INingizimu Afrika ayizenzele ucwaningo ngokhuvethe



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Okuningi okushiwo ngokhuvethe sikuzwa ngamazwe asentshonalanga futhi enake izinkinga zawo hhayi ezakuleli
UMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ubethula inkulumo ebhekiswe ezweni ebusuku ngoMsombuluko owedlule. Inkulumo yakhe ibigxile kakhulu ekwaziseni izwe ngesimo sezwe njengoba ligubuzelwe ukhuvethe oludla fumuka ludle sitshodo. UMengameli kucace uma ekhuluma ngotshwala, ugwayi, uMnyango Wezempilo, oWezasekhaya nangezinye izinto. Okungikhathaze kakhulu ukuthi uMengameli uyakwazi ukukhuluma angabi nalo ibatha uma ekhuluma ngeminye iminyango bese eshiyela kwabanye uma kufanele akhulume ngeminyango eyengamele ezemfundo.
Lesi simo sokunganakwa kweminyango yezemfundo, isayensi kanye nobuxhakaxhaka bangalezi zinsuku isona esidala izinkinga okubukeka kunzima ukuthi sizixazululele zona ngaphandle kwabezizwe. Ake sibheke kafushane uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo; ngonyaka wezi-2007 abafundi abalinganiselwa esi-1 002 500 babhalisela ibanga lokuqala ezikoleni zakuleli lizwe kodwa bayizi-512 700 ababhala izivivinyo zikamatekuletsheni ngonyaka wezi-2018 lapho kwaphumelela abayizi-400 761. Kulezi zinombolo babalelwa ezi-172 000 abafundi abaphumelela ngamalengiso. Uma ubheka kahle abafundi unyaka bawuqala bengaphezulu kwesigidi kodwa kuthi kuphela iminyaka elishumi nambili balinganiselwa cishe kuhhafu wesigidi abafundi ababhala izivivinyo zebanga leshumi. Nakuwo uhhafu wesigidi esibhala izivivinyo zikamatekuletsheni akubona bonke abaphumelelayo bese bedlulela ezikhungweni zemfundo ephakeme. Nakulabo abayofika ezikhungweni zemfundo ephakame, akubona bonke abayogcina bethwale iminyezane kwazise abanye kuyenzeka zibahlule izifundo kanti abanye baphelelwa zimali zokufunda. Umbuzo omkhulu uthi bashonaphi ngokwempilo laba abahamba besala endleleni ababalelwa kuhhafu wesigidi? Ngiyawunxenxa uHulumeni ukuthi uthi ukuzinaka lezi zinombolo zabantu bakithi abangahambi ibanga elide kwezemfundo. Hleze lokhu kungaba isisombululo ebugebengwini nakwezinye izinkinga nje ezingabakhona emiphakathini esiphila kuyo.
Uma ngingathi ukwelula; ake sihlehle thina ma-Afrika siye emabangeni aphansi emfundo sitshele izingane ukuthi akekho umntwana ozoyeka isikole manje futhi akekho ozobalekela izibalo nesayensi. Le nkinga yokulahleka kwabantwana endleleni ebheke kumatekuletsheni nakwezinye izikhungo zemfundo singayilungisa, aboHlanga abasukume. Abasukume benze izifundo ezizokwenza nathi sigqame ngobuhlakani phakathi kwezizwe. Masenze isiqiniseko sokuthi osefikile esikhungweni semfundo akaphumi engaphothulile, siphinde siqinisekise ukuthi abafundi baphothula ngesikhathi esibekiwe.
Ngiyazi ukuthi izwe lethu linazo izincithabuchopho ezifana noSolwazi u-Abdool Karim uma sekuza ezindabeni zezifo ezivele zibheduke nje. Kodwa lokho akwanele, into ezosisiza njengezwe elinomnotho osathuthuka ukuthi sizikhiqizele inqwaba yongoti boHlanga ukuze kuthi mhla ziphinde zivela izifo ezifuze lolu khuvethe sikwazi ukuzikhandela umgomo. Ngaleyo ndlela bekufanele ukuthi kutshalwe imali eningi kubafundi abenza iziqu ezifana neMasters kanye nePhD kuyo yonke imikhakha.
Lokhu kuyosiza ekutheni uma izwe libhekana nezimo ezidinga abacwaningi sikwazi ukuzicwaningela futhi siziphenyele ukuze sikwazi ukuzitholela thina izisombululo noma amakhambi okwelapha izifo ezingaba khona ezweni lethu.
Uma ubheka kahle kuze kube manje abantu abaseqhulwini lokusitshela ngokhuvethe lwesibili (501 Y.V2) akubona abakuleli lizwe. Abantu abaseqhulwini lokubabaza lolu hlobo lokhuvethe basebenzisa imithombo yabezindaba ekwazi ukufinyelela cishe emhlabeni wonke, bheka nje iBritain inayo inkinga ecishe ifane neyethu kodwa seyithe ayifuni ngisho amabhanoyi asuka lapha aye e-England ngoba olwabo ukhuvethe alulubi kakhulu.
Ingakho ngithi sesifikile isikhathi sokuzenzela olwethu ucwaningo siphinde sizitholele thina ikhambi kodwa angeke sikwazi ukukwenza ngempumelelo lokho uma izikhungo zemfundo zishaywa indiva njengoba kwenzeke ngoMsombuluko owedlule.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule luke lwathi ukugoba amadlangala ukhuvethe, nabacwaningi basemazweni angaphandle basitshela ukuthi usizo seluseduze. Bathe bangalithola ikhambi baqala bazigoma bona thina kuze kube manje siyabukela nje ukhuvethe lubhidliza imikhakha eminingi yezomnotho. Ngoba nakhu ikhambi lokugoma selitholakele sekuthiwa hhayi olwethu ukhuvethe alusafani nolwabo. Lokhu kusho ukuthi izwe lethu sekufanele lithi ligomela abantu ukhuvethe ebesilwazi siphinde sijahe lolu khuvethe lwesibili olusanda kuvela. Ngamanye amazwi asikuvume ukuthi laba abadayisa umgomo thina boHlanga bazosidayisela eminingi futhi engafani neyabo, lokhu kusho ukuthi iningi imali esazophuma kuleli lizwe iye phesheya kwezilwandle. Ingwadla esizobanayo kuleli zwekazi i-Afrika ukusuka manje kuya phambili izikweletu ngoba amazwe angeke ebe nayo imali yomgomo iWorld Bank ne-International Monetary Fund kumanje bami ngankomo balinde ukubolekisa ngemali kulawo mazwe.
Ake ngithi ukusika elijikayo ngawo lo mgomo. Njengoba sekuthiwa olwethu ukhuvethe lwehlukile futhi luyingozi lokhu kusho ukuthi mkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukuze abantu bangawesabi lo mgomo. Mina ngithi uMengameli, ongqongqoshe kanye namalungu ePhalamende abazibophezele ekutheni bona bazogonywa kuqala esidlangalaleni njengoba ozakwabo kwamanye amazwe benzile. Sonke simbonile uMike Pence oyiPhini likaMengameli e-USA kanye noJoe Biden onguMengameli. Emuva kokuthi abaholi sebegonyiwe bese kulandele abasemkhakheni wezempilo, ezokuphepha, ezikaqedisizungu kanye nabafundi kusukela ezikoleni kuya ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngizwe umholi we-EFF uMnu uJulius Malema ethi izikole azihlale zivaliwe ngoba ukhuvethe lumi ngenhla. Lokhu akusona isixazululo abagonywe abafundi nabasebenza ukufundisa bese kuqhutshekwa nokufunda.
Ngifisa ukubona inqwaba yaboHlanga kuyiyona esitshela ngobungozi bezifo zanamuhla, ngifisa ukubona osolwazi abazokwazi ukusitshela nokuxwayisa ngokhuvethe oluzolandela ngonyaka wezi-2120. Lokhu ngikusho ngoba sekuthi akucace ukuthi uma ubheka emuva uyalubona ukhondolo lwalolu hlobo lwezifo. Bheka nje lolu bhubhane lwangonyaka we-1918, nakhu ngonyaka wezi-2019 sekufika olunye. Kuyoba ngcono kulolu oluyolandela ubhubhane umhlaba uzwe ngathi ukuthi ikhambi kuzoba yini, futhi lizodayiswa ithina aboHlanga. Lapho umhlaba uyodla entendeni yesandla sethu singama-Afrika. Lapho ke izinqumo ezithinta umhlaba azithathwa singekho, ngoba ithina esobe sesingomakhonya bophiko lwezempilo enhlanganweni iWorld Health Organisation. Ngaleso sikhathi izwe lethu kube yilo eliyobe selimandla ku-United Nations, liyobe seliyilungu eliphelele lomkhandlu wezokuphepha iSecurity Council linawo namandla okuvimba izinqumo ezimbi futhi ezicindezela izwekazi i-Afrika.
Ukuze konke lokhu okungenhla kwenzeke kuzofanele sithi ukuzinuka amakhwapha kuqala ngabantwana bethu abathi uma bedela isikole nathi sigeze izandla ngabo. Kuzofanele siphume inqina yokwenza wonke umntwana aqede isikole. Kuzofanele sakhe izikole, amakolishi kanye namanyuvesi abe maningi kunamajele. Onke amazwe aneminotho ethuthukile azinake kakhulu lezi nombolo zabantwana abangasiqedi isikole. Uma sesikwenzile lokho bese siqeda izifundo ezingasizi ngalutho ezifana neLife Orientation emuva kwalokho siqinise ezifundweni zamabhizinisi, ezempilo, ubunjiniyela kanye nobuchwepheshe. Ezikoleni makubekhona izifundo ezizoqondisa abafundi uma sebekhetha imikhakha abazoyisebenza.
Sengivala, izwe lamaJamalimane ububanzi balo bulinganiselwa esifundazweni sethu iNorthern Cape. Leli lizwe linamanyuvesi angaphezulu kwamakhulu amathathu. Izibalo zabantu bakhona zingaphezudlwana kwezethu eNingizimu Afrika kodwa bheka izimali ezitshalwe kwezemfundo. Kumanje sebeze banohlelo oluhle nokho olubizwa ngeNRF-DAAD oluthatha abafundi lapha kwelakithi ukuthi bayofunda ezikhungweni zamaJamalimane. Abafundi beziqu zeMasters nePhD sebeseduze kakhulu nokuthi babe abacwaningi abasezingeni eliphezulu futhi bancane nangokwezinombolo bekufanele bangeqiwa inhlupheko baze bayokhothama kubafundi abanoNSFAS.
Ngiyazi ukuthi lukhona uhlelo losizo oluhlomulisa idlanzana olwaziwa ngokuthi iNational Research Foundation (NRF). Abafundi abaningi abahlomula kulolu hlelo ababhalise ezikhungweni lezi vele ezazingancishwe mathuba phambilini. Asilungiswe lesi simo abaxhaswe abafundi ngokwanele kuwo wonke amazinga. Uma singenza lokho kungathi kuphela iminyaka engamashumi amathathu kusuka manje kungabe sekuntwela ezansi. Singabe sesiqala ukuzikhiqizela abethu abacwaningi abazosiza umhlaba nezwekazi i-Afrika. Ngaleso sikhathi sobe sesicishe sikwazi ukuzixazululela ezinye izinkinga ezibhekene naleli zwe lethu.
Ngaleso sikhathi ngisho uMengameli oyobe esephethe ngaleso sikhathi angeke ethi ethula inkulumo ebhekiswe ezweni yena athi kwezemfundo sekobona oNgqongqoshe abengamele leyo minyango. Nakuba kukuhle ukuthekela ulwazi kwabanye abantu kodwa masingavumi ukuthi kuze kusuke amaJalimane ezositakula ngisho ngezinto ebesingazenzela thina. Masingathembeli kwamanye amazwe bese singanaki umkhakha obaluleke kangaka wezemfundo nokuyiwo okumele usikhiqizele abethu abacwaningi abangongoti kwezempilo nakweminye imikhakha.