Ichitha imibiko yeFrance i-Iran ngezikhali zenuzi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Iran uMnu uMohammad Javad Zarif (osesithombeni), ngesonto eledlule uchithe imibiko eyenziwe iFrance yokuthi leli lizwe lisezinhlelweni zokwakha izikhali zayo zenuzi.
Ubize lo mbiko “ngombhedo ongenangqondo”.
UNgqongqoshe Wezangaphandle eFrance, uJean-Yves Le Drian, engxoxweni abe nayo nephephabhuku idu Dimanche elishicilelwa ngalo isonto eledlule, uthe i-Iran yakha amandla ezikhali zenuzi futhi kuyaphuthuma ukuthi i-Iran neMelika babuyele esivumelwaneni senuzi sangowezi-2005.
“Zakwethu othandekayo: uqale umsebenzi wakho weKhabhinethi ngokuthengisa ngezikhali ezigebengwini zempi eSaudi. Gwema ukukhuluma umbhedo ongenangqondo nge-Iran,” kusho uZariff enkundleni yokuxhumana uTwitter emyalezweni abewuqondise kuNgqongqoshe Wezangaphandle eFrance.
UHulumeni kaMengameli waseFrance, u-Emmanuel Macron, usuthole ukugxekwa ngamazwe kanye namaqembu amalungelo abantu ngenxa yokweseka kwawo izenzo zeSaudi Arabia nokuthi ivumele ukudayisela leli zwe izibhamu ebizozisebenzisa eYemen.
I-Iran, ephikayo ukuthi ifuna ukwenza amabhomu enuzi, isichithile isitatimende sesonto eledlule samaqembu amathathu anamandla asezwenikazi i-Europe abexwayisa leli zwe eliholwa ngenkolo yobuSulumane ngokuqala ukusebenza kukaphethiloli osuselwa ensimbini ye-Uranium abethi i-Iran yephule isivumelwano senuzi futhi lokhu kungaba nomthelela omubi kwezempi.
UZarif ugxeke iFrance, iGermany kanye neBritain abaqhubekayo nalesi sivumelwano neChina kanye neRussia, ngokwehluleka ukuphoqelela lesi sivumelwano kusukela ngowezi-2018 lapho obenguMengameli waseMelika uDonald Trump asishiya khona lesi sivumelwano wabuyisa unswinyo olunzima lwezomnotho ku-Iran.
Owanqoba ukhetho lwase-USA nyakenye, uMnu uJoseph Biden, ongene esikhundleni sobuMengameli kuleli sonto ufunge wagomela ukuthi uzobuyisela i-USA kulesi sivumelwano “uma i-Iran iqhubeka nokuhlonipha lesi sivumelwano” esasibeka imingcele eqinile emisebenzini yenuzi yaleli lizwe ukuzama ukubuyiselwa kokususwa kwezijeziso ezazibekiwe.
Ngokuphendula ingqubomgomo kaTrump “yengcindezi enkulu” iye yaqhubeka yaphula imikhawulo eminingi eyayibekwe yilesi sivumelano. Kepha i-Iran ithi ingazihlehlisa ngokushesha zonke lezi zinyathelo uma i-USA iqala isusa unswinyo lwayo.