ILiverpool ifuna ukubuyisa isithunzi ngeMan City yize ixhugela



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ibutho uma liya empini liyobhekana nesitha salo seminyaka like lidinge zonke izikhali elizohlasela ngazo ukuze lizokwazi ukubhekana naleyo mpi.
Iqembu elibhekene nenkinga yokungabi nezikhali eziphelele, okungabadlali balo, kodwa liya empini iLiverpool FC kule mpelasonto elizotholana phezulu nezimbangi zayo ezinkulu iManchester City.
Kubadlali abangekho kompetha be-English Premier League (EPL), uJoel Matip ongeke abonakale kuze kuphele isizini emveni kokulimala kanzima, uFabinho, uJoel Gomez noVirgil Van Dijk yena ozilolonga yedwa.
Okubuhlungu ukuthi bonke laba badlali bangabadlali basemumva. Emidlalweni yayo yakamumva iLiverpool FC eqeqeshwa uJurgen Klopp emuva isebenzisa ukaputeni wayo uJordan Henderson ngokubambisa noNathaniel Philips. UHenderson ungumdlali wasesiswini, yize uPhilips engumdlali wasemumva kodwa kuyabonakala ukuthi akajwayele ukudlala.
NgoLwesithathu ibidlalela enkundleni yayo i-Anfield Stadium lapho ibibhekene neBrighton Hove & Albion okugijima kuyona umdlali waseNingizimu Afrika uPercy Tau, kubhekwe ukuthi inqobe kodwa yehlulwa ngegoli elilodwa eqandeni. Ukuhlulwa kwayo kunciphise amathemba okuthi isangakwazi ukuvikela isicoco sayo.
ILiverpool FC emva kwemidlalo engama-22, inqobe eli-11, yadlala ngokulingana kweyisi-7, yehlulwa kwemine lokho okuyenza ibe namaphuzu angama-40 ihlezi endaweni yesine kulogi.
Okujabulisayo ukuthi kungenzeka kulo mdlalo kubonakale uDiogo Jota ongumgadli, naye owathola ukulimala esefomini eyisimanga. Emidlalweni eyisi-9 aseyidlalile ushaye amagoli amahlanu emidlalweni yeligi, kwathi emdlalweni ye-UEFA Champions League washaya amagoli amane emdlalweni eyisi-6.
NgoLwesithathu uKlopp uyivumile induku washo wathi ezakhe azidlalanga neze kahle. “Besingekho esimweni esihle ngokomqondo nangomzimba, indlela esidlale ngayo ayikhombisanga nhlobo ukuthi singompetha noma sifuna ukunqoba. Besithola ibhola sililahle kalula, besingenayo indlela yokudlala. IBrighton ibikufanele ukunqoba, ngisazibuza ukuthi kungani sidlale kanje, kungani sinikele ngamaphuzu ekhaya engethemba ukuthi izimpendulo ngizozithola,” kusho uKlopp.
Ebuzwa ngomdlalo weManchester City uthe: “Abadlali bakhathele kakhulu, kuzomele bathole isikhathi esanele sokuphumula kwazise siya emdlalweni onzima kakhulu. IMan City indlela edlala ngayo iyakhombisa ukuthi ifuna ukuba ngompetha, uma sifuna ukubuyisa isithunzi sethu kuzomele sinqobe nakanjani kule mpelasonto.”
Uthe kumphatha kabi ukuthi bahlulwe kabili kulandelana ekhaya nokuyinto osekunesikhathi eside yagcina ukwenzeka.
Ngasohlangothini lweMan City izinto zihamba kahle kakhulu, emidlalweni yayo eyisi-6 ayikaze ingenelwe igoli kanti inqobe kuyona yonke imidlalo yayo, ikwaze ukuvalela phakathi amagoli ali-15. Kule midlalo ibibhekane neBurnley eyihlule ngamagoli amabili eqandeni ngoLwesithathu, iSheffield United, iWest Brom, i-Aston Villa, iCrystal Palace neBrighton Hove. Ayingenelwa goli nje ingoba iphethe ukhonkolo emuva okunguJohn Stones, uDias Ruben, uJoao Cancelo no-Aymeric Laporte.
IThe Citizens (Man City) emidlalweni engama-21 inqobe eli-14, yadlala ngokulingana kwemihlanu, yehlulwa kwemibili kanti inamaphuzu angama-47.
Amaqembu alandela iThe Citizens iMan United enamaphuzu angama-44 neLeicester City yona enangama-42.
UPep Guardiola oqeqesha iThe Citizens uthe: “Sike saba sendaweni ye-12 kulogi kodwa buka manje sikuphi. Kwenzeka noma yini, ingakho kumele uhlezi ulwela ukunqoba ngoba awazi ukuthi uma uhlulwa umdlalo owodwa abanye benqoba uzobe usukuphi kulogi. Ngeke ngakhuluma ngamanye amaqembu nginaka leli engiliqeqeshayo nengifuna linqobe.”