanga ukuthi ibona abazokwenza umsebenzi wami ubonakale.”
Akukhona okokuqala uMitchell eqeqesha ku-England njengoba ake wayiqeqesha kusukela ngonyaka we-1997 kuya kowezi-2000. Waphinde waqeqesha i-Ireland ngonyaka we-1996, waphinde waqeqesha neNew Zealand kusukela ngowezi-2001 kuya kunyaka wezi-2003.
UJones usijabulele kakhulu isinqumo esithathwe ilo mqeqeshi. “Zingithokozise kakhulu izindaba zokuvuselelwa kwenkontileka kaMitchell. Okungijabulisayo ukuthi sizosebenza ndawonye ukufeza iphupho lethu okuwukunqoba iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2023. Unekhono eliyisimanga, ngethemba abaqeqeshi abancane nabadlali abasuka ezinkulisa bazofunda okuningi kuyena,” kusho uJones.
I-England izovula imidlalo yayo yeSix Nations neScotland kusasa ngele-18:45 eTwickenham Stadium.
Ebuzwa ngalo mdlalo uJones uthe kuzomele nakanjani bawunqobe. “Umdlalo wokuqala emqhudelwaneni nakanjani kumele siwunqobe ngoba sizozithola sisenkingeni ekuhambeni kwesikhathi. Asiyithathi kancane iScotland kodwa kumele sisheshe sicacise ngayo ukuthi yini inhloso yethu. Sifuna ukuba iqembu elihamba phambili eselike lanqoba lo mqhudelwano,” kusho uJones.
I-England lo mqhudelwano isiwunqobe amahlandla angama-39 ngokulingana neWales.
Iqhathwe kanje imidlalo yeSix Nations kule mpelasonto:
Kusasa: I-Italy neFrance, eStadio Olimpico ngele-16:45 ntambama;
I-England neScotland, eTwickenham ngele-18:45
NgeSonto: IWales ne-Ireland, ePrincipality Stadium ngele-17:00