Ingulube esesakeni: Akwaziwa sogcina sikhokhe malini ngomgomo wokhuvethe


Izwe lingase lingene esikweletini sezizukulwane. Kuyocaca ngoNhlolanja ukuthi iyovelaphi imali
Kunemibuzo ngokuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika uzokwazi yini ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawuthola umgomo wokuvikela umkhuhlane ukhuvethe emuva kokuthi kunezinsolo zokuthi ‘ukungahleleki’ kwawo sekuholele ekutheni elakuleli likhokhe imali engaphezu kwaleyo obekufanele liyisebenzise ukuthola lo mgomo.
Ongoti bezempilo sebezwakalise ukukhathazeka ngezinhlelo zoMnyango Wezempilo zokusabalalisa umgomo wokulwa nokhuvethe. Okunye kwalokhu kudalwa yindlela okusingethwe ngayo uhlelo lokuwuthola.
Lokhu kulandela izikhalo ezivelile ngesinqumo sakuleli sokugxila kakhulu ekutholeni umgomo ngohlelo lweCovax – okuwuhlelo oluyinhlanganisela yamazwe omhlaba lokuqinisekisa ukuthi athola umgomo ngokushesha. Umbiko wakamuva weThe Conservation uveze ukuthi uhlelo lweCovax kungenzeka ukuthi luholele ekutheni elakuleli likhokhe i-$12 (R180) kuya e-$13 (R195) umgomo ngamunye nokuyimali ecishe ilinganiselwe kwekhokhwa amazwe asethe ukuthuthuka. Lokhu kungaphezulu kakhulu emalini yokuthenga umgomo kuSerum Institute of India (SII) okukholakala ukuthi ungama-$3 (R45) umgomo ngamunye.
Ngesikhathi elakuleli ligxile kuCovex abexoxisana nezinkampani ezikhiqiza umgomo wokhuvethe okubalwa kuzo i-AstraZeneca, iPfizer neJohnson and Johnson ukuze zikwazi ukukhokha kancane nokuthi zisheshe ziwuthole umgomo.
UMnyango uveze ukuthi ulindele ukuthola imigomo elinganiselwa ezigidini ezingama-20 okubalwa kuyo, eyisi-1.5 million evela esikhungweni iSII okulindeleke ukuthe ufike ngoNhlolanja. Ukhombe ukuthi ngeke ukwazi ukudalula imali oyikhokhele imigomo ngenxa yezivumelwano ozisayindile. Kodwa iBelgium isanda kudalula amanye amanani ewakhokhile okubalwa kuwo ewakhokhele i-AstraZeneca ezinkundleni zokuxhumana kodwa lokhu kubuye kwasuswa.
UNkk uFatima Hassan, oyiNhloko yenhlangano iHealth Justice Initiative, uthe kuyakhathaza ukuthi uHulumeni waqhubeka nokugxila ekuchitheni ingxenye eningi yesikhathi izama ukuthola umgomo wokhuvethe ngohlelo lweCovex noma sewexwayisiwe ngalokhu.
Usanda kukhuluma nezintatheli engqungqutheleni ebihlelwe yi-African Alliance lapho ethe bawuxwayisa uHulumeni ngokuthembela kuCovax kuphela.
Uthe babhala imibiko kusenesikhathi kusukela ngoMandulo nyakenye benxusa uHulumeni ukuba usukume uqale izingxoxo nezinkampani ezikhiqiza umgomo nokwakungenza usheshe utholakale ngenani eliphansi.
Okwakubakhathaza ngesinqumo sokugxila kuCovax yindaba yemali, ukuhleleka kohlelo lwayo nanokushoda kwemigomo njengoba babebona ukuthi amazwe amaningi azosheshe afake isicelo semigomo eminingi bese elakuleli lisale lisenkingeni.
“ICovax ilokhu iguquguqula imithetho yayo yangaphakathi nezikhathi ezibekelwe ukwenza izinto. Kunezinkinga eziningi ngohlelo lweCovax njengoba kunanombiko othi kungenzeka ihluleke. Ngisho i-African Union seyishilo ukuthi ngeke sethembele kuyona,” kusho uNkk Hassan.
Uthe kuyakhathaza ukuthi kuze kube manje uHulumeni akaze ucacise ngendlela ukuthi yini eholele ekutheni uhudule izinyawo ekuqaleni izingxoxo zokuthola umgomo wokhuvethe kusenesikhathi njengoba lokhu kwakungabanika ithuba elifanayo namanye amazwe.
Omunye okhulume nelaboHlanga uMnu uRussel Rensburg, onguMqondisi wenhlangano yezisebenzi zezempilo zezikhungo zasemakhaya, iRural Health Advocacy Project (RHAP) uthe akakholwa ukuthi elakuleli linenkinga yemali nokuthi ngeke likwazi ukuthola imali edingekayo ukuze kutholakale imigomo eyizigidi ezingama-80 yokugoma abantu abazigidi ezingama-40. Uthe imali edingekayo ilinganiselwa engxenyaneni yesabelomali soMnyango Wezempilo ngakho akufanele engabe kunenkinga yemali.
Uthe akakholwa futhi ukuthi kube yinkinga ukusetshenziswa kwemali yesikhwama esakhelwe ukuxhasa izinhlelo zokulwa nokhuvethe, iSolidarity Fund ngoba vele besisungulelwe ukubhekana nezidingo zokulwa nalesi sifo. UHulumeni wakuleli usebenzise lesi sikhwama ngesikhathi ukhokhela umgomo wokhuvethe wophiko olusungulwe yinhlanganisela yamazwe iCovax.
“Okukhathazayo ukuthi kuze kube manje uHulumeni akaze uchaze ukuthi kungani ukhethe ukusebenzisa lesi sikhwama wangenza izinhlelo eziphuthumayo zokukhokhela idiphozithi yeCovax,” kusho uRensburg.
UMnyango Wezamafa uthe kuzocaciswa ngenyanga ezayo ngosekwenziwe nokuzokwenziwa mayelana nezimali ezithinta ukuthengwa nokusatshalaliswa komgomo wokhuvethe.
“UMnyango Wezempilo kuzwelonke yiwo ohola izingxoxo nabakhiqizi bomgomo (wokhuvethe). Okunye okuthe phecelezi ngokutholakala komgomo kuzodalulwa kusabelomali ngoNhlolanja,” kusho lo Mnyango uphendula imibuzo yeBAYEDE.
Ethula osekwenziwe ukulwa nokhuvethe, onguNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke, uDkt uZweli Mkhize, uveze ukuthi bazimisele ngokugoma abantu abayizigidi ezingama-40 ngezigaba ezahlukene.
Isigaba sokuqala sokugomela ukhuvethe sizobhekela izisebenzi zezempilo. Esesibili sigxile kuzisebenzi ezenza imisebenzi enesidingo esikhulu nabantu asebekhulile kanye nalabo abasengozini ngenxa yokuphathwa ngezinye izifo. Isigaba sesithathu sizobe sesigxile kuwo wonke amanye amalungu omphakathi aneminyaka yobudala engaphezu kweli-18.
Noma uMnyango ukhale ngokuthi usayinde izivumelwano ezikwenza kube nzima ukudalula imali ekhokhelwe ukuthola imigomo yokuvikela ukhuvethe, ukuvezile ukuthi elakuleli lilindele imigomo eyisigidi nengxenye (1.5m) kuSII yokugoma izisebenzi zezempilo. Ngaphandle kwale migomo kuneminye okulindeleke ukuthi itholakale ngezinye izinhlelo okubalwa lolu olwenziwe ngeCovex okuwuhlelo oluhlanganisa amazwe olwakhelwe ukuqinisekisa ukuthi wonke amazwe okubalwa kuwo nalawo ahlwempu, ayawuthola umgomo wokhuvethe. Ezinye izinhlelo ezenziwe ngeziphakathi kwezinkampani ezikhiqiza imishanguzo, iPfizer, iJohnson and Johnson nohlelo lwamazwe ase-Afrika, i-African Union (AU).
I-AU isanda kuveza ukuthi lesi sigungu sesikwaze ukuthola imigomo eyizigidi ezingama-270. Le migomo izokwazi ukusiza amazwe ase-Afrika okubalwa kulo nelakuleli.
Ukusingathwa kohlelo lokuthola umgomo wokhuvethe kungezinye zezizathu esezidale ukukhathazeka ngokungacaciswa kohlelo oluzosetshenziswa ukusabalalisa lo mgomo kubantu abawudingayo.
USolwazi u-Alex van den Heever wesikhungo semfundo ephakeme iWits School of Governance ukhale ngokuthi kuze kube manje alukho uhlelo olucacile olusakhishwe uHulumeni olukhombisa ukuthi uzohlinzekwa kanjani lo mgomo nokuyinto engamukelekile.
UVan den Heever uthe kufanele lolu hlelo lube sobala ngoba uma kungenjalo kungaba nengozi yokuthi kube nenkohlakalo.
“Uma ubheka isimo soMnyango Wezempilo kuzwelonke kuyacaca ukuthi kuzofanele uwuhlukanisele nezinye izinhlaka umsebenzi wokusabalalisa umgomo. UMnyango Wezempilo uzohluleka uma uzolwengamela wodwa lolu hlelo – lokhu sewuvele ukukhombisile uma kubhekwa indlela osuwenze ngayo kusuka ekuqaleni,” kusho uVan den Heever.
URensburg uthe abakhululekile ngokuthi kuze kube manje akwaziwa ukuthi kuzokwenziwa kanjani ukuze abantu bonke bawuthole ngesikhathi umgomo wokhuvethe, ikakhulu labo abasemakhaya.
Uthe akukho okusashiwo ngokuthi yiziphi izifunda ezizobhekelwa kuqala nokuthi lezo zifunda zikhethwa kanjani.
Wexwayise ngokuthi uHulumeni kufanele ungabi nezimfihlo ngezinqumo ozithathayo nokuthi usondeze izinhlangano ezisebenzisana nemiphakathi. Uthe kufanele izinhlaka zitshelwe ngazo zonke izinhlelo ezenziwayo kanye nemiphumela yazo ngesikhathi iphuma.
URensburg, uthe okunye abafisa ukukubona ukubhekisiswa kohlelo oluzosetshenziswa ukunika abantu umgomo wokhuvethe. Uthe uma sekuqediwe ukuhlinzekwa kwezisebenzi bezempilo ngalo mgomo kungasiza nokunika ezinye izisebenzi ezisengozini okubalwa kubo othisha, amaphoyisa, izisebenzi zasezitolo nosomatekisi. Izigaba ezilandelayo kufanele zigxile kubantu abahlwempu njengoba ethe akulula kubona ukuthatha izinqumo ezibavikela ekutholeni ukhuvethe. Uthe kufanele kwaziwe ukuthi kwenzekani ngabantu abayizifiki namthwalo abangenawo amaphepha okuba kuleli nasebehlale kuleli isikhathi eside ngoba ngabanye abangabaliwe ohlelweni lokuhlinzekwa komgomo wokhuvethe.
UNkk uHassan uthe uhlelo oluzolandelwa kufanele lufake wonke umuntu, amalungu omphakathi, izinhlangano zomphakathi nabezenkolo, izisebenzi nezinyunyana, abasebenza ezikoleni, amaphoyisa nabanye ukuze nabo bakwazi ukwakha ezabo izinhlelo ezizohambisana nalolo lukaHulumeni.
“Kubalulekile ukuthi kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uthola umgomo ngesikhathi esifanayo nabanye, ikakhulu kulabo abasezindaweni ezisemaphandleni. UHulumeni usuveze ukuthi uzogoma abantu ngokwezigaba ezintathu lapho okubekwe phambili izisebenzi zezempilo lokhu kufanele kusho ukuthi uma yisisebenzi sezempilo esisemakhaya, kufanele ugonywe ngesikhathi esifanayo nezinye izisebenzi zezempilo. Uma ungumuntu oneminyaka yobudala engaphezu kwengama-65 usemakhaya kufanele ugonywe ngesikhathi esifanayo nesalabo abasemadolobheni,” kuchaza uNkk uHassan.
Uthe kunokukhathazeka okukhulu okufufusayo ngokuthi umgomo uzofika kanjani kwezinye izindawo ezisemakhaya njengoba kusetshenziswa umgomo odinga ukugcinwa endaweni ebandayo. Kufanele kubhekisiswe indaba yokuhanjiswa kwawo – kungathathwa kalula engathi kuzovele kubekwe itende bese kugonywa abantu.
Okunye athe kufanele kulungiswe ukuhanjiswa kwemiyalezo engesiyo kubantu ngomgomo wokhuvethe njengoba sekunenqwaba yolwazi mbumbulu olusatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana. Ngokusho kwakhe kusafanele kusetshenzwe kakhulu ekutheni kugqugquzelwe abantu ukuthi balugomele ukhuvethe uma sekuqaliwe ukugoma.
Imibiko yangaphambilini iveza ukuthi abantu okufanele bagome abantu asebekhulile njengoba umgomo ungakaze uhlolwe ezinganeni nokusho ukuthi abantu kufanele bazithathele bona isinqumo sokugoma.
Namanje uHulumeni wakuleli sewunxuswe ukuthi ulusukumele udaba lokusatshalaliswa kwemiyalezo engesiyo ngomgomo wokhuvethe njengoba kunovalo lokuthi ingaholela ekutheni abantu bangavumi ukugoma.
“Kusuka ekuqaleni, izinyunyana zezempilo nezisebenzi bebegqugquzela ukuthi baqeqeshwe futhi baholelwe ngendlela onompilo ukuze bakwazi ukusiza ekusabalaliseni ulwazi olufanele ngokhuvethe. Ulwazi oluyilo ngeke luqathake ezulwini kodwa kufanele lusatshalaliswe ngendlela futhi kufanele abantu baqeqeshwe ngendlela kuqala,” kusho uNkk uHassan.