Now Reading
Kulokhu amalungelo abangasekho abukelwe phansi
Dark Light

Kulokhu amalungelo abangasekho abukelwe phansi

Akuyona indlela le esilondoloza ngayo abakwethu. Sidlala abangcwabi nje babe sinikwe ngubani?


Enye yezinto labo abeseka inqumo yoMthethosisekelo abayibalulayo nabathi imqoka yindlela lo mqulu ovikela ngayo amalungelo abantu. Bathi ulihawu elivikela abantu uma ababusi sebeklina benyathela amalungelo abo. Okunye abakushoyo bathi ngaphansi kwenqubo yoMthethosisekelo wonke umuntu uyalingana ngoba impela nelempofana liyahlonishwa. 

INingizimu Afrika kuthiwa yilona lizwe lapho amalungelo abantu bakuyo yonke imikhakha yempilo ehlonishwa. Kuthiwa ngisho amasiko nezinkolo zabo ziyahlonishwa. Kulezi zinyanga ezingaphezu kweshumi kubonakele ukuthi le nkulumo yoMthethosisekelo ibuye ibe lihaba nje.

Isiga nje esifakazela lokho yilesi sokujivazwa kwabantu abangasekho okubikwa ukuthi bahambe ngenxa yomkhuhlane ukhuvethe. Izimanga ezenzeka lapha emzini yakwethu nxa sekuhambe ilungu lomdeni ziyathusa futhi ziyacasula. Kuqala nje lapho kuthiwa umuntu ngeke asangena kwabo, abamnumzane bangadluli ezibayeni nabafazi balapha ekhaya baphumele ezitaladini. Balungiswa uma sizwa ngabantu bamakhaza abangabazi. Kodwa simane siyasho nje ukuthi bayalungiswa ingani sizwa kuthi bagoqwa ngocwazi nje okwenyama esilaheni. Wunya lwani lolu kithi? 

See Also

Okwenzeka lapha ngosuku lokulondoloza abantu kuyethusa. Laba abangabangcwabi baphenduka abanini bemizi yobaba isibili. Sizwa ngabo. Njengoba kuhlale kwenzeka uHulumeni uzozihlangula bese kusala nje ukuthi ngubani owathi abantu bakithi abangasekho nathi uqobo sigilwe le mikhuba. Uma singanyakazanga lapha, sibuze ukuthi yisayensi ethini le eyayithi asidelelwe kanjena nokuthi sidlala abangcwabi nje babe sinikwe ngubani, siyobe siyizinto ezingelutho njengoba babesho ababesicindezele.

Scroll To Top