Now Reading
Iyanda eyabesifazane abahlukunyezwa eTigray
Dark Light

Iyanda eyabesifazane abahlukunyezwa eTigray

Iqembu elalilawula isifunda esisenyakatho e-Ethiopia, iTigray, lizibophezele “ekwandiseni ukuphikisa” ngokusho komyalezo ovela kumholi waleli qembu osola amabutho kaHulumeni wezwe kanye nabalingani bawo ngokudlwengula abantu kanye nokuphanga.

Le nkulumo kaMnu uDebretsion Gebremichael kube ngeyokuqala ezinkundleni zokuxhumana kusukela kuZibandlela nyakenye.

Le nkulumo ifakwe enkundleni yokuxhumana uFacebook ithimba labezindaba elibandakanya nalo leli qembu elalibusa isifunda iTigray People’s Liberation Front (TPLF), esempini noHulumeni wezwe kusukela ngoLwezi nyakenye.

“Bona (uHulumeni kazwelonke) babe nokubusa kwesikhashana kwezempi,” kusho inkulumo ebisola uHulumeni ngokuhlukunyezwa kwabantu okubandakanya ukudlwengulwa kwabesifazane nezingane kanye nokuphanga, lezi zinsolo zike zagcizelelwa yinhlangano i-United Nations.

“Sisebenza siyaqhubeka nokuphikisana noHulumeni.”

Ecelwa ngabezindaba ukuba aphawule uBillene Seyoum, okhulumela uNdunankulu waleli lizwe uMnu u-Abiy Ahmed, uthe: “Angikwazi ukukhuluma mayelana nekhasi lokukhohlisa abantu lezigebengu enkundleni yokuxhumana uFacebook.”  

Iqembu iTPLF kanye nabaseki balo bangaphandle bafuna ukuguqula ukunakwa ngezicelo ezingenasisekelo zokubulawa kohlanga oluthile kusukela ngoLwezi ngemizamo yokufihla amacala abo amabi, kusho okhulumela uNdunankulu ophinde wanxusa amazwe angaphandle kanye nabezindaba ukuthi kudalulwe konke lokhu.  

Izinkulungwane zabantu zibulewe

U-Ahmed wamemezela ukuthi unqobile sekuphela uLwezi nyakenye ngesikhathi amabutho akhe enqoba inhlokodolobha yalesi sifunda iMekelle, kepha imibiko yempi ekhona kuleli dolobha iyaqhubeka namanje.  

Izinkulungwane zabantu sezibulewe kwathi amakhulu ezinkulungwane aphoqeka ukuthi abhunguke emihlabeni yokhokho babo ngenxa yokwesweleka kokudla, amanzi kanye nemithi kulesi sifundazwe sabantu abayizigidi ezi-5.

“Amadolobha kanye nezindawo zasemakhaya eTigray ahlaselwa ubusuku nemini ngamasosha ahlome kakhulu,” kusho uDebretsion.

Imibiko ephuma emaqenjini womabili inzima ukuba iqinisekiswe ngenxa yokuthi uHulumeni wezwe usukhethe ukuvimbela abezindaba kanye nabasizi bangaphandle ukuthi bangene kulesi sifundazwe. Futhi ezokuxhumana nazo azisebenzi kahle kulesi sifundazwe.  

See Also

UDebretsion unxuse abohlanga lwamaTigrayans abangekho kuleli zwe ukuba bafake isandla ngesikhathi nangemali ukuze baseke amabutho eqembu lakhe kanye namazwe angaphandle ukunqoba uHulumeni kazwelonke, lapho ephinde wathi uNdunankulu u-Ahmed kanye noMengameli wase-Eritrea u-Isaias Afwerk kufanele babekwe amacala iNkantolo Yomhlaba.

Iningi lofakazi abangafuni ukudalulwa bathi amabutho ase-Eritrean akhona esifundeni iTigray ohlelweni lawo lokweseka uHulumeni kazwelonke, kepha bobabili ohulumeni bayakuphika lokhu.  

UHulumeni ka-Ahmed uthi abeqembu iTPLF ibona abaqala wonke lo msindo okhona ngemuva kokuhlasela isizinda samabutho ezwe esifundeni iTigray futhi uHulumeni wona uthumela abazolekelela lawo mabutho. 

Ngesonto eledlule umsakazo oxhumene noHulumeni kazwelonke iFana ubike ukuthi uHulumeni uzosungula ithimba elizophenya ngokuqhubeka kwezikhalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane esifundazweni.  

UNgqongqoshe Wabesifazane, Izingane Nentsha, uFilsan Abdullahi (osesithombeni), ucashunwe ethi uHulumeni awnayo inqubomgomo yokungabekezeleli noma yiluphi uhlobo lodlame lwezocansi.

Scroll To Top