Isijeziso sokuba nengculaza: Bavaliswe inzalo ezibhedlela


Kwabangama-48, abangama-38 abaKwaZulu-Natal. Kusuka ngowezi-2004 uHulumeni uthule
Usizi lugcwala ebusweni nasemazwini uma bechaza ngobuhlungu bokwazi ukuthi ngeke basazithola izingane abesifazane abasola uHulumeni waseNingizimu Afrika ngokuba nesandla esinqumweni sezisebenzi zezempilo zasezikhungweni zikaHulumeni sokuphoqa abesifazane abanegciwane lengculaza ukuthi bavalwe inzalo.
Okuphinde kwenze lesi simo sivuse iminjunju kulaba besifazane ukuzibona behlamukiwe futhi benganakiwe uHulumeni wabo abebethembe ukuthi kuzozwela kuwona uma sekukhona umbiko okuvezayo ukuthi kunobufakazi bokuthi amalungelo abo anyathelwa ngezinyawo.
UNkk uThandeka Majozi oneminyaka yobudala engama-48 nokusetshenziswa leli gama ngoba ecele lakhe ligodlwe, ulandise elaboHlanga ngokuphoqwa esibhedlela sasePort Shepstone ukuthi athathe isinqumo esashintsha impilo yakhe, sashabalalisa namaphupho okuba nomndeni onenjabulo nokuzwana.
Lona wesifazane ongowokuzalwa endaweni yakwaNzimakwe khona ePort Shepstone nosekwashabalala wonke amathemba okuphinde abe nenye ingane ufisa abasemagunyeni kuHulumeni baqonde ukuthi kwamhlukumeza kangakanani ukuphoqwa ukuthi avale inzalo emuva kokuthi ebelethe ingane yakhe yesine eminyakeni eli-15 edlule. Ungomunye wabesifazane abangama-48 okubalwa kubo abangama-34 basezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal ababe yingxenye yombiko weCommission for Gender Equality (CGE) okhishwe nyakenye ngabesifazane abakhala ngokuvaliswa inzalo ngoba kuthiwa banegciwane lengculaza.
“Umyeni wami besekushoda ukuthi angibulale ngendlela ebesesingahlalisene kahle ngayo ekhaya. Ubese engithuka, engishaya esho nokuthi sekufana nokuthi uganwe ngomunye umuntu wesilisa ngoba into angakwazi ukuzenzela yona iyodwa kuphela – ukuthola umntwana ebengingasakwazi ukumnika yena ngoba ngavaliswa inzalo esibhedlela,” kubalisa lona wesifazane.
Ngokusho kwakhe wayeyobeletha ingane yakhe yesine ngesikhathi etshelwa ukuthi kufanele avale inzalo. Nokuyilapho azithola esenkingeni yokuvuma ukuvala inzalo ngoba kuthiwa akavale angashiyi izingane ezizoba yizintandane.
“Ngangisewodini ngilinde ukuyohlinzwa ngesikhathi kungena umhlengikazi eqinisekisa ukuthi nginegciwane lengculaza. Waphuma isikhashana nje wabuya esephethe ifomu athi kufanele ngilisayine, ngivume ukuthi ngiyayivala inzalo. Ngaqale ngalibuka ngaliziba kodwa wabuya wangifakela ingcindezi yokuthi ngisayine. Ngabona ukuthi angiqhubeke ngoba manje kungenzeka bangangihlinzi ukuze ngibelethe,” kuchaza lona wesifazane.
Uthe akazange amtshele umyeni wakhe owayesangubaba wengane yakhe kuphela ngaleso sikhathi njengoba babengakashadi. Uthe ithumba libhoboke ngoba kuhamba iminyaka bengakwazi ukulamanisa indodana yabo esineminyaka yobudala eli-15.
“Umyeni wami besinengane eyodwa kuphela ndawonye ngoba izingane lezi ezinye ezintathu ungifice nginazo. Wangithatha nazo sanethemba lokuthi sizoqhubeka sithole abanye abantwana nakhu-ke sengiphoqwa ukuthi ngivalwe,” kusho uNkk wakwaMajozi
Uthe umhlengikazi wamtshela ukuthi akusizi ukuthi abe nenkani aqhubeke azale izingane azozishiya zibe yizintandane. Lesi sinqumo sisamhlukumeza namanje njengoba ekhale ngokuthi uthando kumyeni wakhe lwaphela ngenxa yokungaqhubeki kwakhe amtholele abantwana.
Yize angazange alandwe amalobolo awakhishelwa ngumyeni wakhe kodwa ukuphela komshado wakhe kuyinto emhlukumezayo. “Izilonda namanxeba engawenziwa yilolu hlelo lokuvala inzalo abuhlungu. Ngiphila nobuhlungu engingeke ngabulinganisa nalutho. Umuzi, ungumuzi ngabantwana ukuze wande kukhule naleso sibongo. Amaphupho enganginawo omshado wami athathwa yilo lolu hlelo – olubizwa ngeSterilisation,” kusho uNkk wakwaMajozi.
Okunye okukhathaza yena nabanye abazithola befakelwa le ngcindezi ukuthula koMnyango Wezempilo ngodaba lwabo. Nyakenye ukuphuma kombiko weCGE kuvuse iminjunju kwaphinde kwaletha amathemba kuyena nabanye besifazane kodwa ukuhamba kwesikhathi bengezwa lutho kuHulumeni sekuphinde kwabalalisa kanzima.
UNks uSethembiso Mthembu, ongomunye wabasunguli benhlangano elwela amalungelo abantu besifazane, iHer Rights Initiative uthe kubuhlungu ngoba abanye balaba besifazane sebeze badlula emhlabeni bengabutholanga ubulungiswa.
Uthe balokhu bafaka isikhalo ngenkinga yabantu besifazane abangama-48 ngowezi-2014 besizana neWomen’s Legal Centre kuze kube manje akukho uHulumeni aphuma nakho mayelana nokuthi uzobanxephezela kanjani laba besifazane.
UMaMthembu uyakholwa ukuthi lesi sibalo sabesifazane abasizana nabo sincane kakhulu esibalweni sabesifazane abahlukunyezwa yilo mkhuba obese ufana nomthetho ongabhaliwe phansi wokuthi abesifazane abanegciwane lengculaza baphoqwe noma banxenxwe ukuthi bavale inzalo ngoba kuthiwa bazoshona bashiye izingane ziyizintandane.
Uthe ngonyaka abafake ngawo isikhalo kuphume omunye umbiko weHuman Sciences Research Council (HSRC), HIV/AIDS Stigma Index owaveza ukuthi kukholakala ukuthi babelinganiselwa ema-498 abantu besifazane abavaliswe inzalo ngempoqo ngowezi-2014.
Okukhathaza uMaMthembu ukuthi kusukela ukhishiwe umbiko wakamuva weCGE uMnyango Wezempilo awukaze uxhumane nabo.
“UMnyango awukaze uxhumane nathi mayelana nezikhalo zethu kusuka umbiko ukhishiwe. Kunalokho, sesitshelwa yiyona iCGE ukuthi baxoxisana bathini noMnyango Wezempilo. Okunye sikuthola kwabezindaba,” kuchaza uNks uMthembu.
Uthe sebexoxisene nethimba labameli beWomen’s Legal Rights Centre nokuyibo ababambisene nayo ekulweni lolu daba ngenhloso yokuthi lingenelele lizibhalele zombili lezi zinhlaka ukuze zibanike yonke iminingwane yezingxoxo zazo.
Ngokusho kwakhe abaqondi ukuthi kwenziwa yini iCGE iqhubeke ikhulume noMnyango wodwa bengekho bona bahlukunyezwa.
Uthe okusabaxaka ukuthi eminye yemiyalelo eyakhishwa yiCGE embikweni wayo uthi kufanele uMnyango Wezempilo uthole indlela yokuhlangana nabahlukunyezwa ukuze kutholakale ikhambi lokubhekana nale nkinga eyadalwa izisebenzi zooMnyango.
Kuze kube manje leso siphakamiso asikaze silandelwe.
UNks uMthembu uthe umbiko uyakuveza ukuthi amacala abawatholile okuhlukunyeza kwabesifazane ababeyingxenye yombiko alinganiselwa ema-26.
Phezu kwalokhu umbiko uyakucacisa ukuthi okwenziwa kulaba besifazane kuphambene nomthetho kanye noMthethosisekelo wezwe.
“Sifuna uMnyango ubanxephezele laba besifazane ngokuhlukumeza kwawo amalungelo. Lokhu kudingeka ukuthi kwenzeke ngokukhulu ukushesha. Sifuna uHulumeni ayeke ukuphoqa abesifazane boHlanga ukuthi bavaliswe inzalo ngoba benegciwane lengculaza.
Umbiko weGCE uveze ukuthi abesifazane bahlukunyeziwe futhi bathunazwa ngendlela abaphathwa ngayo.
Uveze nokuthi amalungelo abo nokuhlonishwa kwemizimba yabo athunaziwe. Kuphinde kwalulazwa nelungelo labo lokuzikhethela.
UNks uMthembu, naye ongomunye wabesifazane abahlukumezeka ngenxa yalokhu uthe konke lokhu kukhomba ukuthi bekufanele kusukunyelwe ukunxeshezelwa kwalaba besifazane. Uthe isinxephezelo okufanele basithole kufanele sihambisane nokuhlukunyezwa abakutholile.
Uthe iningi imali esisetshenziswe abanye babo yonke le minyaka bezama ukulungisa inkinga engeke isombululeke.
Yize uthintiwe kaningi uMnyango Wezempilo, awukaze uyiphendule imibuzo ophonswe yona mayelana nalolu daba.
Esethulweni asenze ngoLwezi ngonyaka owedlule ePhalamende eKomitini Lezempilo, uDkt uZwelini Mkhize uveze ukuthi zikhona izinhlelo abazenzayo ukuzama ukubhekana nalesi simo. Okunye kwalokhu ukwenza olwabo uphenyo lwangaphakathi njengoba becelile ukuthi banikwe iminingwane okubalwa kuyo izincwadi ezifungelwe zabanye balaba besifazane abafaka isikhalo.
Kulesi sethulo uveza ukuthi iCGE iqale ngowezi-2017 ukuxoxisana noMnyango Wezempilo ngalolu daba nokuthi umbiko wesikhashana unikwe uMnyango ngowezi-2019. Uveza ukuthi uze wahlangana neCGE emuveni kokuthi umbiko wayo usukhishiwe, awuzange uphendule emuva kokuthi uthunyelwe umbiko wesikhashana.
Kulesi sethulo kuvela ukuthi uNgqongqoshe Wezempilo usezame ukulandela eminye yemiyalelo yeCGE kulokhu kubalwa ukubhekisisa udaba lo mthetho wokuvala inzalo kanye nokubhekisisa udaba lokunikwa kwemvume yilabo abasuke befuna ukuvala inzalo.
Ngaphandle kwalokhu kunohlelo lokulethwa kwamafomu abhalwe ngazo zonke izilimi ukuze abantu basayine into ebhalwe ngolimi abalukhethile nabalwaziyo.
Lesi sethulo soMnyango asichazi ukuthi bazobanxephezela ngani laba besifazane kunalokhu uveza ukuthi kunethimba elihlanganiswe nguNgqongqoshe Wezempilo elinodokotela wengqondo, usonhlakahle, umholi wezenkolo elizosiza laba besifazane ukuze bathole ukwelulekwa. Lizobe selixoxisana nabo ngokuthi yini engenziwa ehambisana nomthetho ukubasiza.
Laba besifazane basakubona kuwukulushaya indiva udaba lwabo kanye nokuhlukumezeka abakutholile. Phezu kwalokhu isilonda abanaso asipholi njengoba namanje besalandelwa yizinkinga ezadalwa yilesi sinqumo.
Ekhuluma naleli phephandaba uDkt uSibusiso Mhlongo ongudokotela owelapha izifo ezithikameza umqondo ozimele, uthe kwakufanele engabe laba besifazane yisinqumo abazithathela sona ngokwabo lesi – kungabi yisinqumo esithathwa yizisebenzi zezempilo noma omunye umuntu.
“Asikho isisebenzi sezempilo okufanele sikhuthaze noma seluleke umuntu wesifazane ukuthi avale inzalo ngaphandle uma kuyito ezosindisa impilo yakhe,” kusho uDkt uMhlongo.
Uthe ukholwa ukuthi into efana nalena ingenza ukuthi laba besifazane bazithole sebenokhwantalala ngenxa yokucabanga kakhulu. Uqhube wathi ngisho kungathiwa kukhona kubona ababesithathe bazi ukuthi kuchazwa ukuthini uma kuthiwa bavalwa inzalo, ngeke basakuvuma manje ngoba sesiside isikhathi kanti futhi abanye babo sebeyazisola.
Uthe ukholwa wukuthi basazoba baningi abazoqhamuka njalo uma kukhulunywa lolu daba ngoba abanye abakezwa basazobona noma lukhulunywa emaphephandabeni.
UDkt uMhlongo uthe kwakhona ukuzwa ngalo kuzokwenza abanye baphinde babe nokuhlukumezeka kabusha ngoba ngisho kungathiwa babesithathile isinqumo bese beze bajwayela ukuphila naso.
Uthe kulula ukukholwa ukuthi abanye balaba besifazane basithathiswa ngempoqo lesi sinqumo.
“Makhulu kabi amandla odokotela nabahlengikazi abanawo ngoba uma bekhuluma neziguli ziyabalalela. Kwabanye kungenzeka ukuthi kwakubekwe engathi yinto engeke ibe yinkinga uma bengayenza le. Abanye kungenzeka ukuthi kwaze kwafinyelela khona ekuphoqweni. Kuyinkinga lokho ngoba abantu kufanele banikwe ithuba lokuzikhethela futhi lokhu akuyona into ongatshelwa yona namuhla bese kuthiwa kusasa lokhu okusayo sewuvalwa inzalo,” kusho uDkt uMhlongo.
Uthe kubi ngoba amandla abuye asetshenziswe ngendlela engesiyo ezikhungweni zezempilo nokuthi abantu abagulayo bagcina bengenamandla okuzithathela izinqumo ezihambisana nabo.