Now Reading
Angeke apheze ukuhlambalaza uTrump
Dark Light

Angeke apheze ukuhlambalaza uTrump

AMAZWI aphinyiswe nguMengameli wase-USA uDonald Trump, lapho eqhathanise amazwe ase-Afrika, naboHlanga, njengalabo ababuya ezindaweni ezingahlanzekile asevuse uhlevane kwabaningi. La mazwi kuthiwa uwakhulume ehlangene nozakwabo waseNorway, lapho ethe akanankinga nokwamukela izakhamuzi ezivela emazweni aphucuzekile njengeNorway, kepha angeke azivumele ezivela e-Afrika, naseHaiti.

Emuva kokusabalala kwale nkulumo emithonjeni yabezindaba uMengameli uTrump, noma eshaye phansi ngonyawo ethi akazange akhulume kanjalo, kepha bakhona abanye ababaholi bamaqembu ezepolitiki eMelika abafunge bagomela ukuthi impela uwaphimisile. La mazwi asedale ukuthi kube nemibhikisho emadolobheni amaningi emhlabeni jikelele egxeka uTrump. Ne-African Union (AU) iphinde yakhipha isitatimende esivuthayo esexwayise ngokuthi amazwi kaTrump ajivaza ubudlelwano obukhona phakathi kwezwekazi, aboHlanga, kanye ne-USA. I-AU, iphinde yaphakamisa ukuthi kuzomele awahoxise qede akhiphe axolise kwaboHlanga, ngoba athunaza isithunzi se-Afrika. Nomnyango wezokuxhumana namazwe omhlaba wakuleli nawo uthathe izinyathelo zokuthi ubize oyiNxusa lase-USA ukuze ukwazi ukwethula izikhalo zawo ngala mazwi.

Kukhona okungabekwa ngokushiwo uTrump, kanye nomsindo osusukile. Okokuqala, futhi okumangazayo ukuthi indlela osekuphendulwe ngayo ikhombisa sengathi kukhona okuhle okwakulindeleke ukuthi kuvele kuMengameli ofana noTrump. Kodwa, uma kubhekisiswa  izinkulumo zakhe zangaphambilini, ngisho nangesikhathi esakhankasela ukuba nguMengameli kwakumele kucace ukuthi ayikho into eyayikhombisa ukuthi unakho ukuhlonipha amanye amazwe, ikakhulukazi lawo ase-Europe. Phambilini, kulo leli laboHlanga, sike sahlaziya ngokwentuleka kwenqubomgomo ezwakalayo evela kuHulumeni kaTrump mayelana nezwekazi.

Esakubeka ngukuthi, akukho okukhombisa uTrump njengoMengameli wase-USA onenhloso yokwakha ubudlelwano obunohlonze ne-Afrika. Wanqoba ukhetho ngezwi elithi inqubo yakhe izobhekana ngqo nezase-USA,  ayibiza nge‘America First’. Ngenye indlela, ukumgxeka kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba ubuholi bakhe bukhombisa ukuthi yinto azoyishaya indiva.

See Also

Kungaphinde kuphawulwe nokuthi selokhu athatha izintambo zombuso kuba yizimo lapho ekhulume amazwi aziswana lapho etholakala eveza uvo nge-Afrika noma ngaboHlanga. Lokhu ngezinye zezimpawu ezikhombisa ukuthi ofana noTrump udinga ukunganakwa, ngoba ukwenze njalo kungagcina sekudala ukuthi sikhohlwe ngokubalulekile okumele sizenzele kona singaboHlanga. Phezu kwalokho, kumele kube yithi aboHlanga sibambisene nabaholi bamazwe nezinhlaka ezikhona ezifana no-AU, esenza izinto ngendlela engeke imeme ukuba sithukwe  abafana noTrump. Ukwanda kwezakhamuzi zase-Afrika eziqoka ukudela impilo yazo, zithungatha okungcono kwamanye amazwe kumele kube yikho okusigqugquzela ukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuze amazwe ase-Afrika abe nokuthula nentuthuko ukuze naboHlanga babuyelwe yisithunzi.

Okubi ukuthi uTrump ukhulume la mazwi ngenyanga ebalulekile kwabangokubaduka e-Afrika abayizakhamuzi zase-USA lapho kubungazwa impilo kaMartin Luther King Jr, owayeyisishoshovu samalungelo abantu. UMartin Luther, uthwelwe ngeqoma emhlabeni wonke jikelele njengalowo owalwela ukuthi kube khona ukubuyisana phakathi kwezizwe ezahlukene, ikakhulukazi ezakhamuzini zase-USA. Amazwi afana nalawa kaTrump, akhombisa ukungabi nandada nendlela aboHlanga abahleli ngayo e-USA. Uma kunjalo, yini lena eyenza abaholi base-Afrika babone sengathi uTrump uzothinteka ngokumgxeka kwabo emuva kwamazwi okuthiwa uwaphimisile. Okukugcina, nokumele kungakhohlwa yikho ukuthi kuze kube manje uHulumeni kaTrump awukavezi inqubomgomo ecacile mayelana nendlela ofisa ukusebenzisana nokwakha ngayo ubudlelwane ne-Afrika, kanye namazwe athize. Kunokuba kudingidwe ukuthi iMelika, njengelinye lamazwe abalulekile, yini inhloso yayo ngalobudlelwano, kukhonjwana ngeminwe ngokungeke kusiyise phambili. Ngamanye amazwi, ake kugxilwe kubudlelwano obuzoqinisa, futhi beseke izinhlelo zokwakha izwekazi, kunokuba sizixake ngalabo abazivezayo  ukuthi basibona singelutho.

  •   UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Africa.
Scroll To Top