Umgomo wokhuvethe wenze kwanqakiswana ngabasePalestine



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Zingama-23 kuZibandlela wanyakenye i-Israel yaqala uhlelo lokugomela ukhuvethe. Lokhu kwalandela isethembiso sikaNdunankulu uMnu uBenjamin Netanyahu sokugoma wonke umuntu waleli lizwe ongaphezu kweminyaka yobudala eli-16 ngaphambi kokuphetha kukaNdasa.
Amazwe omhlaba asemshayele ihlombe uNetanyahu ngalesi sinyathelo esizohlenga impilo yabantu. Kukhona konke lokhu kunconywa lilodwa ichashaza elihlalele i-Israel.
Leli lizwe lisaqhubeka nokuphatha abantu basePalestine ngendlela engehli kahle emazweni nezinhlangano zomhlaba. Ngesonto langomhla zingama-23 uNgqongqoshe Wezempilo kwa-Israel, uMnu uYuli-Yoel Edelstein, ukhulume wathi akuwona umsebenzi wezwe lakhe ukuthi ligome abantu basePalestine.
Uthe lokhu sebengakwenza uma kukhona imigomo esalile kodwa abantu basePalestine abangazithembisi. Le nkulumo iyaphambana nomyalelo wenhlangano yamazwe omhlaba i-United Nations (UN).
I-UN yayalela i-Israel ukuthi uma isiqala uhlelo lwayo lokugoma ingabavaleli ngaphandle abasePalestine.
Lo myalelo waba inkulumompikiswano enkulu kosopolitiki bakwa-Israel.
Elibonakala njengelaphuma phambili kule nkulumompikiswano elithi akuqale kugonywe abakwa-Israel bese kubonakala ukuthi kusekhona yini okusele kube ima kugonywa abasePalestine.
Ubudlelwano bePalestine ne-Israel bunomlando omude nobuhlungu. I-Israel yakhiwe isizwe samaJuda. Lesi sizwe sakhishwa inyumbazane sahlanjalazwa kwabukiswa ngaso eGermany ngesikhathi sobuholi buka-Adolf Hitler neqembu iNazi Party.
Ukubuka ukuthi sesinyamanambana kwezinye izinhlanga, lesi sizwe saqale saqoqana sathuthela emhlabeni ngokomlando owawaziwa ngokuthi i-Israel.
Uhlelo lokuthutheleka kulo mhlaba lwalubizwa ngokuthi i-Aliyah. Lolu hlelo lwaba yimpumelelo okungangokuthi i-Israel yakwazi ukuba izwe elizimele ngowe-1948.
Inkinga ngalolu hlelo lwamaJuda kwaba wukuthi lo mhlaba ayewubiza nge-Israel wawunabanikazi ogama lawo kwakuyiPalestine. Intshisekelo yokunweba umhlaba ku-Israel yayiholela ezimpini eziningi nePalestine.
NgoNhlangulana we-1967 amazwe ayezwelana nePalestine i-Egypt, iSyria neJordan atholana phezulu ne-Israel eyayiphelezelwa i-United States of America (USA). Le mpi eyaphela emuva kwezinsuku eziyisithupha yanikeza i-Israel omunye umhlaba wePalestine okwasala sekuyizwe elincozuke kabili.
IPalestine okukhulunywa ngayo namhlanje ineWest Bank neGaza. Nakuyo iWest Bank i-Israel isiphinde yathatha omunye umhlaba ofaka phakathi iJerusalem leli lizwe eseliyibiza ngekomkhulu layo.
Ukulaxazwa i-Israel kumugomo wokhuvethe sekuyibeke ezandleni zeRussia iPalestine. IRussia ingelinye lamazwe alusukumele phezulu elokugomela ukhuvethe.
NgoLwesibili lwangomhla zili-19 iThe Palestinian Authority (PA) yaveza ukuthi isilitholile isaka lokuqala lemigomo elisuka eRussia owaziwa ngeSputnik V. kulindeleke ukuthi lo mgomo wokhuvethe ube nomthelela kupolitiki yakwa-Israel nasePalestine.
Mhla zingama-23 kuNdasa kuzoba nokhetho lwamalungu eSishayamthetho kwa-Israel. Lolu khetho luzobe lungolwesine eminyakeni emibili imbangela okuwukungaphumi phambili ngokucacile kweqembu elilodwa.
Okwamanje iqembu likaNetanyahu iLikud libusa ngokubambisana namanye amaqembu emuva kokwehluleka ukunqoba ukhetho ngokucacile. Lesi sivumelwano sokusebenzisana sinqamukile nyakenye lokhu osekubuyisela leli lizwe okhethweni.
Akungabazeki ukuthi uNetanyahu uzokhankasa ngephuzu lokuncisha abasePalestine umgomo wokhuvethe kulolu khetho. NasePalestine lona unyaka wokhetho.
Kube nesivumelwano phakathi kweHamas ebusa eGaza neFatah ebusa eWest Bank ukuthi lona makube unyaka wokhetho. Akumangazi ukuthi lesi sinqumo siqhamuka lapho khona i-Israel ihlela ukuba nolwayo ukhetho.
Konke lokhu kuvuna iRussia okusukela ngowe-1979 izama ukwakha ubudlelwano namazwe aseMiddle East.
Ukuhlinzeka iPalestine ngomgomo wokhuvethe kusondeza iRussia ku-Israel neSaudi Arabia okungabangani be-USA.
Abantu basePalestine balaxazwe i-Israel banqakwa iRussia ngomgomo wokhuvethe kodwa konke lokhu akungomusa nje kuphela kodwa kuphelezelwa ipolitiki.