Now Reading
Ezezinkantolo: Isinqumo simenze wabaze isibili
Dark Light

Ezezinkantolo: Isinqumo simenze wabaze isibili

Ungene ehuzukile waphuma eselimele nakakhulu uMvikeli WoMphakathi


Usuku lwangoLwesine (izolo) belumqoka kuMvikeli WoMphakathi, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane. Lolu bekungolwamanqamu futhi kuyisinqumo ebesingaguqula konke. Lolu bekuwusuku lapho iNkantolo YoMthethosisekelo ibizokwethula isinqumo ecaleni elinguCCT 62/20.  Yize ubengeyedwa kulolu daba njengoba bebekhona nabe-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye namaBhungane Centre for Investigative Journalism injolozela ibikuMvikeli WoMphakathi. 

Wonke umuntu ubelapha nje ngenxa yesinqumo sakhe odabeni oluthinta uMengameli uRamaphosa nesikhwama iCR17. INkantolo ihlangana nje izolo zike zabekwa enkundleni ngoLwezi nyakene lapho bekweqana izibiba abameli baka-Adv Mkhwebana bebemile ekutheni isinqumo esathathwa yiNkantolo Ephakene nesachitha izincomo zakhe sabe sishaye eceleni. Engeyedwa kulo mbono ngoba nabe-EFF bemi kulokho.

Uma ubenqobile lapha uMvikeli WoMphakathi ubezoba yiqhawe kwabathile kakhulu labo abangamuzwa uRamaphosa, kepha okumqoka lokhu bekuyomgqokisa ukwethembeka nokuhlonipheka okuthile kwazise usaba yihlaya nje lapha phandle njengoba ngisho iPhalamende elabe limqashile selenze izigcawu zokucubungula ukuthi engabe kabathenganga yini ingulube esakeni bekusho lokhu bebuka amaphutha awenzayo (ukulahlwa ngamacala).

Nokho izinto kazihambanga njengesifiso sakhe njengoba iningi laBehluleli okubalwa; uMadlanga, uMathopo, uMhlantla, uTheron, uTshiqi noVictor  bemchithile esicelweni sokuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo Enkulu. Ube munye nje obezwelana naye loyo bekunguMehluleli uMogoeng.

See Also

Okube kubi kakhulu wukuthi ngesikhathi ekhipha isinqumo uMehluleli uJafta uveze uMvikeli WoMphakathi njengomuntu owehlulekayo ukwehlukanisa incazelo ethile yomthetho wamsola nangokwakha amagama athize nabefuna avune yena kulolu daba nokuyinto elihlazo nengahle isetshenziswe esigcawini sasePhalamende okungaphetha ngokuthi axoshwe.

Isinqumo lesi kubukeka siqedile ngaye. Ungene evele exhuga kepha uphume esegongobele. Uzoya ePhalamende ukuyoziphendulela, eze.

Scroll To Top