Now Reading
Sekukapakela ekudlwengulweni kwabesifazane eTigray
Dark Light

Sekukapakela ekudlwengulweni kwabesifazane eTigray

Udlame kunokuthi lwehle e-Ethiopia luyaqhubeka nokwanda njengoba kuleli sonto umdayisi wesifazane wekhofi osemncane etshele abezindaba ukuthi wahlukaniswa kanjani nomndeni wakhe yisosha lakuleli lizwe emfuleni iTekeze wehliswa ngomgwaqo waphoqwa kuba akhethe ngempilo yakhe.

Uthi lathi isosha kuye: “Khetha, kuphakathi kokuthi ngiyakubulala noma ngiyakudlwengula”. Kusho lo mdayisi oneminyaka yobudala engama-25 ngesikhathi eseHamdayet ekamu lababaleki eSudan lapho ayebalekele khona ngenxa yokungqubuzana okukhona esifundeni iTigray, e-Ethiopia.

Udokotela owamelapha lona wesifazane ngesikhathi efika kuleli kamu ngoZibandlela nyakenye, uDkt uTewadrous Tefera Limeuh, ukuqinisekisile ukuthi nguye owamunika amaphilisi okungakhulelwa, avikeleke ezifweni zocansi futhi wamgqugquzela ukuthi aye kudokotela wengqondo.  

“Isosha lambeka isibhamu ekhanda lase limudlwengula,” kusho uDkt uLimeuh, owayeyivolontiya leSudanese Red Crescent.

Izisebenzi ezinhlanu zezinhlangano zosizo kanye namaqembu osizo ase-Ethiopia nazo zibike ukuthi zithole imibiko eminingi efanayo yokuhlukunyezwa esifundeni iTigray. 

Inhlangano i-United Nations ngeledlule igqugquzele yacela nokuthi kume ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabesifazane kulesi sifunda.

“Phakathi “kwenani eliphezulu” lezinsolo, ikakhulukazi imibiko ephazamisayo evelile yabantu abaphoqwa ukuthi badlwengule izihlobo zabo noma baye ocansini ukuze bathole izidingo eziyisisekelo,” lokhu kushiwo yihhovisi leSpecial Representative on Sexual Violence in Conflict esitatimendeni esikhiphe ngeledlule.

UHulumeni kaNdunankulu waleli lizwe kanye nezombutho abasheshanga baphawula ngalolu daba lwezinsolo zokudlwengulwa kwabesifazane. Ngaphambilini iziphathimandla zakuleli lizwe zakuphika ukuthi kunokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, kodwa zakhomba iqembu iTigray People’s Liberation Front (TPLF), okwakuyilona elalilawula lesi sifunda abasola amabutho alo ngokuvukela umbuso.

See Also

“Nginxusa wonke amaqembu athintekayo othuthuvini olusesifundeni iTigray ukuthi azibophezele kunqubomgomo okuwukungabekezeleli ubugebengu bodlame locansi,” kusho okhlumela i-UN uGeraldine Boezio esitatimendeni.  

Abesifazane kanye namantombazane abasemakamu ababaleki kuleli zwe kubonakala kuhloswe bona kakhulu kanti nezikhungo zezokwelapha zingaphansi kwenkulu ingcindezi yokunika abagilwa amaphilisi okugwema ukukhulelwa kanye nokuhlolelwa izifo ezithathelana ngokocansi, kusho isitatimende. Izibalo zabadlwenguliwe azikaqinisekiswa ngenxa yokuthi abezindaba esifundeni iTigray bavinjiwe kanjalo nezinhlangano zosizo ukuthi bangene kanti ezokuxhumana sekunesikhathi eside zingasebenzi.

Emhlanganweni weziphathimandla zezokuvikela eMekelle obusakazwa bukhoma kuthelevishini ekuqaleni kwale nyanga, elinye lamasosha likhulume ngokuhlukunyezwa kwabantu okwenzeka kuleli dolobha ngisho seliholwa ngezombutho wezwe.  

“Bengicasukile izolo, kungani owesifazane edlwengulwa edolobheni laseMekelle?  Bekungeke kuthuse ukube lokhu kwenzeke ngesikhathi sempi, kodwa abesifazane bebedlwengulwa izolo nanamhlanje ngisho kukhona amaphoyisa kanye nezombutho zezwe,” kusho isosha elingadalulwanga igama lalo.

Scroll To Top