Umbhali uthi indaba inkulu inoMasingana
Emhlabeni nasemlandweni kuhlale kunezimo nezinto, nezigameko ezinhle nezimbi ezingalibaleki nezenzekayo ngenyanga ethile onyakeni mumbe.
Uma sithi jeqe kwezemfundo eNingizimu Afrika kuyavela ukuthi kwakuyinyanga kaMasingana ngowe-1954 okwaqala ngayo uhlelo lokufundisa imfundo yobandlululo lwamaBhunu. Yayibizwa ngeBantu Education.
Kwaba nothisha nabantu abahlukahlukene abazidingisa baya kobhaca kwamanye amazwe emveni kokuqala kohlelo lwemfundo yobandlululo lwamaBhunu.
Kuyafakazelwa nasekhasini lokuqala encwadini ethi: “Umkhonto weSizwe. Fighting for a Divided People” eyabhalwa ngokumbambisana phakathi kukaMnu uThula Bophela noMnu uDaluxolo Luthuli. Lapho uBophela ebalula ukuthi uyise owayenguthisha ngowe-1960, wazidingisa waya kobhaca eZimbabwe ngenkathi isabizwa ngeRhodesia wahlala eMhlali (eMtali).
AmaBhunu ebambisene nenhlangano yobumbano lwamaBhunu neyayiyimfihlo okwakuthiwa Afrikaner Boerderbond, ahlukanisa imfundo ngokwezinhlanga ngoMthetho uNombolo 47 we-1953. Yabe isiqala leyo mfundo mhla lulunye enyangeni uMasingana ngowe-1954.
Empeleni kwakuwumthetho owawubhekiswe ikakhulukazi emfundweni yaboHlanga kuphela. Kwangena uHulumeni osuphathiswe aboHlanga wayihlanganisa imfundo ngaphansi koMthetho uNombolo 84, mhla lulunye enyangeni uMasingana ngowe-1996.
Yize bugqama ububi ngemfundo yobandlulo lwamaBhunu kodwa kukhona okuthile okwakukuhle. Ngisagcizelela futhi ukuthi nakuba sisazikhuluma izilimi zebele kwaba ngenxa yayo imfundo yobandlululo lwamaBhunu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwakufundwa ngezilimi ezintathu. Kwakufundwa izifundo ngolimi lwebele, olwesiNgisi nolwesiBhunu, ebangeni lokuqala ngqa kuyofika ebangeni lesithupha. Kufundwe izifundo ngolimi lwesiNgisi ebangeni lesikhombisa kudlule kweleshumi, osekuyiBanga Leshumi Nambili uGrade 12.
Emhlabeni wonke kusewumlando namanje ongapheliyo, wosuku lwamhla zingamashumi amabili nambili kuMasingana ngowe-1879, entabeni iSandlwana, eNquthu. Kwakumzukwane amabutho kaZulu, eNgonyama uCetshwayo kaMpande ayehlome ngemikhonto ehlula impi yamaNgisi eyayisizwa ngabanye aboHlanga ababeyizincelebana, ababeyizinhloli noma ababeyizimpimpi.
Emva kwempi yaseSandlwana, iNgonyama uCetshwayo yaboshwa, yadingiswa ngamaNgisi yaze yaphuma ekuboshweni nasekudingisweni mhla zingama-28 kuMasingana ngowe-1883.
Unyaka lona okwaphela inkululeko yombuso owawubumbene, owawunobunye nowawunokwazisana kukaZulu kanye neminye imibuso yezinye izinhlanga eNingizimu Afrika nezase-Afrika.
Kanti neNgonyama uDinuzulu yabuya ekuboshweni nasekudingisweni esiqhingini iSt. Helena mhla ziyisithupha kuMasingana ngowe-1898, sekuphethe abamhlophe amaNgisi.
Kwanezezela nasekhasini le-137 uMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo nongumbhali wencwadi esihloko sithi: “Umsuka Nemvelaphi Yomuntu Omnyama” yangowezi-2020. Wathi: “Ngaleyo ndlela ubunye ukubambisana nokwazisana kwabantu besizwe kwashabalala” ukukha phezulu.
Into yakudala, esenzeka eNingizimu Afrika nase-Afrika yokuthi abamhlophe babelekelelwa ngabanye baboHlanga ukulwa naboHlanga bakubo. Sekuwumlando ukuthi amaNgisi ayelekelelwa ngabeSuthu namanye amaZulu ayengamambuka ukulwa noZulu. Sekuwumlando ukuthi amaNgisi ayesizwa ngabaPedi ukulwa namaXhosa.
Kanjalo namaSwazi alekelela amaNgisi ukulwa nabaPedi. Zanqotshwa kanjalo izizwe zase-Afrika kuze kube manje.
Kuzokhumbuleka isiteleka samhlazane ziyisi-9 enyangeni uMasingana kwaze kwaba nguNdasa ngowe-1973. Kwakungesezisebenzi zakwaCoronation Bricks manje sekuwuCoro-Bricks, owawudume ngokuthi ikwaMagenqe. Isiteleka esasimayelana neholo elaliphansi kwezingampilo.
Kwakubandakanya ababesebenza kwaMagenqe owawungasesiteshini iBriardene okwakuthiwa iseNamba-1, owawuseRedhill eNamba-2 ngaseDurban North, manje osekunenkampani i-Edon Power Group nezinye, kube oseVokwe nanamanje okuyiNamba-5, bese kuba owawuse-Effingham iNamba-4 owawungaphesheya kwehhovisi lasesiteshini i-Effingham. Kanjalo noMagenqe owawuseMgungundlovu iNamba-3.
Wasikhumbula leso siteleka mhlazane eqala ukusebenza eNamba-4 ngowe-1973 uMnu uFanukwenza Mlambo waseNquthu esigodini iMpondi nokuyigama lentaba, osekuwuMasipala uWadi 7, abaphuza umfula iJojosi noma eJojosini kweseNkosi uMolefe. Ukuthi emva kwesiteleka baqashwa beyinkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili, bagcina sebebathathu eNamba-4.
Inkulu indaba inenyanga uMasingana kwabamhlophe, kungenzeka kunemfihlo esabasenzela nakule nkathi yamanje. Phambilini sabalula ukuthi abamhlophe kunezinto eziyimfimhlo abazenza njalo ngenyanga uMasingana engisenesiqiseko sokuthi basazenza.
Ingani phela abamhlophe basibamba ngemfundo, ngemali ikakhulukazi. Kanti aboHlanga bayakhohlwa ukuthi yimfundo nemali engokomqondo wabamhlophe, esasicindezele. Bafundile aboHlanga, sifundile, isiNgisi kuze kweve. Akukavezwa nokuncane okusha ngokufunda kwabo noma kwethu. Kuphela ukubanga umsindo ePhalamende nasemphakathini. Kugxekwa imfundo, izimo, izinto nabanye ekubeni kuyikazelwa amajazi emfundo kodwa lutho olusha esikuqambileyo.
Ngathi asinalo ngisho ulimi olusihlanganisayo singaboHlanga. Sedlulwa abaseMalawi ngesiChichewa, eTanzania namanye amazwe ngesiSwahili. Kuze kube nini?

