Now Reading
Okwamanje akekho osaqhamuka nosizo
Dark Light

Okwamanje akekho osaqhamuka nosizo

Emizamweni yokuthola ukuthi ngobani abangaletha usizo kulesi simo, elaboHlanga lithinte ihhovisi loyiso elibhekelele ukusebenza ngendlela kwezempilo (Office of Health Ombud),  nokuwuphiko oluzimele olwakhiwe ngaphansi komthetho iNational Health Amendment Act of 2013 nelingaphansi kwe-Office of Health Standards Compliance (OHSC). 

Lolu phiko luholwa nguSolwazi uMalegapuru Makgoba kanti selutuswe kakhulu ngokupheya ezinye izigameko ezishiye kukhalwa njengalolo lwase-Esidimeni lapho okwavela ukuthi inqwaba yeziguli ezaziphazamisekile emqondweni zashona ngenxa yokunganakwa. Leli hhovisi lisanda kukhipha umbiko obucayi ngokuphathwa budedengu kwesiguli saseTembisa, uMnu uShonisani Lethole, okuthiwa wahlaliswa amahora ali-100 engadlile kulesiya sibhedlela. 

Okhulumela leli Hhovisi nokhulume nelaboHlanga, uMnu uRicardo Mahlakanya, uthe bayazi ngalolu daba lwabesifazane okubikwa ngabo kodwa ngenxa yokuthi seluphenywe yiCGE sekungawukuphindaphinda izinto uma nabo bengaluphenya njengoba besebenzisana nje nayo. Ithe ingezwa lokho intatheli yelaboHlanga yaphikelela eMnyangweni Wezempilo. 

Ngokomlomo kaDkt uManala Makua, oyiNhloko Yophiko Olubhekele Ukulashwa Kwezifo Ezithinta Omama Nabesifazane kuMnyango Wezempilo, iMaternal and Women’s Health, uthe kuningi asebekwenzile njengoba ethe sebesungule amakomiti ahlukene azobhekana nazo zonke izidingo zalabo abathinteka kulolu daba. 

“Okuningi sesikwenzile yikhona nje ukuthi besifuna ukuxoxisana nalabo abathintekayo uma sesisungule wonke amakomiti. Besinethemba lokuthi sizoqala ukuxoxisana nabo ingakapheli le nyanga. Senzela ukuthi uma sesiqala sixoxisana nabo sikwazi ukubanika iphakheji ephelele ngokwezidingo zabo,” kusho uDkt uMakua. 

Uqhubeke wathi  baphothule ukusungulwa kwala makomiti phakathi kuLwezi noZibandlela nyakenye. Uthe la makomiti abhekele izinto ezahlukene njengokubheka imithetho ethinta ukuvala inzalo nokunye. Uveze nokuthi bazoqinisekisa ukuthi abahlukumezeki labo abathinteka kulolu daba uma sebexoxisana nabo bazohlangana nomuntu ngamunye ukuze baqinisekise ukuthi bamnika lolo sizo oluhambelana naye. 

See Also

UNks uMthembu uthe okunye okubakhathazayo kulolu daba lokuvaliswa kwabesifazane inzalo ukuthi abesifazane abathintekayo abesifazane boHlanga. Uthe lokhu kubenza babone ukuthi namanje abesifazane imizimba yabo isahlukunyezwa njengasesikhathini sobandlululo. 

Uthe babona uHulumeni kaKhongolose uqhubeka khona ekubahlukumezeni bengabantu besifazane. Uthe abesifazane abavalwa, bavalwa inzalo ngezindlela ezingafani njengoba abanye babo babephoqwa ukuthi basayine. Abanye bangatshelwa kwakhona ukuthi bazovalwa inzalo.

  • ElaboHlanga limema abesifazane boHlanga okungenzeka ukuthi nabo bavalwa inzalo ngoba benengculaza okungenzeka ukuthi ababanga yingxenye yophenyo olukhona. Bangathumela ku: ed@igunundu.com.
Scroll To Top