Now Reading
Isivumelwano sombuso wesikhashana eLibya
Dark Light

Isivumelwano sombuso wesikhashana eLibya

Izingxoxo zezepolitiki yaseLibya ezihlelwe yinhlangano i-United Nations (UN) sezibe nenqubekela phambili njengoba sekunesivumelwano sikaHulumeni Wesikhashana omusha ozohola leli lizwe kuze kube ukhetho ngoZibandlela. Lokhu kudalulwe yiyo i-UN. 

Abayingxenye yezingxoxo eziseGeneva bavumelene ngendlela okuzokhethwa ngayo umbuso omusha, okwakhiwa kwawo okube undabamlonyeni phakathi kwamaqembu amakhulu kuleli zwe eliwumkhiqhizi omkhulu kawoyela.

Oyibamba lesithunywa se-UN uStephanie Williams uthe lesi sivumelwano simele ‘ukuvumelana okuhle kakhulu ngalolu daba futhi kungaholela ekukhethweni kukaHulumeni wezinguqugo  emasontweni ambalwa azayo’.

Kepha uphinde waxwayisa ngokuthi: “Kusazoba khona abantu abazozama ukuphazamisa lezi zingxoxo zokuzama ukuthola ukuthula kuleli zwe.”  Lezi zingxoxo ziyingxenye yenqubo ebanzi yokuthula ngemuva kweminyaka yezinxushunxushu nempi, okubandakanya nokunqandwa kwempi yezikhali kwezombutho kanye nokulungiswa komnotho wezwe.

Leli lizwe kusukela ngonyaka wezi-2014 bese lihlukene phakathi edolobheni iTripoli entshonalanga kanye nasempumalanga yeBenghazi.

UHulumeni waleli lizwe obuhlonishwa nobuwamukelwa ngamazwe angaphandle owaziwa ngeGovernment of National Accord (GNA) oseTripoli wesekwa yiTurkey kuthi ibutho lezempi eliholwa nguMnu uKhalifa Haftar elizinze empumalanga yaleli zwe elaziwa nge-Libyan National Army (LNA) lesekwe yi-United Arab Emirates, iRussia kanye ne-Egypt. Kodwa-ke, zombili lezi zinhlangothi ngokwazo zimele umfelandowonye, kwesinye isikhathi ongazinzile wamaqembu ahlukene ezepolitiki, ezifunda noma ahlomile.

Umzabalazo wakamuva wokuletha uxolo uqale ngemuva kokuthi iGNA ihlehlise ukuhlasela kwezinyanga eziyi-14 kweLNA edolobheni iTripoli. Ukunqandwa kwezikhali kwavunyelwana ngakho eGeneva ngoMfumfu nyakenye.  

See Also

NgoLwezi, inhlangano i-UN yamema abaseLibya abangama-75 ukuthi bayozibandakanya engxoxweni yezepolitiki eTunis okuyiyo eyanquma ukuthi kube nokhetho ngoZibandlela kulo nyaka kanye nokhetho lwePhalamende. Lezi zingxoxo zaphinde zanquma ukuthi uHulumeni woguquko nowesikhashana iwona ozohola izinhlelo zalolu khetho, ozolwa nenkohlakalo kanye nokubuyisa izinsizakalo zomphakatthi kulo lonke elaseLibya.  

Kodwa-ke imihlangano yangoLwezi yaseTunis yathi ukuphazamiseka kancane ngesikhathi izethameli zawo sezixoxa mayelana noHulumeni omusha.

Okunye okuvelile ukuthi ngesonto elizayo zonke izithunywa noma izethameli zalo mhlangano zizovota mayelana nendlela izinto ezizoqhubeka ngayo ezazivunywe eGeneva.

Scroll To Top