Amasosha ombutho wase-Uganda abulale awe-al-Shabaab
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ngesonto eledlule ElaboHlabnga libike ukuthi umholi weqembu elikhulu eliphikisayo kuleli lizwe, uMnu uBobi Wine, uthe amabutho agasela ikomkhulu leqembu lakhe ngesikhathi izisebenzi zeqembu zilungiselela ukuyophonsela inselelo ngokomthetho isimemezelo emuva kokhetho sokuthi uMengameli uYoweri Museveni usethole elinye ihlandla kulesi sikhundla.
Kepha kuleli sonto imibiko ephuma kuleli lizwe ithi amasosha akhona asebenza njengengxenye yombutho wokugcina ukuthula eSomalia abulale amasosha eqembu i-al-Shabaab angama-189 elihlobene neqembu i-al-Qaeda ngesikhathi leli qembu lihlasela ikamu yamasosha.
Amasosha ase-Uganda ayingxenye yohlelo lokugcwinwa kokuthula lwe-African Union eSomalia inhloso yalo okuwukuthi luxhase uHulumeni waleli zwe ukuthi unqobe imizamo yeqembu i-al-shabaab yokuzama ukuwuketula.
Ezombutho zase-Uganda ezaziwa ngokuthi yi-Ugandan People’s Defence Force (UPDF) esitatimende zithe amasosha awo ahlasele izindawo zokucasha iqembu i-al-Shabaab ezindaweni zaseSigaale, e-Adimole kanye neKayitoy, ezingamakhilomitha ayikhulu eningizimu ntshonalanga yenhlokodolobha iMogadishu. “Ukugasela kwamabutho kube nomphumela wokuthi kubulawe amasosha ali-189 axhumene ne-al-Qaeda futhi kwacekelwa phansi izinto eziningi zezempi nokunye okusetshenziselwa ukuhlasela,“ kusho isitatimende se-UPDF.
Akuqhamukanga mpendulo esheshayo eqenjini i-al-shabaab mayelana nalokhu kuhlasala okwenziwe ngamabutho.
Leli qembu elizama ngayo yonke imizamo ukuketula uHulumeni waseSomalia libeke ukutolika kwalo okunzima komthetho wenkolo yobuSulumane. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu belilawula indawo eningi eseningizimu yeSomalia kwaze kwaba unyaka wezi-2011 ngenkathi selixoshwa ngamasosha e-African Union enhlokodolobha iMogadishu.
Ngaphandle kokulahlekelwa yindawo, i-al-shabaab isaphethe kakhulu ngokuhlasela ngezibhamu kanye namabhomu lapho leli qembu likhipha izibalo eziphezulu zabalimele ezijwayele ukuhluka noma ukuphikisana nalezo ezikhishwa yizikhulu zikaHulumeni.