Sekusele iminyaka elishumi sifike kowezi-2030



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Emasontweni ambalwa edlule iStats SA ikhiphe umbiko oveze isithombe esibi sokuphela kwamathuba emisebenzi, okuthe abahlaziyi nabacwaningi bawuhlaba lo mbiko bethi awuvezi isithombe esiphelele ngesimo seNingizimu Afrika. Abanye babuka isimo somnotho sisibi kangangokuthi abantu abangasebenzi bangaphezulu kwamashumi amane amaphesenti. Yimbedumehlwana yoqobo, eyenezelwe wukufika kokhuvethe kwavalwa ukusebenza kwamabhizinisi, amanye kuze kube manje awakavuli ngokuphelele. Kusobala ukuthi izinhlelo ebezilandelwa uHulumeni yonke le minyaka azilibekanga endaweni ebeyilindelwe. Kungaba kuhle ukwazi ukuthi yikuphi okuphumelele futhi yikuphi okwehlulekile, kodwa lokho kungenziwa ngokohlelo lwepolitiki neyokukhankasa.
Siloba nje silindele uhlelo oluzomenyezelwa nguMengameli uCyril Ramaphosa okwethenjwa ukuthi luzoguqula isimo somnotho kuvuleke amathuba emisebenzi. Akulula ukuqagela umlingo azoqhamuka nawo uMengameli, emuva kokuthi sezibe ziningi izigigaba ezikhahlameze umnotho waseNingizimu Afrika, waze wafakazelwa nangabeMoody abaliphonse kwalasha bebalula ukuthi leli zwe selisezingeni lapho kumele lingabe lisethenjwa ngamazwe abolekisayo nalawo angafisa ukufaka imali kulo. Kuminyene utshumo.
Noma lo nyaka ube mubi ngendlela ebeyingalindelekile, kuyiqiniso ukuthi leli lizwe belingekho endleleni egculisayo. Noma ngabe alufikanga ukhuvethe, kunokungabaza ukuthi ngabe isimo sihle ngokwemisebenzi nangokomnotho. UHulumeni uqhamuke nezinhlelo ezehlukahlukene, ezinye zazo zaze zanquma iminyaka okuyokuthi kufikwa kuyo isimo somnotho kuleli lizwe sibe sesisezingeni elincomekayo. Eziningi zalezi zinhlelo ziguqukile noma zashabalala ngokungena kobuholi obusha bukaHulumeni. Kunamagama agcina ukumenyezwa ngoMengameli noNgqongqoshe bakudala, okuthe sekungena abasha baqhamuka nezabo izinhlelo ezinamagama nezingenamagama acacile.
Ngithanda ukubalula uhlelo olubizwa ngeNational Development Plan olwadla imali eyizigidigidi lusungulwa luhlelwa kuzwelonkwe nasezifundazweni. INational Planning Commission yayiholwa nguSihlalo uMnu uTrevor Manuel kuthi uSekela Sihlalo kube nguMnu uMatamela Ramaphosa osenguMengameli wezwe manje. Lolu hlelo lwalulinganisa ukuthi kuyokuthi kushaya unyaka wezi-2030 zibe sezijikile izinto kuleli lizwe. Mhlawumbe kungaba kuhle ukuthola ukuthi sesikuphi nezinhlelo zeNDP, kungavele kwethulwe olunye uhlelo kungethulwanga mbiko oveza ukuthi sekuhanjwe kangakanani. Yinkulu ingozi uma kuvele kwethulwe uhlelo olusha kungekho mbiko oveza ukuthi lwaphelelaphi uhlelo obelulandelwa, futhi yikuphi okwazuzwa ngalo, nalokho okwalahleka.
Ngonyaka wezi-2012 uHulumeni waseNingizimu Afrika wethula uhlelo olubizwa ngeNational Development Plan. Lolu hlelo lwaluhambisana nesithembiso sokuthi ngonyaka wezi-2030 kuyokube kungasekho umuntu okhungethwe yindlala kuleli lizwe. Kwasetshenziswa izimali kubizwa imihlangano, kushicilelwa imiqulu ekhuluma ngemikhakha eyehlukahlukene yempilo, kwaba nezithangami ezifundazweni kucutshungulwa izinhlelo ezazizolandelwa ukuguqula isimo sempilo yabantu bakulelizwe, ikakhulu aboHlanga, ababephuma engcindezelweni yobandlululo.
Uma umuntu ebhekene nesimo esingagculisi, ubheka ubungcono usuku nosuku. Kuyaye kuthi uma etsheliwe ukuthi inkululeko yakhe iyoqhamuka ngakuphi amehlo akhe angasuki ngalapho kukhonjwe ngakhona. Ngokunjalo aboHlanga uma bezwa uhlelo olusiholela onyakeni wezi-2030, kwakufanele babale unyaka nonyaka, babuke inqubekela phambili, ngethemba lokuthi kungekudala kuzovela isimangaliso esimenyezelwe kusungulwa lolu hlelo.
Kulezinsuku ngike ngabona obekubhalwe ngomunye wabaholi abahloniphekile beqembu eliphethe umbuso ezinkundleni zokuxhumana. Uthe ngabe izwe likude emnothweni ukuba ukuqokwa kwabaholi bezinhlelo zepolitiki nalezo zemiNyango kwakubhekisiswa amakhono ngaphambi kokuba bafakwe ezikhundleni. Singofakazi ukuthi bekukuncane kakhulu ukubheka ikhono lomuntu ngaphambi kokubafaka ezikhundleni, ezinye zazo ezisemqoka kakhulu ekukhululeni izwe ebuphofini, nokuletha inkululeko yomnotho. Uhlelo olusetshenziswe kakhulu kusukela ekuqaleni kokuphatha umbuso, yilolo lokufakana kwalabo abazana emzabalazweni, kwaba kuncane kakhulu ukubhekwa kwamakhono. Noma singaliphika leliphutha, iqiniso ngukuthi izinto eziningi ezonakele kuyimanje kungenxa yokukhethwa komuntu afakwe esikhundleni engakwazi ukuwenza umsebenzi.
Kunensizwa eyakhethwa yaba yikhansela. Yayingafundanga kakhulu, futhi yayingakaze isebenze. Yayingakaze yakhe ngisho ihoko lezinkukhu ekhaya. Uma ukhuluma ngokwakha umgwaqo nezindlu zabantu, kwakuzoba yinganekwane kuyo, kodwa yayibhekeke ukuba iluhole lolu hlelo. Yayingakaze iyibone, ngingasakhulumi ukuyiphatha imali elinganiselwa kumashumi ayisihlanu amarandi. Emva kokukhethwa kwase kufanele yengamele izinhlelo ezinkulu, futhi ilawule ukusetshenziswa kwezigidigidi zamarandi kungqalasizinda nasezinhlelweni zokuletha izinhlelo zomnotho. Ngaphezu kwakho konke lokho, yayingakaze iwuphathe umhlangano kukhulunywe yona ingumholi.
Okwenzeke ngezimali zokulwa nokhuvethe nalezo ezibolekwe yileli lizwe, kugqamise isithombe abaningi abakholelwa wukuthi besidlala yonke le minyaka kubhekwe onyakeni wezi-2020. Umehluko omkhulu ngukuthi olwanonyaka uhlelo lokusetshenziswa kwemali bekungolwesikhathi esifushane, kwagqama ukuthi kanti uHulumeni uzisebenzisa kanjani izimali ezinhlelweni ezibhekiswe kubantu.