Now Reading
Ophosele inselelo uMengameli wase-Uganda kolokhetho usenikele eNkantolo Enkulu
Dark Light

Ophosele inselelo uMengameli wase-Uganda kolokhetho usenikele eNkantolo Enkulu

Ngeledlule kuvele izindaba zokuthi amasosha ezwe abeqaphe umuzi kalowo obegaqele isikhundla sobuMengameli e-Uganda, uMnu uBobi Wine, asesukile ngemuva kwezinsuku ezili-11 ekanise kulo muzi engamvumeli uWine ukuthi aphume endlini. 

Ukusuka kwamasosha lapha kuza emva kwesinqumo seNkantolo Enkulu yakuleli lizwe ethe uma uHulumeni unobufakazi obungabophisa uWine kufanele kufakwe icala enkantolo hhayi “ukubanjwa ngokungafanele ekhaya lakhe”.

Kungakapheli nesonto elilodwa sekuvele imibiko ethi uWine usephonsele imiphumela yokhetho inselelo yezomthetho eNkantolo Enkulu e-Uganda.

Kuzokhumbuleka ukuthi imiphumela yokhetho yamchitha uWine kwanqoba uMnu uYoweri Museveni onguMengameli wezwe kumanje. 

UMuseveni owayengumholi wamasosha avukela umbuso osehole leli lizwe elisempumalanga yezwekazi i-Afrika kusukela ngonyaka we-1986, umenyezelwe njengonqobe ukhetho lwamhla zili-14 kuMasingana nonyaka ngamaphesenti angama-59 kwathi uWine wathola angama-35.

“Sifuna imiphumela yokhetho icinywe kuqalwe kabusha,” kusho uMnu uGeorge Musisi ongummeli weqembu likaWine iNational Unity Platform (NUP).

UWine, oneminyaka yobudala engama-38, ongumculi aphinde abe yilungu leSishayamthetho kuleli lizwe wenqaba noma waphikisa imiphumela yokhetho ayisola ngokuthi ikhwatshanisiwe.

See Also

UMusisi uthe uWine ubefuna iNkantolo iguqule imiphumela yokhetho ngezizathu eziningi ezihlanganisa ukusetshenziswa kodlame ezweni lonke.  

“Bekungekho ukuvota okuqondile kulokhu, bekukhona ukusatshiswa kwezisebenzi zeqembu iNUP kanye nabalandeli balo. Abanye baboshwe ngosuku olwandulela ukhetho futhi kube khona ukuvota ngaphambi kosuku lokhetho okwenzekile.”  

UWine, ogama lakhe lempela nguRobert Kyagulanyi, usebenzise amandla akhe obusha kanye nothando lezwe lomculo ukwakha abalandeli abaningi abayintsha obekuletha inselelo enkulu  kuMengameli uMuseveni.

Scroll To Top