Now Reading
Kuntwela ezansi ngesithunzi sabaholi boMdabu kuleli
Dark Light

Kuntwela ezansi ngesithunzi sabaholi boMdabu kuleli

Isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo sakamuva sibuyisa ithemba ebuholini boMdabu lokuthi nabo uMthethosisekelo wezwe uyabavikela futhi abaholi bomdabu bangathembela kuwona.

Le Nkantolo, enkulu kunazo zonke ezweni futhi izinqumo zayo eziwujuqu, ayinanazanga ekuvuneni induna ebifake isicelo sokuba kuchithwe isinqumo seNkantolo Enkulu phambilini ebikhiphe umyalelo ophikisana nayo.

INkantolo YoMthethosisekelo eNingizimu Afrika mhla zingama-25 kuMasingana wezi-2021 ikhiphe isinqumo esivuna le nduna ukuba isicelo sayo sokubuyekezwa kwesinqumo sokuyimisa kulesi sikhundla sibuyele eNkantolo Enkulu eThohoyandou, eLimpopo, ukuba siyobuyekezwa.

Kuleli cala eliwuNombolo CCT 79/20 uMnu uMasenyani Thompson Rikhotso oyinduna yasesigodini iNsavulani esifundazweni iLimpopo, ube mangalele uNdunakulu wesifundazwe, uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu esifundazweni, iMeneja yeSifunda yoMnyango Wezindaba ZoMdabu, uMkandlu woBukhosi baseMahumani neNdlunkulu yaseMahumani.

URikhotso wayeqokwe njengenduna yaseNsavulani ngowezi-2003. Wamiswa kulesi sikhundla uMkhandlu waseBukhosini emveni kokubekwa icala lokungaziphathi kahle kulandela ukuvela kwalezi zinsolo phakathi kweminyaka yezi-2010 nowezi-2011. Ukungaziphathi kahle kwakhe kwakuthinta umsebenzi wakhe njengenduna.

Kuthiwa wehluleka ukwethamela isigcawu sokuqondiswa ubugwegwe izikhawu ezintathu lapho ayezonikwa khona ithuba lokuziphendulela ngalezi zinsolo.  

UMkhandlu Wesizwe wafinyelela esinqumweni sokuthi umsuse uRikhotso kulesi sikhundla ulandela iSigaba 13 seLimpopo Traditional Leadership and Institutions Act wangowezi-2005.

Lesi sinqumo wabe ususedlulisela kuNdunankulu wesifundazwe owabe esehoxisa isitifiketi esivumela uRikhotso kulesi sikhundla kanye nokuqokwa kwakhe njengenduna yaseNsavulani.

Lesi sinqumo esenziwa ngaphansi kweSigaba 13 soMthetho Wobuholi BoMdabu eLimpopo senziwa mhla ziyisi-8 kuNdasa wezi-2013.

Mhla zili-18 kuMandulo wezi-2017, okuyisikhathi esingaphezulu kweminyaka emine uRikhotso ahoxiswa, wabe esefaka isicelo eNkantolo ENkulu ukuba kubuyekezwe futhi kuchithwe isinqumo sikaNdunankulu.

Isicelo sakhe sasincike emthethweni iPromotion of Admnistrative Justice Act 3 wezi-2000 (PAJA) futhi sasiphekezelwa nayisicelo sokungabheki ukulibaziseka ekufakeni isicelo eNkantolo ngokweSigaba 9(2) sePAJA. Mhla zingama-27 kuLwezi wezi-2018 iNkantolo Enkulu yakuvumela lokhu kodwa kwathi yona le Nkantolo ikhipha isinqumo ngokufaneleka kwecala mhla zili-16 kuMasingana wezi-2019 yama ekutheni umgomo wezomthetho ubiza ukuthi isicelo sokubuyekeza isinqumo senkantolo kufanele sifakwe ngesikhathi esithile esifanele.

Yabe isisichitha isicelo ngesizathu sokuthi isikhalo sikaRikhotso sedlulelwe yisikhathi njengoba kwase kwedlule imyaka engaphezulu kwemithathu axoshwa esikhundleni ayesiphethe. INkantolo yabeka nokuthi isizathu sakhe sokuthatha isikhathi eside ukuthi afake isicelo asizwakali kahle. 

Yaphinde yathi awekho amathuba okuthi isicelo sikaRikhotso singaphumelela.

Ngenxa yokungenami nokungagculiswa yilesi sinqumo seNkantolo Enkulu, uRikhotso wabe esefaka isicelo sokuphonsela lesi sinqumo inselelo kepha sachithwa. Wadlulela eNkantolo Yokubuyekezwa Kwamacala nalapho afike wakhala ngaphansi.

URikhotso wabe eseqonda eNkantolo YoMthethosisekelo emi kwelokuthi ilungelo lakhe lobulungiswa elivikelwe kuMthethosisekelo linyatheliwe. 

Esinqumweni samhla zingama-25 kuMasingana wezi-2021 esikhishwe uMehluleli uSteven Majiedt ngokuvumelana noMehluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng naBehluleli uChris Jafta, uSisi Khampempe, uMbuyiseni Madlanga, uNonkosi Mahlantla, uLeona Theron, uRammaka Mathopo, uMargaret Victor noZukisa Tshiqi, iNkantolo YoMthethosisekelo inqume ukuthi iNkantolo Enkulu ibingakulungele ukuphatha udaba lwesikhathi sokufaka isicelo njengoba ibisivele ikwamukelile ukuthi bese kwedlule isikhathi.

Ithe ngalokho iNkantolo Enkulu ibisingenawo amandla kulolu daba kwazise ibisiwasebenzisile kulo lolu daba.

Iphawule – ngaphandle kokunquma – yathi iyangabaza ukuthi isikhathi esibekiwe sokufaka isicelo siyasebenza ezimweni ezithinta uMthethosisekelo.  

See Also

Olunye udaba olubukwe iNkantolo YoMthethosisekelo inkokhelo yezindleko ebhekiswe kuRikhotso eyabekwa iNkantolo Enkulu.

INkantolo YoMthethosisekelo isiguqulile lesi sinqumo isebenzisa umgomo weBiowatch ovikela abafaka amacala ukuba bakhokhiswe izindleko zamacala. 

Le Nkantolo ime ekutheni  uRikhotso wayeqinisekisa ilungelo lakhe elikuMthethosisekelo ezinqumweni ezithathwa abaphathi ngakho-ke abamangalelwa ohlangothini lombuso kufanele bakhokhe izindleko zesicelo sakhe.

INkantolo YoMthethosikelo iqhube yathi abamangalelwa baphakamisa udaba lwesikhathi sokufaka isicelo eNkantolo Enkulu bebe bazi kahle ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule yona le Nkantolo yayikhiphe isinqumo sokungakunaki lokhu futhi bakuvuma ezethulweni zabo ezibhaliwe ukuthi iNkantolo Enkulu ikuvezile ngesikhathi igcizelela iphuzu lokubambezeleka ekufakweni kwesicelo.

Ekugcineni, iNkantolo YoMthethosisekelo iyalele ukuthi isinqumo seNkantolo Enkulu sichithwe. 

Ibe isilubuyisela eNkantolo Enkulu udaba ukuze kubhekwe ukufaneleka kwesicelo, yabe isiyalela ummangalelwa wokuqala okunguNdunankulu noMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, owesibili okuyiMeneja yeSifunda yoMnyango Wezindaba Zobholi BoMdabu nowesitathu okuwuMkhandlu WoBukhosi baseMahumani (abayizinhlaka zombuso) ukuba bakhokhe izindleko zesicelo sokubuyekezwa kwecala.

Ngaphambi kokukhipha isinqumo uMehluleli uMajiedt uthe: “Abaholi boMdabu babambe iqhaza elikhulu esakhiweni soMthethosisekelo. Bamele abantu abaningi basezindaweni eziningi ezisemaphandleni ezweni lethu. Isakhiwo soMdabu, isithunzi neqhaza lobuholi bendabuko uMthethosisekelo uyakuhlonipha.”

Uthe lokhu kwaqinisekiswa ecaleni likaSigcau v President of the Republic of South Africa eliwunombolo (2013) ZACC 18; 2013 (9) BCLR 1091 (CC) lapho iNkantolo yabeka ngokuthi “isakhiwo sobuholi boMdabu nokuthi ngubani okufanele athathe izikhundla zobuholi bendabuko kuthinta uMthethosisekelo” nokuthi isakhiwo, isithunzi neqhaza lobuholi bendabuko, ngokomthetho wesintu, kuyahlonishwa kuye ngoMthethosisekelo.

Lesi sinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo sicacisa ngokusobala ukuthi umsebenzi wabaholi boMdabu ikakhulukazi izinduna uvikelekile.

Scroll To Top