Ngezikhathi zembubhiso: Kulokhu kudilike imithangala



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuleli binza umbhali uthi izibalo okwakukhulunywa ngazo seziphenduke ubuso babantu esibaziyo lapho ukufa kugasele ngesikhathi umhlaba obunempilo engconywana futhi unezifundiswa eziningi emlandweni
“Lena impi yezikhathi zethu, ngeyesizukulwane sethu. Impi edinga ukucatshangisiswa ukuze siphumelele. Njengakuzo zonke izimpi, bakhona abasala enkundleni, abasondelene nathi nabakude. Ngalesi sikhathi sempi imindeni izolahlekelwa ngabesilisa nabesifazane, abadala nabancane. Njengakuzo zonke izimpi nakulena kuyoba khona izibazi, intukuthelo, ukusola nokwesaba kanjalo nezifundo ezitholakalayo. Injalo impi, iguqula indlela yokuphila, kuthi khona lapho ilunguzise okusha okuzayo.
“Namuhla awukho umuzi ongenaphilisi noma imishanguzo. Akekho umuntu ongathi akazi ngomndeni noma umphakathi osunesidumbu phansi ngenxa yalesi siqhwaga nesitha sethu sonke. Mina qobo ngingalanda izigameko eziningi zokuhamba kwamalungu eNdlunkulu, abaholi ezinhlakeni zobuholi nakuHulumeni, izethenjwa zami nabeluleki bami abadliwe yilesi sifo. Ngamafuphi, sikhona lesi sifo, futhi siyabulala.”





Lawa ngamagama ashiwo yiSILO enkulumweni yaso yangesonto eledlule ngesikhathi kukhunjulwa ingqophamlando lapho uMkhumbi Wempi kaZulu udla iziqhwaga zamaNgisi eSandlwana. Ongangezwe Lakhe obekubonakala ukuthi ukhathazekile ufanisa isimo esikuso njengezikhathi zempi. Nembala selokhu kwaqala ukumenyezelwa kokubheduka komkhuhlane owaziwa ngokhuvethe iNingizimu Afrika isilahlekelwe ngokuningi. Lapha akulahlekanga nje kuphela imali nemisebenzi okungabuye kutholwe kepha kuhambe nabantu abebeyizinsika emikhakheni eyehlukahlukene.
Umbiko iThe Human Capital Index 2020 Update: Human Capital in the Time of COVID-19, ubeka isithombe esiphelele ngalokho okubhekene namazwe ngalesi sikhathi. Ababhali bachaze amandlalusizo oluntu ngokuthi: “Amandlalusizo oluntu aqukethe ulwazi, amakhono nempilo abantu abakuqoqe esikhathini sabo sokuphila. Impilo nemfundo yabantu kunezimiso eziqondile ezingephikwe, futhi amandlalusizo oluntu enza abantu bazibone bengaba ngamalungu omphakathi angakwazi ukukhiqiza. Amandlalusizo oluntu amaningi ahambisana naholo aphezulu kubantu, ingeniso eliphezulu emazweni, nokuzwana kwemiphakathi okuqinile. Iwona angumongo wokukhula okusimeme nokuncipha kobubha.” Lo mbiko uqhuba ngokuthi ukhuvethe lubhidlize konke okwabe sekukhona emazweni omhlaba: “Kuleli shuminyaka eledlule, amazwe amaningi abe nenqubekelaphambili ekuthuthukiseni amandlalusizo oluntu. Namhlanje, nokho, ukhuvethe lusho ukuphindisela emuva okuningi kwaleyo nzuzo. Kudingeka kuphuthunywe kuvikelwe osekwenziwe kanzima kwamandlalusizo oluntu ikakhulukazi kulabo abasengcupheni. Ukuhlela ukungenelela okudingakalayo, ukuze kube nomthelela obonakalayo, futhi kukwazi ukuchusha ekunikezelaneni ngezikhathi zokwehla komnotho, kutshalwe ngokulinganiseka kwamandlalusizo oluntu kube seqhulwini kunakuqala.”
ENingizimu Afrika kusuka ngoMbasa kubikwe ngokufa kwabantu abayizi-42 550. Lokhu kwaqala kuyizinombolo nje zabantu abathize kepha nokho sekusondele njengoba muva nje kuvela izindaba zokufa kwabaholi emikhakheni eyahlukene. Udosi lokufa lutinyele kwezwakala nxa zonke kusuka kwabashaya imithetho ePhalamende, ongqongqoshe nabaphathiswa, amakhansela, abaqondisi nezimeneja, odokotela, izifundiswa nongoti, aMakhosi nababambe iqhaza ezinhlakeni zoBukhosi, othisha, amaciko, abefundisi nabanye abaholi.
Yize kusesekuseni ukuqagula ukuthi ngabe izibazi zokuhamba kwabaholi nezinsika emikhakheni eyahlukene kukhona osekuvele kubonakala. Isibonelo nje ukuhamba kukathisha akuthinti kuphela umndeni wakhe kepha kuthinta izingane azifundisayo ngalowo nyaka kanye nezinye obekumele zidlule kuye. Uma kulimala udokotela noma umhlengikazi kusuke kulahlekelwe umtholampilo noma isibhedlela leso kepha kakhulu iziguli ebezizosinda kuye. Lesi sililo, yize abanye bengabulawangwa ukhuvethe, sizwakele ngesikhathi ngesonto eledlule indiza enophephela emhlane yakwaNetcare igqabuka amalangabi yahamba nabezempilo obekuthiwe bangongoti nxa kufika ekulapheni ukhuvethe. Ukufa kwabo kubikwe njengokwephuce izwe lonke amakhono amqoka. Abanye okukhalwe ngokuvela kwesikhala uma beguqa kube yiNdlovukazi uNoloyiso wamaRharhabe, iNkosi uThulare Thulare Wesithathu waBapedi, iSanusi uMutwa, iNyosi uButhulezi, uDkt uBongani Khumalo, uDkt u-Aubrey Mokoape, uMnu uJohnson Mlambo, uMhlonishwa uNtuli, uMnu uBhodloza Nzimande, uMnu uSbu Mseleku, uMhlonishwa uNomvuzo Shabalala, uNks uZanele Ludidi, uMnu u-Allen Thompson, uMhlonishwa uMartha Mmola nabanye.
Okusobala wukuthi uma seledlulile leli lifu, isizwe, izinkampani, amaqembu, nemiphakathi kuyobe ukuzikhotha amanxeba ngalabo njengobisi asebechithekile abangeke basabuya. Kweminye imikhakha abahambile bazophoqa ukuvalwa kwezinkampani kanti kweminye imikhakha kuyosho ukuqala kabusha kwakhiwe amakhono nokuyinto engathathi nje isikhathi kuphela kepha isho nemali.