Asikaziwa isibalo sabalimele nabafile kuqhuma ibhomu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuqhume ibhomu emotweni okusolwa ukuthi bekungelokuzibulala nabantu enhlokodolobha yaseSomalia, iMogadishu.
Lokhu kulandelwe ukudubulana phakathi kwamasosha nabezokuphepha kuleli lizwe ehhotela esilobe singaziwa isibalo sabashonile kulesi sigamenko.
Iqembu lamasosha elibizwa nge-al Shabaab, okwaziwa kahle ukuthi lixhumene nelinye elaziwa umhlaba wonke i-al Qaeda futhi kukaningi liqhuba uhlelo lokuqhunyiswa kwamabhomu empini yalo noHulumeni wakuleli lizwe, selikubikile ukuthi lesi sigameko sihlelwe yilo esiteshini sayo somsakazo.
“Imoto ebihamba ngesivinini iqhume eduze kwehhotela kanye nendawo yokuhlola. Ukuqhuma kusethuse kakhulu kwalandela ukuqhuma kwezibhamu emuva kwalokho,” kusho umnikazi wesitolo uMnu u-Ali Abdulahi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba mayelana nalesi sigameko.
Kubonakale amaphoyisa esevimbe indawo yesigameko lapho okuhlolwa khona izimoto ezilibangise esikhumulweni sezindiza futhi lapho osopolitiki abajwayele ukuhlangana khona ehhotela.
“Lokhu kuqhuma kwenze ihhotela lanyakaza ngesikhathi sihleli phakathi sizixoxela. Sibe nokuthuka kanye nokudideka,” kusho ufakazi uMnu u-Ahmed Nur ophinde wachazela abezindaba ukuthi uphunyuke ngokwehla ngesitebhisi esiseduze nodonga.
“Ngigxume ngehla ngase ngiyabaleka, angazi nokuthi izinto bezinjani nami bengesaba, ngizwe nje ukuqhuma kwesibhamu futhi ngabona intuthu emnyama.”
Okhulumela amaphoyisa, uSadik Ali, uthe baningi abantu abahlengiwe ehhotela i-Afrik.
“Kodwa bakhona abashonile ngoba ukuhlasela kokuqala kwaleli qembu kube ukuqhunyiswa kwebhomu emotweni eceleni kodonga,” kusho u-Alic ekhuluma nabezindaba.
“Uhlelo lokuthungatha nolokuhlenga abantu lusaqhubeka, izibalo zabashonile zona zizokwaziwa emuva kwesikhathi.”
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Al Shabaab ifuna leli lizwe lilawulwe ngomthetho wenkolo yobuSulumane iSharia Law.
Akubanga nampendulo ngalesi sigameko eqhamuke kuziphathimandla zakuleli lizwe kanye nenhlangano i-African Union (AU) ezama ukugcina ukuthula kuleli lizwe, kepha kuzokhumbuleka ukuthi yeseka uHulumeni ophikiswa yi-al Shabaab.
Umsakazo we-al Shabaab obizwa ngokuthi yi-Al Andalus uthe amasosha ayo angene phakathi ehhotela ngemuva kokuqhuma kwebhomu.