Ubona uMengameli ebhixa izwe ngodaka emehlweni



UMnu uSibusiso Mncwabe ukhulumela i-African Transformation Movement (ATM) kuzwelonke
Ngikhathazwa wudaba lukaMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa lokuqoka ithimba longqongqoshe elizohlanganisa imibiko yenkohlakalo kanye nokukhishwa kwemisebenzi ebhekene nokulwa nobhubhane ukhuvethe kuleli zwe. Siyazi sonke ukuthi imisebenzi efana nokusatshalaliswa kwezinto zokuzivikela (PPEs) iphume yaba wuxhaxha kuleli lizwe kulesi sikhathi semvalelwakhaya.
Siyazi futhi ukuthi yizigidi ngezigidi zamarandi eziqoqiwe zakhishwa nguMengameli ukubhekana nale nhlekelele, izwe liphindile futhi layoboleka ezinye izizumbulu zezigidi ebhange lomhlaba ukuqinisa impi yobhubhane.
Okusithusayo kodwa yindlela lezi zizumbulu ezisetshenziswe ngayo. Kunezikhulu zikaHulumeni nezingane zazo nabangane nezihlobo osekuvela ukuthi bezizixebulela umkhomo kule mali, yilowo nalowo esika inoni alithandayo ngaphandle kovalo. Empeleni nje sekucacile ukuthi njengoba lolu khuvethe lushiya izidumbu phansi luzophinde lushiye nosozigidi abaqubuke esikhaleni nje.
Sakhula abadala besitshela ukuthi uma kushoniwe noma kunenhlekelele ebuhlungu evelile ekhaya awukwenzi okuphambene nomthetho kumbe nje ukuziphatha kabi ngoba lokho kukwakhela umkhokha omubi wena qobo, bese bethi “uyodlula”. Manje ngizibuza ukuthi lezi zikhulu nosopolitiki abantshontsha ngesimo esibuhlungu kanjena esibhekene nezwe lapho singcwaba khona usuku nosuku ngabe basabusisekile yini? Kuseyisibusiso ukuholwa yibo bentshontsha kufiwe? Ngubani osafisa ukuholwa ngumuntu osadlula ngobusela?
Okungethuse kakhulu nokwenze ngithathe usiba nephepha ngilobe lo mbono wukuthi uma esevela wonke la manyala namahlazo kamazitapele kuHulumeni bese uMengameli wezwe ubaba uRamaphosa aphide aqoke baholi bakaHulumeni, ongqongqoshe ukuthi kube yibo abasekhaleni lokulandelela okudalula le nkohlakalo embi kanje eqalekisiwe.
Ngamanye amazwi uRamaphosa uthi kithi masikhululeke uzoziphenya yena bese edalulela izwe umbiko othinta yena bese eyazijezisa. Yinsumansumane lena engingakaze ngiyizwe ndawo. UMengameli usibhixa ngodaka emehlweni emini libalele.
Okunye okwethusa kakhulu nakuleli komiti lakhe wukuqokwa kukaNgqongqoshe uRonald Lamola ukuthi kube nguye usihlalo walo.
UMnu uLamola musha kuHulumeni nakuKhabinethi cishe unonyaka wodwa nje vo kanti futhi akakaze abekhona ngisho ePhalamende ngaphambilini kokunikwa uMnyango, lokhu kukodwa nje kusho ukuthi akanawo amava nokhakhayi oluqinile ukuthi usenganikwa umsebenzi obucayi njengalona ukuba aphenye ozakwabo abaningi babo abamkhulisile kupolitiki nabamnike lesi sinkwa asidlayo njengamanje, kudlalwa nje ngemizwa yabantu baleli lizwe.
Angicabangi ukuthi uma uMhlonishwa uLamola engazithela kumbiko wenkohlakalo ejulile engathinta omunye wozakwabo noma ingane kaMengameli angawuthatha awenekele izwe kodwa angazama izindlela zokuthi umqashi wakhe nobaba wakhe kwezepolitiki avele emuhle engenachashazi, kuyimanje sekuqalile ngalowo okhulumela yena uMengameli wezwe uNkk uKhusela Diko.
Umbuzo-ke bese uthi uMhlonishwa uLamola uzokwazi ukwenekela izwe wonke amahlazo angathinta umkhulumeli kabasi wakhe? Impendulo ithi akasoze. Ngeke alume isandla esimphakelayo. Konke-ke lokhu kukhomba ukungabikho kweqiniso kuleli komiti likaMengameli uRamaphosa.
Yingakho-ke ngiphakamisa ukuthi alichithe leli komiti lakhe alinasidingo, liyinkohliso nje kithina bantu emazingeni aphansi ukuze sivale imilomo ngale nkohlakalo yokhuvethe.
Izwe linezinhlaka ezisemthethweni ezakhelwa ukuphenya zibophe kungani pho kungadedelwa zona zenze umsebenzi wazo ngokuzimela? Sinabo oKlebe, iSIU, iSAPS , ezobunhloli ngisho ikomidi lePhalamende elibhekene nokusebenza kwezimali zikaHulumeni (SCOPA).
Kungani zonke lezi zinhlaka zinganikwanga ithuba bese uHulumeni yena ahlehle amele kude aphenywe kusukela ekhanda kuya ozwaneni? Lesi senzo sikaMengameli ngisibona siwukuphaphalaza okwedlulele. Sizoba nenkinga uma labo abahola izwe bezocabanga ukuthi yibona bodwa abahlakaniphile, angazi noma bawakhohliwe yini amazwi abadala uma bethi, ‘iningi liyabona ububende’. uMengameli makasibuyekeze lesi sinqumo sakhe alihlakaze leli komiti alisungulile longqongqoshe ngoba abanye bethu balibona kuyihawu nje lokufihla inkohlakalo lena esinukela noMdali ezulwini.