Now Reading
IMorocco ihloniphe uTrump ngendondo yeqophelo eliphezulu
Dark Light

IMorocco ihloniphe uTrump ngendondo yeqophelo eliphezulu

ObenguMengameli wase-United States of America (USA) uMnu uDonald Trump ngesonto eledlule uthole umklomelo omkhulu kunayo yonke yaseMorocco ngomsebenzi wakhe wokuqhubekisela phambili isivumelwano sokuthula nokusebenzisana phakathi kwe-Israel naleli lizwe. Lokhu kushiwo isikhulu esiphezulu kuHulumeni ngesikhathi sikhuluma nabezindaba. 

Emcimbini obubanjwe ngasese emahhovisi e-Oval iNkosazana uLalla Joumala Alaoui, oyiNxusa laseMorocco e-USA, inikeze uTrump umklomelo obizwa ngokuthi yiThe Order of Muhammad, okuwumklomelo onikezwa izinhloko zombuso kuphela. Lesi kube yisipho ebesiqhamuka eNkosini yaseMorocco uMohammed VI.

Umeluleki omkhulu waseWhite House uJared Kushner kanye nesithunywa saseMiddle East u-Avi Berkowitz bathole eminye imiklomelo ngomsebenzi wabo esivumelwaneni sakwa-Israel neMorocco okwafinyelelwa kusona ngoZibandlela.

Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule i-USA isize kwaba nezivumelwano phakathi kwamazwe i-Israel, i-United Arab Emirates, iBahrain, iSudan neMorocco. Lezi zivumelwano kuhloswe ngazo ukulungisa ubudlelwano phakathi kwala mazwe kanye nokwakhiwa kobudlelwano bezomnotho phakathi kwawo.

UTrump uphume esikhundleni esegxekiwe mayelana nesivumelwano saseMorocco ngenxa yokuthi kuze kuvunyelwane yena wavuma ukuthi i-USA izohlonipha futhi yamukele uBukhosi nokubusa kweMorocco eWestern Sahara.

IWestern Sahara indawo ebangwayo kakhulu kusukela kudala phakathi kweMorocco kanye nePolisario eyayisekwa yi-Algeria. IPolisario yinhlangano eyaqembuka ngenxa yokuthi ifuna ukuzimela kule ndawo ebangwayo.

See Also

Iqembu iKushner belisaqhubeka nokuthola izivumelwano ezinye phakathi kwe-Israel namazwe ama-Arab. Kepha isikhathi sesidliwe yinja njengoba zingeke zisatholakala ngenxa yokuphela kwesikathi sikaTrump esikhundleni.  

Okuvelile kulo mcimbi wokuhlonishwa kukaTrump ukuthi abezindaba bebengavunyelwe. Kuzokhumbuleka ukuthi uTrump usenciphisile ukuvela kwakhe kwabezindaba kusukela ahlulwa okhethweni lobuMengameli ngonyaka odlule.

Scroll To Top